1WA pendula uElifazi umTemani, wa ti,
2Umuntu ohlakanipileyo u kuluma umoya nje, a gcwalise isisu sake ngomoya wa sempumalanga na?
3A pikisane ngamazwi a nga sizi luto, na ngokukuluma a nge nako ukusiza ngako na?
4Yebo, u ya xotya ukwesaba, u vimbela ukukuleka pambi kuka Tixo.
5Ngoba umlomo wako u ya fundisa ukona kwako, u ya keta ulimi lwako nobuqili.
6Umlomo wako o ku lahlayo a si mina; izindebe zako zi ya fakaza ngawe.
7Uwe ini umuntu o wa zalwa kuqala? Wenziwa zi nga ka biko izintaba na?
8U zwile ini imfihlakalo ka Tixo na, u zi gcinele ukwazi wedwa na?
9Wazini e si ngayaziyo na? u qonda ntoni e ngeko kitina na?
10Ku kona kitina izimpunga namaxegu, a be kona nga pambili kuka yihlo.
11Iziduduzo zika Tixo zi ncane ini kuwe, namazwi a kulunywa kahle kuwe na?
12Ku ngani ukuba inhliziyo yako i ya ku mukisa na? amehlo ako a payizelani?
13Ukuba u guqukele uTixo ngenhliziyo yako, u kipe ngomlomo wako amazwi a nje na?
14Umuntu u yini, ukuba a be o hlanzekileyo? Naye o zelwe umfazi, ukuba a be o lungileyo na?
15Bheka a ka betembi nabaingcwele bake; nezulu a li mhlope emehlweni ake.
16Umuntuke mubi u ngcolile kangakanani, o puza ukona njengamanzi na?
17Ngi za ku kutyengisa, lalela loku e ngi ku bonileyo ngi za ku kutyela kona.
18Abahlakanipileyo a ba kuzwayo koyise a ba ku fihlanga;
19Umhlaba, o wa nikwa bona bodwa kwa ku ngeko umfokazi o wa e ba dabula.
20Isoni si hlupeka imihla yonke yaso, nomhlupi u bekelwe iminyaka e baliweyo.
21Ku kona udumo lokwesaba ezindhlebeni zake; lapo e hlezi kahle, u ya ku fikelwa umbulali.
22Ka kolwa ukuba u ya kupuma ebumnyameni u hlalelwa inkemba.
23U ya kuzulazula e funa ukudhla, e ti, Ku pi na? u yazi ukuba usuku lobumnyama se lu seduze naye.
24Ukuhlupeka nosizi ku ya ku mesabisa; ku ya kumahlula, njengenkosi e hlomele ukulwa;
25Ngokuba welulela isandhla sake kuTixo, u ya zikukumeza kuSomandhla.
26U gijima pezu kwake na sentanyeni, ngezihloko zezihlangu ezi kandeneyo;
27Ngokuba u mboze ubuso bake ngamafuta, a kulupalise ukalo lwake.
28U hlala emizini e citekileyo na sezindhlini ezi nga hlalwa muntu e se zi lungele ukudilika.
29Ka yi kuceba nemfuyo yake a i yi kuma, nengcebo yake a i yi kwanda emhlabeni.
30Ka yi kupuma ebumnyameni; ilangabi li ya kutyisa amagatya ake, na ngomoya womlomo wake, u ya kumuka.
31U kohlisekile, ma ngetembi ize; ngokuba umvuzo wake u ya kuba ize.
32Ku ya ku nqunywa ku nga ka bi isikati sake, igatya lake a li sa yi kuba luhlaza.
33U ya kuvutulula isinwazi sake si se luhlaza, njengevini, a lahle imbali yake njengomgwenya.
34Ngokuba ibandhla labadeleli li ya kuba ize, nomlilo wo qeda amadokodo enkohliso.
35Ba kulelwe ukushinga, ba zala ukona, isisu sabo si lungisa inkohliso.