1UMPEFUMLO wami se u file, imihla yami i pelile, amatuna a se ngi lungile.
2A ngi hlezi naba ngi hlekayo na? iso lami a li ku buki ukuhlupa kwabo na?
3Beka pansike u ngi tembise mina nawe ubani o nga vumelana nami, ngapandhle kwako na?
4Ngokuba inhliziyo yako u yi valele ekwazini ngako a u yi kubapakamisa.
5Onikela imihlobo kubapangi lapa, amehlo abantwana bake a ya fipala.
6U ngenzile ngi be isiga sabantu; se ngi odeliweyo ebusweni.
7Iso lami li fipele ngenxa yosizi, namalungu onke ami a njengesitunzi.
8Abaqoto ba ya mangala ngaloku, no nge nacala u ya vukela omubi.
9Kepa olungileyo u bambelele endhleleni yake, yena o nezandhla ezimhlope u yanda njalo.
10Kodwa nina nonke buyani ni ze noko a ngi yi kufumana noyedwa ohlakanipileyo ki nina.
11Imihla yami se i dhlulile, ukwetemba kwami kwa pukile, nemicabango yenhliziyo yami.
12Ba pendule ubusuku bu be imini; ukukanya ku seduze pambi kobumnyama.
13Uma ngi hlale, ituna li indhlu yami; ngendhlalile umbede wami ebumnyameni.
14Ngi te ekuboleni, wena wa ba ubaba; ngi te ezimpetwini, wena wa ba umame nodade wetu.
15Li pi itemba lami na? ukwetemba kwami, ubani okubonayo na?
16Li ya kutyona emgodini, lapo se si pumula kanye otulini.