1WA pendula uJobe, wa ti,
2Ko ze ku be nini ni hlupa umpefumlo wami, ni ngi hlaba ngamazwi?
3Se ku izikati ezi ishumi ni ngi sola; a ni nanhloni nokuba ni ya zenza, ni be lukuni kimi.
4Nokuba ngonile impela icala lami li kimina ngedwa.
5Nempela ni ya zikukumeza kimi ni qinisa ngami ihlazo lami na?
6Azinike ukuba uTixo o ngi citile, wa ngi pahla ngeneta lake.
7Bheka ngi ya kala ngi ti kubi; kodwa a ngi zwakali; ngi kalela ukusizwa kepa, ka ko o li tetayo icala.
8U yi biyele indhlela yami ngi nge dhlule, u bekile ubumnyama ezindhleleni zami.
9U ngapucile udumo lwami, wa susa umqele ekanda lami.
10U ngi citile emacaleni onke, se ngi pelile; u susile ukwetemba kwami njengomuti.
11U ngi vusele ulaka lwake, u ngi balile njengezita zake.
12Amabuto ake a hlangana, e ze kimi e vimbezele idokodo lami.
13U ba bekile kude nami abafo wetu, nabangane bami ba hlukene nami impela.
14Abakiti ba nyamalele, nezihlobo zami zi kohliwe imina.
15Abahlalayo kwami, nezincekukazi zami zi ti ngi ngumfokazi; ngi ngo wezizwe emehlweni abo.
16Ngi yi bizile inceku yami, a yi sabelanga; nga yi ncenga ngomlomo wami.
17Umoya wami u su mubi kumkami, nokuncenga kwami kubafo wetu.
18Yebo, abantwana aba amashingana ba ya ngi delela; nga suka, ba kuluma ngami.
19Nemihlobo yami yenhliziyo se ngi ya i nukela, nabo e nga ngi tandana nabo, se be ngi hlubukile.
20Itambo lami li namatele esikumbeni sami na senyameni yami ngi sinde ngamazinyo kodwa.
21O mihlobo yami! ngi haukeleni, ngi haukeleni; ngoba isandhla sika Tixo, si ngi patile.
22Ni ngi hlupelani njengaye uTixo, a ni suti ngenyama yami na?
23Sengati amazwi ami nga e baliwe! sengati nga e cindezelwa encwadini!
24Sengati nga e lotyiwe ngepeni lensimbi, na ngomtofu etyeni ku ze ku be u ngunapakade!
25Ngoba ngi yazi umkululi wami u kona, nokuba ekupeleni u ya kuma emhlabeni;
26Noko se u pelile umzimba wami, ngi ya ku m bona uTixo ngi nenyama yami.
27Ngi ya ku m bona uqobo lwami, ngawami amehlo, e nge siye e ngi nga maziyo; umpefumlo wami u ya pela esifubeni sami.
28Uma ni ti, Si ya ku m xotyisa kanjani na, ngoba isiqu sendaba si kimi?
29Ma ni yesabe inkemba; ngoba ulaka lu veza izinhlupo zenkemba, ukuba nazi ku kona ukutetwa kwamacala.