1KU ngani loku izikati a zi fihlekile kuSomandhla bona abamaziyo a ba boni imihla yake na?
2Ba kona a ba susayo imincele yezwe; ba panga imihlambi, ba yalusa;
3Ba quba injomane yezinkedama, ba tata inkabi yomfelokazi i be isitembiso.
4Abampofu ba ya ba kipa endhleleni; izihlupeki zomhlaba zi ya zitukusa ndawonye.
5Bheka, ba ya emisebenzini yabo njengezinjomane za sendhle ehlane; be vuka ekuseni ukufuna ukudhla, ubala ku bona lu indawo yokudhla kwabo nokwabantwana babo.
6Ba ya vuna ukudhla ensimini yezoni, ba kotoze isivini sazo.
7Abahambaze, ba ba lalisaze be nge nangubo emakazeni.
8Be manzi izihlambi za sezintabeni ba ya sondela edwaleni, be funa indawo yokupepela.
9Ba ya kumula izintandane ebeleni; ba tata okwabampofu ku be isitembiso.
10Ba ba hambisaze abadingayo ba betwese izinyanda be lambile.
11Abenza amafuta ezindhlini zabo; ba nyatele iziqamo zevini zabo be hlupeka ngokoma.
12Abafayo ba semzini ba ya bubula nompefumlo wabatyayiweyo u kale, noko uTixo a ka naki ubuula babo.
13Ba ilabo abahlubuka ekukanyeni, a ba zazi izindhlela zako, a ba hlali na semizileni yako.
14Umbulali e vuka ngovivi u ya bulala ompofu nodingayo, ebusuku u njengesela.
15Iso lesipingi li qapela ukuswelela, si ti a ngi yi kubonwa iso; si zimboza ubuso baso.
16Ebumnyameni ba ya fohla izindhlu bona ba ya zivalela emini, a ba kwazi ukukanya.
17Ukusa kubo bonke ku itunzi lokufa; uma baziwa, behlelwa ukwesaba ubumnyama bokufa.
18Ebusweni bamanzi u lula, emhlabeni si tukiwe isabelo sabo, a ka buyeli endhleleni yezivini.
19Ukoma nokufudumala ku ya kukula amanzi ka ngqoqwane, li njalo netuna kwaba izoni.
20Isisu si ya ku kohlwa uye, izimpetu zi mu dhle kamnandi a sa yi kukunjulwa njalo ububi bu ya kwapuka njengomuti.
21Yena o wa ye hlupa inyumba e nga zaliyo, o ngenzanga okuhle kumfelokazi.
22U ya bulala namaqawe ngamandhla ake, u yesuka, a nga bi ko o temba ukupila.
23U ya vunyelwa ukuba a hlale kahle, a qine kuko, noko amehlo ake a pezu kwezindhlela zabo.
24Ba ya pakanyiswa isikatyana nje, ba buye ba pele ba totyiswe, ba bube njengabo bonke abanye, ba ya nqunywa njengezihloko zezikwebu zamabele.
25Uma ku nge njalo kaloku; ubani o nga ngi tyaya o namanga nenshumayelo yami i be ize na?