ISAHLUKO 26
1KEPA uJobe wa pendula, wa ti,
2U m sizile kanjani o nge namandhla na? U yi sindisa kanjani, ingalo i nge namandhla na?
3U m yalile kanjani, o nge nakwazi na? U li pimisile kanjani iqiniso lendaba na?
4U wa shumayele kubani amazwi na? Umoya kabani o pume kuwe na?
5Izitunzi zabafayo ezi pansi kwamanzi zi ya tutumela nabake kona.
6Ihaidesi li vulekile pambi kwake, nendawo yokubujiswa a i nasisibekelo.
7Welula izulu la senyakato pezu kweze, u panyeka umhlaba ezeni.
8U ya bopa amanzi emafwini ake; namafu a ka hlukani pansi kwawo.
9U ya fihla isihlalo sake sokubusa, u yeneka ifu lake pezu kwaso.
10U biyele amanzi, ku ze ku pele imini, nobusuku.
11Izinsika zezulu zi ya tutumela, zimangale ngokuteta kwake.
12U ya vusa ulwandhle ngamandhla ake, na ngokuqonda kwake u ya nquma abaziqenyayo.
13Ngomoya wake izulu li ya kazimula, isandhla sake si bumbile inyoka ezi pindayo.
14Bhekake loku ku izinxenyana nje zezindhlela zake, ku zwakala ukunyenyeza okuncinyane kwake, kodwa udumo lwamandhla ake ubani o nga lu qondayo na?
Bible Society of South Africa 1893