1UNGA kipa ileviatani ngodobo na? nolimi lwake ngentambo o yehlisayo na?
2U nga faka udobo ekaleni lake na? u bobose umhlati wake ngomhluhluwe na?
3U ya kukuleka kaningi kuwe na? a kulume amazwi a tambileyo kuwe na?
4U ya kwenza uvumelwano nawe na? u ya kumenza a be inceku ku ze ku be pakade na?
5U ya dhlala naye njengenyoni na? u m bopele izincekukazi zako na?
6Abalobi abahlangeneyo ba nga m tenga ba buye ba tengise ngaye kwabanye abatengi na?
7U nga gcwalisa isikumba sake ngensimbi e cidjileyo na? nenhloko yake ngemikonto yezinhlanzi na?
8A ke u m pate nje, kumbula impi u nga pindi okunye.
9Bheka u kwetemba ukumbamba ku ize, ngokumbona nje umuntu u yesaba.
10A muko o nesibindi sokumvusa; Ubanike po o ngema pambi kwami na?
11Ubani o wa qala wa ngi pa ukuba ngi ku buyisele kuye na? loku konke oku nga pansi kwezulu ku ngokwami.
12A ngi yi ku wa fihla amalungu ake namandhla ake, nesimo sake esihle.
13Ubani o nga bonakalisa ubuso besivato sake na? ubani o nga ngena pakati kwemihlati yake na?
14Iminyango yobuso bake ubani o yi vulayo? nga semazinyweni ake ku yesabeka.
15Ukuziqenya kwake, ku izihlangu ezi namandhla zake, zi hlanganisiwe nesinamateliso esiqinisiweyo.
16Zi sondelene ku nge ngene umoya pakati kwazo.
17Zi hlangene, zi namatelene, a zi nakwahlukaniswa.
18Ukutimula kwake ku ya veza ukukanya; amehlo ake a njengokubeja kokusa.
19Emlonyeni wake ku puma izihlanti nezinhlansi zomlilo zi ya qatya.
20Emakaleni ake ku puma umusi, njengekanzi elibilayo, noma imbiza.
21Ukupefumla kwake ku ya pemba amalahle, ku puma ilangabi emlonyeni wake.
22Entanyeni yake ku hlala amandhla, ku kona ukwesabeka pambi kwake.
23Inyama yebilo lake i hlangene, i qinile a i zamazami.
24Inhliziyo yake i qinile njengetye, yebo i qinile njengetye lokusila eli ngapansi.
25Ekuzipakamiseni kwake abanamandhla ba yesaba ngenxa yevuso ba ye geja.
26Inkemba yake o m tyayo a i nakuma, nomkonto, nomcibityelo, nebantyi lensimbi.
27U ti insimbi, utyani, netusi, umuti obolileyo;
28Umcibityelo a u nakumbalekisa; amatye elengiso a njengezibi kuye.
29Imicibityelo i njengezibi u ya hleka ukuvivinywa komkonto.
30Ngapansi kwake ku kona amatye a cijileyo, wenza ngokungati izinto ezi cijileyo pezu kodaka.
31Wenza ulwandhle lu bile njengekanzi; wenza ulwandhle lu be njengembiza yamafuta.
32U shiya indhlela e kazimulayo emva kwake; umuntu, a nga ti ulwandhle lu ngwevu.
33Emhlabeni a kuko oku fana naye, o kwenziwa a kwa ba nakwesaba.
34U ya kubuka konke okupakemeyo; u inkosi pezu kwabo bonke abazidhlayo.