1WA pendula uJobe wa ti,
2Yebo, ngi yazi ukuba ku njalo; kepa umuntu a nga ba kanjani e lungile pambi kuka Tixo?
3Uma uTixo e tanda ukupikisana naye, ka ko namunye enkulungwaneni o nga m pendulayo.
4Yena u nenhliziyo ehlakanipileyo, u namandhla amakulu; ubani o ke wa ziqinisela ukulwa naye, e ngahluleki?
5Yena o susa izintaba, masinyane, u ya zi gumbuqela.
6U ya zamazisa umhlaba, u pume endaweni yawo, izinsika zawo zi tutumele;
7U ya yala ilanga, li nga pumi; u ya vimbela izinkanyezi kumnyama;
8Yena o yedwa eneka amazulu, u ya hambela emhlabeni, na selwandhle.
9Yena o zenza uUrsa Majori, noCwazibi, neSilimela namagumbi a seningizimu.
10Yena ozenzayo izinto ezinkulu ezi nge nako ukufunyanwa; yebo, izimangaliso ezi nge nako ukubalwa.
11Bheka, u ya dabula nga kimi, kepa a ngi m boni; u ya dhlula kodwa a ngi mu zwa.
12Yena u ya panga, ubani o nga m tiya? ubani o nga ti kuye, Wenzani?
13uTixo ka yi kubohlisa ulaka lwake, abazidhlayo ba ya kutobeka pansi kwake.
14Po! mina ngi nga m pendula kanjani, ngi kete amazwi a tize ukupikisana naye na?
15Noma be ngi ngcwele, ngi nge ze ngi m pendule, kodwa ngi nga nxusa.
16Uma nga be ngi memezile, yena wa be e ngi pendula; noko ngi nge ze ngi kolwe ukuba yena u be lalele izwi lami.
17Ngobane e ngi zuma ngesivunguvungu, u yandisa amanxeba ami, ngi nge nacala.
18Ka vumi ukuba ngi pefumle, kodwa u ya ngi gcwalisa ngomunyu.
19Uma ngi kuluma ngawo amandhla bheka, yena u nawo amandhla; Uma ngi kuluma ngokuteta amacala, ubani o za kungimisela isikati?
20Uma ngi zitetelela, umlomo wami wo ngi lahla; noma ngi ti, a ngi nacala, u ya kuti ngonile.
21Noma ngi nge nacala, ngi nge wazi umpefumlo wami; ngi nga dela ukupila kwami.
22Ku kunye, ngako ngi tyilo ukuti, u ya ba qeda nabalungileyo nabangalungile.
23Uma ku bulala usizi oluzumayo, u ya ku hleka izinhlupo zabo aba nge nacala.
24Umhlaba lo se u nikelwe esandhleni sabashingayo; u ya mboza ubuso babahluli bawo; uma e nge siye, ku ubani na?
25Imihla yami i tyetya ku nogijimayo; i ya pela i nga boni okuhle.
26I ya dhlula njengemikumbi yomhlanga; njengokozi olu tyetyayo ukuponseka ezilwaneni.
27Lapo ngi ti, ngi ya kukohlwa ukusola kwami, ngi ya ku peza ukukala, ngi tokoze;
28Ngi yesaba zonke izinhlupo zami, ngi yazi ukuba a ku yi ku ngi tetelela njengongenacala.
29Ngi ya kulahlwa, po, ngi sebenzelani na?
30Uma ngi ya zigeza ngamanzi ka ngqoqwane, izandhla zami ngi zi hlanze ngensipo;
31Kona u ya kungicwilisa emgodini, izingubo zami zi ngi dele.
32Ngoba yena ka siye umuntu, njengami, ukuba ngi m pendule, si hlangane ku tetwe icala letu.
33Futi ka ko o ngahlula pakati kwetu; o nga beka izandhla zake pezu kwetu sobabili.
34Ma yi suse induku kimi, itwetwe lake ma li nga ngetusi;
35Kona ngi nga kuluma, ngi nga mesabi; ngoba ku nge njalo kimi.