ISAHLUKO 2
1LAPO uJona wa tandaza kuye uJehova uTixo wake e sesiswini senhlanzi.
2Wa ti yena, Nga kala ekuhlupekeni kwami kuJehova, yena wa ngi pendula; esiswini sa seSheoli nga nxusa, wa li zwa izwi lami wena.
3Ngokuba wa be u ngi ponsele ebudeni, enhliziyweni yolwandhle; umsinga wa ngi zungeza; onke amaza ako nezikukula zako za dhlulela pezu kwami.
4Lapo nga ti, ngi lahliwe emehlweni ako, kodwa ngo pinda ukubheka kulo itempeli lako eli ingcwele.
5Amanzi a ngi zungeza, umpefumlo wami: ulwandhle lwa ngi haqa, izinhlanga za songwa ekanda kimi.
6Ngehlela emikaulweni ezansi kwezintaba: umhlaba u nomvalo wawo wa wu sekuzungezeni kimi njalo, kepa u kupulile ubomi bami emgodini, Jehova Tixo wami.
7Lapo umpefumlo wami wa u nesiyezi, nga m kumbula uJehova, wa ti umtandazo wami wa fika kuwe, etempelini eli ingcwele lako.
8Bona a ba naka oku ize kwamanga ba shiya ukuhaukelwa kwabo.
9Kodwa ngo nikela kuwe ngezwi lokubonga; ngo koka loko e ngi ku fungileyo; ukusindiswa ku vela kuJehova.
10Lapo uJehova wa kuluma kuyo inhlanzi, ya ti ya m hlanza uJona emhlabatini o womileyo.
Bible Society of South Africa 1893