1UJOSHUA wa e semdala e nezinsuku; uJehova wa ti kuye, Wena u su m dala, u nezinsuku, kepa izwe lokudhliwa eli seleyo li kulu kakulu.
2Leli li izwe eliseleyo; amazwe onke amaFilisti, nalo lonke iGeshuri,
3Ku suka eSihori, eli nga pambili kwEgipite, ku ze ku fike emkaulweni wa seHekroni, nga senyakato, izwe eli tiwa elamaKenani; amakosi amahlanu amaFilisti; amaGaza, namaAshdodi, namaAshkeloni, amaGiti, namaHekroni, namaHavi;
4Nga seningizimu; izwe lonke lamaKenani, neMehara, eli ngelamaZidoni, ku ze ku fike eAfeki, ku ze ku fike emkaulweni wamaAmori;
5Nezwe lamaGibli, nalo lonke iLebanoni, nga sempumalanga, ku suka eBalgadi pansi kwentaba ya seHermoni ku ze ku ngene eHamati.
6Abantu bonke ba sezintabeni, ku suka eLebanoni ku ze ku fike eMisrefotmaima, namaZidoni onke, ngi ya ku wa xotya pambi kwabakaIsraeli; kepa ba babele abaIsraeli izwe ngenkato, ba li fuye njengokukuyala kwami.
7Zabeleke izizwe ezi shiyagalolunye nenxenye yesizwe sika Manasa lelizwe, zi li fuye.
8AmaRubeni namaGadi kanye nayo a lamkela izwe labo, a wa nika lona uMosi ngapesheya kweJordani ngasempumalanga, njengokuba uMosi, inceku ka Jehova, wa wa nika;
9Ku suka eHaroeri, eli nga sogwini lomfula iArnoni, nomuzi o pakati komfula, netafa lonke la seMedeba ku ze ku fike eDibone;
10Nemizi yonke ka Sihoni, inkosi yamaAmori, owa busa eHeshbone ku ze ku fike emkaulweni wabaka Amoni;
11NeGiladi, nomkaulo wamaGeshuri namaMaka, nayo yonke intaba, iHermoni, neBashani lonke ku ze ku fike eSalka.
12Umbuso wonke ka Hogi eBashani, owa busa eAstarote na seEdrei; yena wa sala kuyo insalo yamaRafa; lawo uMosi a wa bulala, wa wa xotya.
13Kepa abaka Israeli a ba xotyanga amaGeshuri namaMaka; amaGeshuri namaMaka akile pakati kwabaIsraeli ku ze ku be namhla.
14Kodwa isizwe sika Levi ka si nikanga izwe; iminikelo ka Jehova uTixo ka Israeli i imfuyo yaso, njengokutyo kwake kuso.
15uMosi wa si nika isizwe sabaka Rubeni ngenzalo yabo.
16Umkaulo wabo wa suka eAroeri, eli nga sogwini lomfula iArnoni, nomuzi o pakati komfula, netafa lonke la seMedeba;
17iHeshbone, nemizi yonke yalo e setafeni, iDibone, neBamotebali, neBetebalmeoni,
18neJahaza, neKedemoti, neMafati,
19neKirjathaimi, neSibma, neZaretishahari entabeni ya sesihlanjeni,
20neBeth-peori, nesigodi za sePisga, neBeth-jesimote,
21Nemizi yonke yetafa, nombuso wonke ka Sihoni, inkosi yamaAmori, owa busa eHeshbone, a m bulalayo uMosi, kanye namakosana a seMidiani, uEvi, noRekemu, noZuri, noHuri, noReba, izinduna zika Sihoni, zakile ezweni.
22Naye uBalami, indodana ka Beori, isanusi, ba m bulala abantwana baka Israeli ngenkemba kanye nabo ababulawa ibo.
23Umkaulo wabaka Rubeni wa u iJordani, nomkaulo walo. Leli la li izwe labantwana baka Rubeni, ngenzalo yabo, imizi nemizana yabo.
24uMosi wa si nika isizwe sika Gadi, abantwana baka Gadi, ngenzalo yabo.
25Umkaulo wabo wa u iJazeri, nemizi yonke ya seGiladi, nenxenye yezwe labantwana baka Amoni ku ze ku fike eAroeri eli nga pambili kweRaba;
26Ku suka eHeshbone ku ze ku fike eRamatimizpa, neBetonimi; ku suka eMahanami ku ze ku fike emkaulweni wa seDebiri;
27Na sesihlanjeni, iBetaramu, neBeth-nimra, neSukoti, neZafoni, nensalo yombuso ka Sihoni, inkosi ya seHeshbone, iJordani nomkaulo walo, ku ze ku fike ekupeleni kolwandhle lwa seKinereti, nga pesheya kweJordani nga sempumalanga.
28Leli li izwe labantwana baka Gadi, ngenzalo yabo, imizi nemizana yabo.
29uMosi wa i nika inxenye yesizwe sika Manasa izwe, la li elenxenye yesizwe sabaka Manasa ngenzalo yabo.
30Umkaulo wabo wa suka eMahanami, iBashani lonke, umbuso wonke ka Hogi, inkosi wa seBashani, nayo yonke imizi ka Jaire, e seBashani, imizi emashumi a isitupa.
31Nenxenye yeGiladi, neAstarote, neEdrei, imizi yombuso ka Hogi, eBashani, ya i eyabantwana baka Makiri, indodana ka Manasa, eyenxenye yabaka Makiri ngenzalo yabo.
32Lawa a ngamazwe a wabayo uMosi ematafeni ka Moabi, nga pesheya kweJordani, nga seJeriko, nga sempumalanga.
33Kepa uMosi ka si nikanga isizwe sika Levi izwe; uJehova uTixo ka Israeli u imfuyo yabo, njengokutyo kwake kubo.