1KWA ku kona izwe lesizwe sika Manasa; ngokuba yena wa e ngowamazibulo ka Josefa; ukuti, elika Makiri owamazibulo ka Manasa, uyise kaGiladi, ngokuba wa e ngumuntu wempi; wa e neGiladi neBashani.
2Kwa ku kona izwe labanye abaka Manasa ngenzalo yabo, elabantwana baka Abiezeri, nelabantwana baka Heleki, nelabantwana baka Asrieli, nelabantwana baka Shekemi, nelabantwana baka Heferi, nelabantwana baka Shemida; laba ba be ngabantwana besilisa baka Manasa, indodana ka Josefa, ngenzalo yabo.
3uZelofehade, indodana ka Heferi, indodana ka Giladi, indodana ka Makiri, indodana ka Manasa, we e nge nabafana, wa e namantombazana odwa lawa a ngamagama amantombazana ake, uMala, noNoa, uHogla, uMilka, noTirza.
4Ba ya ba sondela pambi kuka Elezari umpristi, na pambi kuka Joshua indodana ka Nuni, na pambi kwamakosi, ba ti, uJehova wa yala uMosi ukuba a si nike izwe pakati kwabafo wetu, ngako wa ba nika izwe pakati kwabafo wabo baka yise njengokutyo kuka Jehova.
5uManasa wamkeliswa izabelo ezi ishumi, ngapandhle kwezwe la seGiladi neBashani, eli ngapesheya kweJordani.
6Ngokuba amadodakazi ka Manasa amkeliswa izwe pakati kwamadodana ake, amanye amadodana ka Manasa a e nezwe la seGiladi.
7Umkaulo ka Manasa wa suka eAsheri wa ya eMikmeta, eli ngapambi kweShekemi; umkaulo wa ya ngakwesokunene ebantwini ba seEntapua.
8uManasa wa e nezwe la seTapua; kepa iTapua, eli semkaulweni ka Manasa ba be nalo abantwana baka Efraimi.
9Umkaulo wehlela emfuleni wa seKana, nga seningizimu komfula. Lemizi ya i eka Efraimi, pakati kwemizi ka Manasa; umkaulo ka Manasa wa u kona na nga senyakato komfula; ukugcina kwawo kwa ku selwandhle.
10Nga seningizimu kwa ku izwe lika Efraimi, nga senyakato kwa ku elika Manasa; ulwandhle lwa lu umkaulo wake; ba fikela kwaAsheri nga senyakato, na kwaIsakari nga sempumalanga.
11KwaIsakari na kwaAsheri uManasa wa e neBetshani nemizana yalo, neIblamu nemizana yalo, nabantu ba seDori nemizana yalo, nabantu ba seEndori nemizana yalo, nabantu ba seTahanaki nemizana yalo, nabantu ba seMegido nemizana yalo, imizi emitatu epakamileyo.
12Abaka Manasa ba be nge namandhla okwahlula leyomizi; amaKenani a tanda ukuhlala ku lelozwe.
13Kwa ti, abaka Israeli, lapo se be namandhla, ba wa telisa amaKenani ukuba a konze ngokusebenza; a ba wa xotyanga.
14Abaka Josefa ba tyo kuJoshua, ba ti, U ngi nikeleni isabelo sinye, izwe lami li be linye kupela, loku ngi isizwe esikulu, loku uJehova u ngi busisile ku ze ku be manje?
15uJoshua wa ti kubo, Uma u isizwe esikulu suka u ye ehlatini, u zigaulele kona ezweni lamaPerizi nelamaRafa, uma intaba ka Efraimi i nga kwanela.
16Abaka Josefa ba ti, Lentaba a i saneli amaKenani onke akileyo ezweni la sesihlanjeni a nezinqola zensimbi, lawo a seBetshani nemizi yalo, na lawo a sesihlanjeni sa seJezreli.
17uJoshua wa tyo kwabaka Josefa, kuEfraimi na kuManasa, wa ti, U isizwe esikulu, u namandhla amakulu, a u yi kuba nezwe linye kupela;
18Kepa intaba yo ba eyako; i ihlati; wo li gaula, izinkalo zalo zo ba ezako; ngokuba u ya kuxotya amaKenani, noma e nezinqola zensimbi, noma e namandhla kakulu.