1KWA se ku sondela izikulu za oyise babaLevi beza kuEleazari umpristi, na kuJoshua indodana ka Nuni, na kuzo izikulu zezizwe zabaka Israeli;
2Za tyo kubo eShilo ezweni la seKenani, za ti, uJehova wa tyo ngaye uMosi ukuba si piwe imizi, si hlale kuyo, namadhlelo ayo a be awezinkomo zetu.
3AbakaIsraeli ba se be ba pa ezweni labo lemizi namadhlelo ayo njengokutyo kuka Jehova.
4Kwa puma inkato yezindhlu zabaka Kohati; abaka Aroni, umpristi, ba kwaLevi, babelwa ngenkato esizweni sa kwaJuda, na sesizweni sa kwaSimeoni, na sesizweni sa kwaBenjamini, imizi e ishumi nantatu.
5Abaseleyo kwabaka Kohati babelwa ngenkato ezindhlini zesizwe sa kwa Efraimi, na sesizweni sika Dani, na sesizweni sika Manasa, imizi e ishumi.
6Abaka Gershoni babelwa ngenkato ezindhlini-zesizwe sika Isakari, na sesizweni sika Asheri, na sesizweni sika Naftali, na kuyo inxenye yesizwe sika Manasa eBashani, imizi e ishumi nantatu.
7Abaka Merari ngezindhlu zabo babelwa esizweni sika Rubeni, na sesizweni sika Gadi, na sesizweni sika Zebuloni, imizi e ishumi nambili.
8Abaka Israeli ba babela ngenkato abaLevi lemizi namadhlelo ayo, njengokutyo kuka Jehova ngoMosi.
9Kwabelwa esizweni sabaka Juda, na sesizweni sika Simeoni, lemizi e tyiwo lapa ngamagama,
10Ababelwa yona abaka Aroni, bezindhlu zabaka Kohati, baka Levi; ngokuba inkato yokuqala ya i ngeyabo.
11Ba ba nika nomuzi ka Arba, uyise ka Anaki, o iHebroni entabeni ya kwaJuda, namadhlelo awo a ngakona.
12Kepa amasimu omuzi nemizana yawo ba i nika uKalebi indodana ka Jefuna, ku be owake.
13Ba ba nika abaka Aroni iHebroni namadhlelo alo, li be umuzi wokuba ku balekele umbulali, neLibna namadhlelo alo,
14neJatiri namadhlelo alo, neEshtemoa namadhlelo alo,
15neHoloni namadhlelo alo, uDebiri namadhlelo alo,
16neAine namadhlelo alo, neJuta namadhlelo alo, neBetshemeshi namadhlelo alo, imizi eshiyangalolunye kulezozizwe ezibili;
17Na sesizweni sika Benjamini iGibeoni namadhlelo alo, neGeba namadhlelo alo,
18neAnatoti namadhlelo alo, neAlmoni namadhlelo alo; imizi emini.
19Imizi yonke yabaka Aroni, abapristi, ya i imizi e ishumi nantatu namadhlelo ayo.
20Abezindhlu zabaka Kohati, abaLevi abaseleyo kwabaka Kohati, ba be nemizi yenkato yabo esizweni sika Efraimi.
21Ba ba nika neShekemi namadhlelo alo entabeni ka Efraimi, li be umuzi wokuba ku balekele umbulali; neGezeri namadhlelo alo,
22neKibzaimi namadhlelo alo, neBeti-horoni namadhlelo alo; imizi emine;
23Na sesizweni sika Dani, iElteke namadhlelo alo, neGibetoni namadhlelo alo,
24iAjaloni namadhlelo alo, neGatrimoni namadhlelo alo; imizi emine;
25Na kuyo inxenye yesizwe sika Manasa, iTanaki namadhlelo alo, neGatrimoni namadhlelo alo; imizi emibili.
26Imizi yonke ya i ishumi namadhlelo ayo yezindhlu eziseleyo zabaka Kohati.
27Na kuyo inxenye yesizwe sika Manasa, ba ba nika abaka Gershoni iGolani eBashani namadhlelo alo, li be umuzi wokuba ku balekele umbulali, neBeshtera namadhlelo alo; imizi emibili;
28Na sesizweni sika Isakari, iKishoni namadhlelo alo, neDaberati namadhlelo alo,
29neJarmuta namadhlelo alo, neEnganimi namadhlelo alo; imizi emine;
30Na sesizweni sika Asheri, iMishali namadhlelo alo, neAbdoni namadhlelo alo,
31neHelkati namadhlelo alo, neRehobi namadhlelo alo, imizi emine;
32Na sesizweni sika Naftali, iKedeshi eGalile, namadhlelo alo, li be umuzi wokuba ku balekele umbulali; neHamotdori namadhlelo alo, neKartani namadhlelo alo, imizi emitatu.
33Imizi yonke yabaka Geshoni, ngezindhlu zabo, ya i imizi e ishumi nantatu namadhlelo ayo.
34Na sesizweni sika Zebuloni, ba ba nika abaka Merari, abaseleyo kubaLevi, iJokneamu namadhlelo alo, neKarta namadhlelo alo,
35neDimna namadhlelo alo, neNahalali namadhlelo alo; imizi emine;
36Na sesizweni sika Rubeni, iBezeri namadhlelo alo, neJahaza namadhlelo alo,
37neKedemoti namadhlelo alo, neMefati namadhlelo alo, imizi emine;
38Na sesizweni sika Gadi, iRamoti eGiladi namadhlelo alo, li be umuzi wokuba ku balekele umbulali, neMahanaimi namadhlelo alo,
39neHeshbone namadhlelo alo, neJazeri namadhlelo alo; i yonke i imizi emine.
40Imizi yonke yabaka Merari ngezindhlu zabo, abaseleyo ezindhlini zabaLevi, ya i imizi e ishumi nambili ngenkato yayo.
41Imizi yonke yabaLevi e sezweni labaka Israeli ya i imizi emashumi amane nashiyagalombili namadhlelo ayo.
42Lemizi ya i namadhlelo a ngakona kuyo, imizi ngemizi. Kwa ku njalo kuyo yonke lemizi.
43uJehova wa ba nika abaka Israeli izwe lonke a e fungile ngalo ukubanika oyise babo lona; ba lamkela, ba hlala kulo.
44uJehova wa ba pumuza inxa zonke, njengako konke a be fungile ngako koyise babo; kwa ku nge ko muntu eziteni zonke zabo o wema pambi kwabo.
45A ku putanga uto kuko konke okulungileyo a ku tyoyo uJehova kwabaka Israeli; kwa pelela konke.