1KWA ti, amakosi onke, a e ngapesheya kweJordani, ezintabeni, na sematafeni, na nga sogwini lolwandhle olukulu, olu bhekana neLebanoni, amaHiti, namaAmori, namaKenani, namaPerizi, namaHivi, namaJebusi, se e zwile loku.
2A butana ndawonye ukulwa noJoshua nabaIsraeli, nganhliziyonye.
3Abakileyo eGibeoni, se be zwile loko a be kwenzile uJoshua eJeriko na seHai,
4Ba suka benza ngobuqili, nabo ba ya ba zilungisela ukudhla, ba tabata ezimbongolweni zabo amasaka a gugileyo, nezimvaba zewaini ezigugileyo, zi dabukile, zi botyiwe;
5Nezicatulo ezigugileyo, zi iziziba, ezinyaweni zabo, nezingubo ezigugileyo pezu kwabo; ukudhla konke kompako kwa komile, ku imvutu.
6Ba ya kuJoshua ekamu la se Gilgali, ba ti kuye na kubantu bakaIsraeli, Si vela ezweni eli kude; a ke nenze isivumelwano nati.
7Abantu baka Israeli ba ti kuwo amaHivi, Mhlaumbe nakile pakati kwetu, si ngenza kanjani isivumelwano nani.
8Ba ti kuJoshua, Si izinceku zako. uJoshua wa ti kubo, Ni ngobani? ni vela ngapi?
9Ba ti kuye, Izinceku zako zi vela ezweni eli kude kakulu, ngenxa yegama lika Jehova uTixo wako; ngokuba si zwile udumo lwake, nako konke a kwenzayo Egipite,
10Nako konke a kwenzayo kuwo amakosi amabili amaAmori a e ngapesheya kweJordani, uSihoni inkosi ya Heshbone, noHogi inkosi ya seBashani, eya i kona eAshtaroti.
11Abadala ba kiti, nabo bonke abakileyo ezweni la kiti ba tyo kiti, ba ti, Tabatani ezandhleni zenu umpako wendhlela, ni ye ni ba hlangabeze, ni ti kubo, Si izinceku zenu; a ke nenze isivumelwano nati.
12Lokukudhla kwetu kompako, sa ku tabata, ku tyisa, ezindhlini zetu, ngosuku esa puma ngalo ukuza kini; kepa kaloku, bheka, komile, ku imvutu;
13Lezizimvaba zewaini esa zi gcwalisa zi zintya, kepa, bheka, zi dabukile; na lezizingubo nezicatulo zetu se zi gugile ngenxa yendhlela ende kakulu.
14Abantu ba tabata umpako wabo, a ba buzanga intando ka Jehova.
15uJoshua wa ba vumela, wenza isivumelwano nabo ukuba ba pile; izinduna zesizwe za funga kubo.
16Kwa ti ngasemva kwezinsuku ezintatu, se be senzile isivumelwano nabo, bezwa ukuti bakelene nabo, ba hlezi pakati kwabo.
17Abantwana baka Israeli ba suka, ba fika emizini yabo ngosuku lwesitatu. Imizi yabo ya i iGibeoni, neKepira, neBerota, neKirjatijearimu.
18Abaka Israeli a ba ba bulalanga, ngokuba izinduna zomhlangano za zi fungile kubo uJehova uTixo ka Israeli. Umhlangano wonke wa sola izinduna.
19Izinduna zonke za ti kuso sonke isizwe; Si fungile kubo uJehova uTixo ka Israeli, a si se nakubatinta.
20Si ya kwenza loku, si ya ba yeka, ba pile, funa sehlelwe ulaka ngenxa yesifungo esa funga ngaso kubo.
21Izinduna za ti kubo, Ma ba pile. Ba ba abagauli bemiti nabaki bamanzi kuso sonke isizwe, njengokutyo kwezinduna kubo;
22uJoshua wa ba biza, wa tyo kubo, wa ti, Ni si kohliseleni, ngokuti, Si hlala kude kakulu nani, kepa nakile pakati kwetu.
23Ngako se ni tukiwe; a ku yi ku nqamuki kini aba izigqili, nabagauli bemiti, nabaki bamanzi kuyo indhlu ka Tixo wami.
24Ba m pendula uJoshua ba ti, Impela izinceku zako za tyelwa ukuti, uJehova uTixo wako wa yala uMosi inceku yake, ukuba a ni nike izwe lonke, nokuba a ba cite pambi kwenu bonke abakileyo ezweni; be si novalo olukulu ngani, funa si fe, senza loku.
25Kaloku, bheka, si sesandhleni sako; yenza kitina okulungileyo nokufaneleyo ngokubona kwako.
26Wenza njalo kubo; wa ba sindisa esandhleni sabaka Israeli, a ba ba bulalanga.
27Ngalolosuku uJoshua wa benza abagauli bemiti nabaki bamanzi emhlanganweni, na selatini lika Jehova, ku ze ku be namhla, endaweni e ya kuketwa uye.