1YEKA, ku fipele igolide! igolide elihle li pendukile! amatye a ngcwele a citiwe ekuqaleni kwezitalati zonke.
2Amadodana amahle a seZioni, a linganiseka negolide elihle; yeka, ku tiwa a izitya zebumba, umsebenzi wezandhla zombumbi.
3Namankentyane a nikela ibele, anyisa amazinyane awo: intombi yabantu bami ya ba nonya, njengezintye za sehlane.
4Ulimi lwengane e ncelayo lwa namatela emalakeni ayo ngokoma: abantwana ba cela isinkwa, kepa kwa ku nge ko o ba hlepulelayo.
5Labo aba be dhla okumnandi ba fa ezitalatini: aba be singatwa ngokubomvu ba hlala ezibini.
6Ngokuba icala lentombi yabantu bami li kulu ku nesono sa seSodoma, ela citwa ngokupazima kweso, li ngehlelwa nasandhla.
7Izikulu zalo za zi cwebile ku neqwa, za zi mhlope ku nobisi, za zi bomvu ku namakorali ngomzimba; isimo sazo sa si isafire.
8Ukuma kwazo kwa ba mnyama ku nobumnyama; za zi ngaziwa ezitalatini: isikumba sazo sa namatela ematanjeni azo, soma njengoti.
9Kwa ncono kwababulewe ngenkemba ku na kwababulewe ngendhlala: ngokuba laba ba ya pela, be hlatyiwe, be nge nakudhla kwensimu.
10Izandhla zabafazi abamnene za peka abantwana babo; ba ba ukudhla kwabo ekucitekeni kwentombi yabantu bami.
11uJehova wa feza ulaka lwake, wa tulula ukutukutela kwake okukulu; wa pemba umlilo eZioni, wa qeda izisekelo zalo.
12Amakosi omhlaba ka kolwanga, nabantu bonke bezwe, ukuti, ku za kungena impi nezita emasangweni eJerusalema.
13Ngezono zabaprofeti, na ngamacala abapristi, aba cita igazi labalungileyo pakati kwalo.
14Ba dengezela njengezimpumpute ezitalatini, be ngcolile ngegazi, zi nge nakupatwa izingubo zabo.
15Kwa menyezwa kubo, ku tiwa, Sukani; ni ngcolile; sukani, sukani, ni nga namati: lapo be baleka ba dengezela; kwa tiwa kwabezizwe, A ba sa yi kuhlala kona.
16Ulaka luka Jehova lwa ba hlakaza; ka sa yi kubabheka; abantu ka ba hlonipanga abapristi, ka ba tusanga amalunga;
17Tina, amehlo etu a pela, si sa bheka ukusiza oku ize: ekulindeni kwetu sa linda isizwe esi nge nakusisindisa.
18Ba qapela izinyawo zetu, ukuba si nga yi ezitalatini zetu: ukupela kwetu kwa ku sondela, izinsuku zetu za pelela; yebo, ukupela kwetu kwa ku fikile.
19Aba si xotyayo ba be namajubane ku nezinkozi za sezulwini: ba si xotya ezintabeni, ba si lalela ehlane.
20Umoya wamakala etu, ogcotyiweyo ka Jehova, wa banjwa emagebeni abo, e be si ti ngaye, Si ya kupila emtunzini wake ezizweni.
21Tokoza, u jabule ntombi ya seEdomi eyakileyo ezweni la seUze; indebe i ya kudhlulela na kuwe; u ya kudakwa, u zenze bunqunu.
22Ku pelile ububi bako, ntombi ya seZioni; ka yi kupinda, a ku tumbe. U ya kubheka ububi bako ntombi ya seEdomi: u ya kwambulula izono zako.