1UJEHOVA wa tyo kuMosi, wa ti,
2Lo u ngumteto welepero ngosuku lokuhlanjululwa kwalo;
3Ka letwe kumpristi; umpristi ka pume ekamu; umpristi a m bheke, ko ti, uma ibala lobulepero li polile kulo ilepero;
4Kona umpristi ka tyo ukuba a tatelwe yena o za ku hlanjululwa izinyoni ezimbili ezizwayo, ezihlambulukileyo, nomerezi, nokubomvu, nomezobi;
5Umpristi ka tyo ukuba enye inyoni i hlatywe esityeni sebumba pezu kwamanzi aluhlaza;
6Inyoni ezwayo a i tabate kanye nomerezi, nokubomvu, nomezobi, a fake lezizinto kanye nenyoni ezwayo egazini lenyoni e hlatyiweyo pezu kwamanzi aluhlaza;
7A m fafaze kakombisa yena o za kuhlanjululwa kubo ubulepero, a tyo a ti, u hlambulukile, a yeke inyoni ezwayo i zihambele endhle.
8O za kuhlanjululwa ka hlanze izivato zake, a pucule zonke izinwele zake, a geze ngamanzi, ukuba a hlambuluke; kona a keze ekamu, a hlale ngapandhle kwetente lake izinsuku ezi isikombisa.
9Ko ti ngosuku lwesikombisa a pucule zonke izinwele zekanda lake, nesilevu sake, namashiyi ake, a pucule zonke izinwele zake, a hlanze izingubo zake, a geze umzimba wake ngamanzi, wo ba e se hlambulukile.
10Ngosuku lwesikombisa ka tabate izinqama ezimbili ezintya, ezi nge nacala, nemvu yensikazi e nomnyaka munye e nge nacala, nokweshumi okutatu kweefa lempupu enhle, i be umnikelo wempupu, u telwe amafuta, nelogi lamafuta.
11Umpristi o za kumhlambulula ka m lete o za kuhlanjululwa na lezizinto pambi kuka Jehova, emnyango wetabanekele lokuhlangana;
12Umpristi a tabate enye inqama, a i nikele, i be umnikelo wecala, kanye nelogi lamafuta, a ku zulise ku be umnikelo pambi kuka Jehova;
13A hlabe inqama endaweni lapa e hlaba kona umnikelo wesono nomnikelo wokutyiswa, endaweni engcwele; ngokuba umnikelo wecala u ngowompristi njengomnikelo wesono; u ngcwelengcwele;
14Umpristi a tabate igazi kuwo umnikelo wecala, umpristi a li beke esitinzini sendhlebe yokunene yake o za kuhlanjululwa, na sesitupeni sesandhla sake sokunene, na sozwanini olukulu lonyawo lwake lokunene;
15Umpristi a tabate amafuta kulo ilogi lamafuta, a wa tele entendeni yesandhla sake sokohlo;
16Umpristi a fake umunwe wake wokunene emafuteni a sesandhleni sokohlo, a fafaze ngawo pambi kuka Jehova kakombisa ngomunwe wake;
17Umpristi a tabate amafuta kuwo a seleyo esandhleni sake, a wa beke esitinzini sendhlebe yokunene yake o za kuhlanjululwa, na sesitupeni sesandhla sake sokunene, na sozwanini lwake olukulu lokunene, egazini lomnikelo wecala;
18Namafuta a seleyo esandhleni sompristi a wa beke ekanda lake o za kuhlanjululwa; umpristi a m hlaulele pambi kuka Jehova.
19Umpristi a nikele umnikelo wesono, a m hlaulele yena o za kuhlanjululwa ku pele ukungcola kwake; a be se hlaba umnikelo wokutyiswa;
20Umpristi a nikele umnikelo wokutyiswa nomnikelo wempupu elatini; umpristi a m hlaulele, a hlambuluke.
21Kepa uma e mpofu, e nge nakuzuza loku, ka tabate inqama enye, i be umnikelo wecala, u zuliswe, a hlaulelwe, nokweshumi kweefa lempupu, i telwe amafuta, ku be umnikelo wempupu, nelogi lamafuta.
22Namahobe amabili, noma amavukutu amabili amatya, njengamandhla ake okuzuza, elinye li be umnikelo wesono, nelinye li be umnikelo wokutyiswa.
23Ngosuku lweshiyagalombili lokuhlanjululwa kwake a wa lete kumpristi emnyango wetabanekele lokuhlangana, pambi kuka Jehova.
24Umpristi ka tabate inqama yomnikelo wecala, nelogi lamafuta, umpristi a ku zulise, ku be umnikelo wokuzuliswa pambi kuka Jehova;
25A hlabe inqama yomnikelo wecala, umpristi a tabate igazi kulo elomnikelo wecala, a li beke esitinzini sendhlebe yobunene yake o za kuhlanjululwa, na sesitupeni sesandhla sake sokunene, na sozwanini olukulu lonyawo lwake lobunene;
26Umpristi a tele amafuta entendeni yesandhla sake sokohlo;
27Umpristi a fafaze ngamafuta a sesandhleni sake sokohlo kakombisa pambi kuka Jehova ngomunwe wake;
28Umpristi a tabate amafuta kuwo a sesandhleni sake, a wa beke esitinzini sendhlebe yokunene yake o za kuhlanjululwa, na sesitupeni sesandhla sake sokunene, na sozwanini olukulu lonyawo lwake lokunene, endaweni yegazi lomnikelo wecala;
29Namafuta a seleyo esandhleni sompristi ka wa beke ekanda lake o za ku hlanjululwa, a m hlaulele pambi kuka Jehova.
30A nikele elinye ihobe; noma elinye ivukutu, njengamandhla ake okuwazuza;
31Njengamandhla ake okuwazuza, elinye li be umnikelo wesono, elinye li be umnikelo wokutyiswa, kanye nomnikelo wempupu; umpristi a m hlaulele yena o za kuhlanjululwa pambi kuka Jehova.
32Lo u ngumteto wake o nebala lobulepero, o nge nakuzuza loko a nga hlanjululwa ngako.
33Ujehova wa tyo kuMosi na kuAroni, wa ti,
34Nxa ni fikile ezweni la seKenani, engi ni nika lona li be izwe lenu, ngi tele ibala lobulepero endhlini ya sezweni lenu;
35Keze umninindhlu, a tyo kumpristi a ti, Ngi bona ku nga ti ku kona ibala lobulepero endhlini;
36Kona umpristi ka yale ukuba ku kitywe impahla endhlini, umpristi e nga ka ngeni ukubheka ibala, ukuba konke oku sendhlini ku nga ngcoli; kona umpristi ka ngene, a bheke indhlu;
37A bheke ibala, ko ti, uma ibala li sezindongeni zendhlu, imitywe eluhlaza, noma ebomvu, ngokubona kwake i tyonile odongeni;
38Kona umpristi ka pume endhlini, a ye emnyango wendhlu, a i vale indhlu izinsuku ezi isikombisa;
39Umpristi a buye eze ngosuku lwe sikombisa, a bheke; ko ti, uma ibala landile ezindongeni zendhlu,
40Umpristi ka yale ukuba ku kitywe amatye eli kuwo ibala, a lahlwe ngapandhle komuzi, endaweni engcolileyo;
41A ku palwe indhlu pakati inxa zonke; izibi ezipaliweyo zi telwe ngapandhle komuzi, endaweni engcolileyo;
42Ku tatyatwe amanye amatye a bekwe endaweni ya lawomatye; ku tatyatwe nolunye udaka, ku huqwe indhlu.
43Uma ibala li buya li vele endhlini, emva kokukitywa kwamatye, nokupalwa kwendhlu, nokuhuqwa kwayo;
44Umpristi ka buye eze, a bheke, ko ti, uma ibala landile endhlini, li ubulepero obudhlayo endhlini; i ngcolile.
45Ka i bidhlizwe indhlu, amatye ayo, nemiti yayo, nodaka lonke lwendhlu; ku kitywe emzini ku lahlwe endaweni engcolileyo.
46Ongenayo endhlini ngesikati sokuvalwa kwayo wo hlala e ngcolile ku ze ku hlwe.
47No lele endhlini ka hlanze izivato zake, nodhlayo endhlini, ka hlanze izivato zake.
48Uma umpristi e ngena, a li bheke, ku ti, uma ibala li ngandile endhlini, emva kokuhuqwa kwendhlu, kona umpristi, ka tyo a ti, indhlu i hlambulukile, ngokuba ibala li polile.
49Ka tabate izinyoni ezimbili, nomerezi, nokubomvu, nomezobi, ukuba a hlambulule indhlu;
50A hlabe enye inyoni esityeni sebumba pezu kwamanzi aluhlaza;
51A tabate umerezi, nomezobi, nokubomvu, nenyoni ezwayo, a ku fake egazini lenyoni e hlatyiweyo, na semanzini aluhlaza, a fafaze indhlu kakombisa;
52A hlambulule indhlu ngegazi lenyoni, na ngamanzi aluhlaza, na ngenyoni ezwayo, na ngomerezi, na ngomezobi, na ngokubomvu;
53Kepa a yeke inyoni ezwayo, i pume emzini, i zihambele endhle, a hlaulele indhlu; yo hlambululekile.
54Lo u ngumteto wamabala onke obulepero nowomuna,
55Nowobulepero besivato, nobendhlu,
56Nowentutumba, nowoqweqwe, nowebala;
57Ukuba ba fundiswe lapo ku ngcolile, na lapo ku hlambulukile; lo u ngumteto wobulepero.