1UJEHOVA wa tyo kuMosi, wa ti,
2Yityo kwabaka Israeli, u ti kubo, Ngi nguJehova uTixo wenu.
3Ni ngenzisi okwemisebenzi yezwe la sEgipite, ena hlala kulo; ni ngenzisi okwemisebenzi yezwe la seKenani, engi ni yisa kulo; ni nga hambi ngemikuba yabo.
4A nenze imiyalo yami, ni gcine imiteto yami, ni hambe ngayo; ngi nguJehova uTixo wenu.
5Ngako a no gcina imiteto yami nemiyalo yami: uma umuntu e yenza wo pila ngayo; ngi nguJehova.
6A ku nga sondeli muntu kowakubo ukwambula ubunqunu bake; ngi nguJehova.
7U ngambuli ubunqunu buka yihlo, ubunqunu buka nyoko; u unyoko, u ngambuli ubunqunu bake.
8U ngambuli ubunqunu bomka yihlo; ku ubunqunu buka yihlo.
9U ngambuli ubunqunu bodade wenu, indodakazi ka yihlo, noma indodakazi ka nyoko, noma e zelwe kini, noma e zelwe ngapandhle; u ngambuli ubunqunu babo.
10U ngambuli ubunqunu bendodakazi yendodana yako, nobendodakazi yendodakazi yako; u ngambuli ubunqunu bawo; ngokuba obawo bu ubunqunu bako.
11U ngambuli ubunqunu bendodakazi yomka yihlo, e zelwe uyihlo, u udade wenu, u ngambuli ubunqunu bake.
12U ngambuli ubunqunu bodade wabo ka yihlo; u isihlobo sika yihlo.
13U ngambuli ubunqunu bodade wabo ka nyoko; ngokuba u isihlobo sika nyoko.
14U ngambuli ubunqunu bomfo wabo ka yihlo, u nga sondeli kumkake; u unyokokazi.
15U ngambuli ubunqunu bomalokazana, u umka ndodana yako; u ngambuli ubunqunu bake.
16U ngambule ubunqunu bomka mfo wenu; ku ubunqunu bomfo wenu.
17U ngambuli ubunqunu bomfazi nendodakazi yake; u nga tabati indodakazi yendodana yake, nendodakazi yendodakazi yake, ukwambula ubunqunu bayo; ngokuba e ngowakubo; ku ububi.
18U nga tabati udade wabo womkako ukwambula ubunqunu bake, u be umkako kanye naye, e se kona yena, u ze u m hlupe.
19U nga sondeli kumfazi ukwambula ubunqunu bake e se ngcolile ngokungcola kwake.
20U nga lali nomfazi wake owakelene naye ukuzingcolisa ngaye.
21U nga nikeli imbeu yako kuMoleki; u nga tuki igama lika Tixo wako; ngi nguJehova.
22U nga lali nowesilisa njengokulalwa nowesifazana; ku ya nengeka.
23U nga lali nesilwane ukuzingcolisa ngaso; nowesifazana ka ngeni pambi kwesilwane ukuba a lale naso; ku ngamanyala.
24Ni nga zingcolisi ngalezizinto; ngokuba izizwe engi zi xotya pambi kwenu; zi ngcolile ngazo zonke lezizinto;
25Izwe li ngcolile; ngako ngi li lahla ngokona kwalo; izwe li ya hlanza abantu balo.
26Ngako gcinani imiteto yami nemiyalo yami, ni ngenzi lezizinto ezinenge kayo, noma owakini, noma owezizwe owakileyo kini;
27(Ngokuba zonke lezizinto ezinengekayo ba zenzile abantu ba lelizwe, aba be kona pambi kwenu, izwe li ngcolile;)
28Ukuba izwe li nga ni hlanzi, ni sa li ngcolisa, njengaloku la hlanza izizwe eza zi kona pambi kwenu.
29Ngokuba lowo owenzayo lezizinto ezinengekayo, abantu aba zenzayo bo nqunywa kwaba kubo.
30Ngako gcinani umteto wami, ukuba ni ngenzi lemikuba enengekayo, eyenziwa ni nga ka fiki, ni nga zingcolisi ngayo; ngi nguJehova uTixo wako.