1UJEHOVA wa tyo kuMosi entabeni ya seSinai, wa ti,
2Yityo kwabaka Israeli, u ti kubo, Nxa ni fikile ezweni engi ni nika lona, izwe a li m gcinele uJehova isabata.
3Iminyaka e isitupa wo i lima insimu yako, u tene isivini sako iminyaka e isitupa, u bute izitelo zaso;
4Kepa umnyaka wesikombisa wo ba isabata lokupumula ezweni, isabata lika Jehova; u nga limi insimu yako, u nga teni isivini sako.
5Amabele ako a zimilelayo u nga wa vuni, u ngaki amavini esivinini sako esi nga teniwe; ku umnyaka wokupumula ezweni.
6Isabata lezwe lo ba ukudhla kwako, okwako, nokwesigqili sako, sesilisa nesesifazana, nokwesisebenzi sako, nokowezizwe o hlezi kini,
7Nokwezinkomo zako, nokwezilwane zako ezi sezweni lako, ukutela konke kwalo ko ba ukudhla.
8Bala amasabata a isikombisa eminyaka, iminyaka e izikombisa ezi isikombisa izinsuku zamasabata a isikombisa emnyaka zo ba iminyaka e ngamashumi amane nesishiyagalolunye.
9Ko tyaya itilongo lejubile ngosuku lweshumi lwenyanga yesikombisa, ngosuku lokuhlaula wo tyaya itilongo ezweni lonke lenu.
10A no ngcwelisa umnyaka wamashumi a isihlanu, ni memezele ukukululeka ezweni kubo bonke abantu balo; wo ba owokujabula kini; ni ya kubuya ku be ilowo a buyele ezweni lake, ni buyele, ku be ilowo a buyele kwabakubo.
11Lomnyaka wamashumi amahlanu wo ba owokujabula kini; ni nga limi, ni nga vuni okuzimilelayo ngawo, ni nga ki amavini awo esivini esi nga teniwe;
12Ngokuba u ngowokujabula; wo ba ngcwele kini; ni ya kudhla izitelo zawo za sensimini.
13Ngomnyaka wa lokukujabula ni ya kubuya, ku be ilowo a buyele ezweni lake.
14Nxa u tengisa ngezwe kowakelene nawe, noma u tenga izwe kowakelene nawe, ni nga dhlani;
15Ngokuma kweminyaka emva kowokujabula wo li tenga kowakelene nawe, na ngokuma kweminyaka yokutela ka tengise ngalo kuwe:
16Ngobuningi beminyaka wo yandisa imali yalo, na ngobuncinyane beminyaka wo ncipisa imali yalo; ngokuba ngobuningi beminyaka yokutela u ya, ku linganisela intengo yalo.
17A ni nga dhlani; yesaba uTixo wako; ngokuba ngi nguJehova uTixo wenu.
18A no yenza imiteto yami, ni gcine imiyalo yami, ni yenze; kona ni ya kuhlala kahle ezweni.
19Izwe li ya kutela izitelo zalo; ni ya kudhla ni sute, ni hlale kahle kulo.
20Nxa ni ti, Si ya kudhlani ngomnyaka wesikombisa? loku si nga limi, si nga vuni ukudhla kwetu.
21Kona ngi ya kunenzela inhlanhla ngomnyaka wesitupa, u ze u tele ukudhla kweminyaka emitatu.
22Ni ya kulima ngomnyaka wesishiyagalombili, ni dhle ukudhla okudala ku ze ku fike umnyaka wesishiyagalolunye; ku ze ku fike izitelo zawo ni ya kudhla okudala.
23A ku nga tengiswa ngezwe li nqamuke; izwe elami; ni ngabezizwe nabahambileyo kimi.
24Ezweni lonke lenu a no vumela ukuba izwe li hlengwe.
25Uma umfo wenu e mpofu, e tengisile ngezwe lake, owakubo eze ukulihlenga, ka li hlenge lona a tengisa ngalo umfo wabo.
26Nxa e nga namuntu wokulihlenga, uma e tola amandhla okulihlenga,
27Ka bale iminyaka iloku kwa tengiswa ngalo, a buyisele okudhlulayo kuyena a tengisa ngalo kuye; ukuba a buyele ezweni lake.
28Kepa uma e nga toli amandhla okubuyisela intengo kuye, kona izwe a tengisa ngalo li ya kuhlala kuye owa li tengayo ku ze ku fike umnyaka wokujabula; ngomnyaka wokujabula li ya kupuma, wo buyela ezweni lake.
29Nxa umuntu e tengisa ngendhlu emzini o biyelwe ngodonga, a nga i hlenga ku nga ka peli umnyaka iloku wa tengisa ngayo; a nga i hlenga ku nga ka peli izinsuku.
30Kepa uma u pela umnyaka i nga ka hlengwa, kona leyondhlu e semzini o biyelwe ngodonga i ya kuba eyake owa i tengayo njalonjalo ezizukulwaneni zake; i nga pumi ngomnyaka wokujabula.
31Kepa izindhlu zemizana e nga biyelwe ngodonga a zi be njengezwe; zi nga hlengwa, zo puma ngomnyaka wokujabula.
32Kodwa imizi yabaLevi, izindhlu zemizi yefa labo, abaLevi ba nga zi hlenga ngezikati zonke.
33Uma umuntu e tenga kowabaLevi, indhlu a tengisa ngayo, e semzini wefa lake, yo puma ngomnyaka wokujabula; ngokuba izindhlu zemizi yabaLevi zi ifa labo pakati kwabaka Israeli.
34Kepa izwe eli nga semizini yabo a ku nga tengiswa ngalo; ngokuba li ifa labo njalo.
35Uma umfo wenu e ba mpofu, a pele amandhla e kini, wo m qinisa njengowezizwe, nohambileyo, ukuba a hlale nawe.
36U nga tabati kuye inzuzo, nesandiso; kepa yesaba uTixo wako, ukuba umfo wenu a hlale nawe.
37U nga m niki imali yako ngenzuzo, u nga m niki ukudhla kwako ngesandiso.
38Ngi nguJehova uTixo wenu, owa ni kipa ezweni la sEgipite, ukuba ngi ni nike izwe la seKenani ngi be uTixo wenu.
39Nxa umfo wenu o kuwe e ba mpofu, ku tengiswe ngaye kuwe, u nga m sebenzisi okwesigqili;
40Ka be kuwe njengesisebenzi, nohambileyo, a sebenze kuwe ku ze ku fike umnyaka wokujabula;
41Kona u ya kupuma kuwe, yena nabantwana bake, a buyele kwabakubo, a buyele ezweni la oyise.
42Ngokuba ba izinceku zami, enga ba kipa ezweni la sEgipite; a ku nga tengiswa ngabo njengokutengiswa kwezigqili.
43U nga m busi ngonya; yesaba uTixo wako.
44Izigqili zesilisa nezesifazana o ya kuba nazo, wo zi tabata kwabezizwe aba hleziyo nani; izigqili zesilisa nezesifazana, no zi tenga kubona.
45Na kubantwana babezizwe aba hlezi kini, ni nga tenga kubo, na kwabakubo aba kini, aba ba zala ezweni lenu; bo ba imfuyo yenu.
46Ba ya kuba ifa lenu nelabantwana benu emva kwenu, ukuba ba be imfuyo yabo; ba ya kuba izigqili zenu ku ze ku be pakade; kepa abafo wenu, abaka Israeli ni nga ba busi ngonya.
47Uma owezizwe, noma ohleziyo, e fuyile kini, kepa umto wenu owakelene naye e ba mpofu, a zitengise kowezizwe, noma kohleziyo kini, noma kowakubo wezizwe;
48Emva kokuzitengisa kwake a nga buya a hlengwe; umfo wabo a nga m hlenga;
49A nga m hlenga noma e uyisekazi, noma e indodana ka yisekazi, noma e ngowenzalo yake, owakubo; noma e tola amandhla a nga zihlenga.
50Ka bale naye owa m tengayo, e qala ngomnyaka a zitengisa ngawo ku ze ku be umnyaka wokujabula; imali yentengo yake i ya kulinganiswa ngokuma kweminyaka; njengesikati sesisebenzi, ko ba njalo kuye.
51Uma ku sa sele iminyaka eminingi, ka linganise ngayo imali yokuhlengwa kwake, a i buyise emalini yentengo yake.
52Uma ku sa sele iminyaka e incozana ku ze ku fike umnyaka wokujabula, ka bale naye, a buyise imali yokuhlengwa kwake, a i linganise ngeminyaka yake.
53Ka hlale kuye njengokokelwayo ngomnyaka; a nga m busi ngonya pambi kwako.
54Uma e nga hlengwa ngaloku, wo puma ngomnyaka wokujabula, yena na bantwana bake.
55Ngokuba abaka Israeli be izinceku zami, ba izinceku zami, enga zi kipa ezweni la sEgipite; ngi nguJehova uTixo wenu.