1NXA umuntu ona, e zwile izwi lesifungo, e ngufakazi wento, noma e i bonile, noma e yazi, uma e nga i tyo, u necala.
2Noma umuntu e pata into engcolile, noma isidumbu sesilo esingcolile, noma isidumbu senkomo embi, noma isidumbu sesilwanyana esingcolile, ku ngaziwa uye, u ya kuba e ngcolile, a be necala.
3Noma e pata ukungcola komuntu, noma ukungcola kuni, a ngcoliswa iko umuntu, ku ngaziwa uye; lapo e se kwazi u ya kuba necala.
4Noma umuntu e funga, e kuluma ize ngezindebe zake, ukwenza okubi, noma ukwenza okuhle, noma ku ini a kuluma ize ngako umuntu, a funge, ku ngaziwa uye; lapo e se kwazi u ya kuba necala ngenye into kulezi.
5Ko ti, nxa e necala ngenye into kulezi, ka vume ukuti wonile ngalento.
6A lete kuJehova umnikelo wecala lake, ngesono sake a sonileyo, insikazi ya semhlambini, imvu, noma ibuzazana, ku be umnikelo wesono; umpristi a mhlaulele ngesono sake.
7Uma e nge nakuleta imvu, ka lete kuJehova ngesono sake, a sonileyo amahobe amabili, noma amavukutu amabili amatya, elinye li be umnikelo wesono, nelinye li be umnikelo wokutyiswa.
8A wa lete kumpristi, o ya kunikela kuqala elomnikelo wesono, a li shumpule inhloko yalo entanyeni, kepa a nga li dabuli.
9A fafaze ngegazi lomnikelo wesono uhlangoti lwelati; elinye igazi a li kanyelwe pansi ngaselatini; ku umnikelo wesono.
10A nikele elesibili li be umnikelo wokutyiswa, njengomteto; umpristi a m hlaulele isono sake, a sonileyo, a tetelelwe.
11Kodwa uma e nge nakuleta amahobe amabili, noma amavukutu amabili amatya, owonileyo ka lete umnikelo wake okweshumi kweefa lempupu enhle, ku be umnikelo wesono; a nga teli amafuta kuwo, a nga beki nelebona kuwo; ngokuba ku umnikelo wesono.
12A u lete kumpristi, umpristi a capune kuwo, ku gcwale isandhla u be isikumbuzo sawo, a u tyise elatini, eminikelweni yomlilo ku Jehova; ku umnikelo wesono.
13Umpristi a m hlaulele isono sake, a sonileyo kwenye into kulezi, a tetelelwe; okuseleyo a ku be okompristi, njengomnikelo wempupu.
14uJehova wa tyo kuMosi, wa ti,
15Nxa umuntu enza icala, one ngokungaqondi, ezintweni ezingcwele zika Jehova; ka lete kuJehova ngecala lake inqama ya semhlambini e nge nacala, njengokulinganisa ngamashekeli esiliva, a ngangamashekeli endawo engcwele, i be umnikelo wecala;
16Ka kokele isono sake a sonileyo, engeze okwesihlanu, a ku nike umpristi; umpristi a m hlaulele ngenqama yomnikelo wecala, a tetelelwe.
17Uma umuntu ona, enze uto olu nqatyelwa imiyalo ka Jehova ukuba lu ngenziwa, noma e be ngazi, wonile, u necala.
18Ka lete kumpristi inqama e nge nacala, ya semhlambini, ngokulinganisa, i be umnikelo wecala; umpristi a m hlaulele ngokungaqondi kwake, eduka ngako, e ngazi, a tetelelwe.
19Ku umnikelo wecala; wenzile icala impela ku Jehova.