1NGA lenkati, se be butene abantu aba izinkulungwane, ba za ba nyatelana, wa qala ukuti kubafundi bake, Xwayani imvubelo yabaFarisi, e ngukuzenzisa.
2A ku ko okusitekileyo oku nga yi ku bonakaliswa, nokufihliweyo oku nga yi kwaziwa.
3Loko eni ku tyiloyo ebumnyameni; ku ya kuzwiwa ekukanyeni; na loko eni ku kulumile endhlebeni emagumbini, ku ya kushunyayelwa pezu kwezindhlu.
4Ngi ti kini, zihlobo zami, Ni nga besabi aba bulala umzimba, be nga buyi benze luto ngasemva kwaloko.
5Ngi ya kunibonisa eni ya kumesaba. M esabeni lowo, se e bulele, o namandhla okuponsa egehena; yebo, ngi ti kini, M esabeni lowo.
6A ku tengwa ini imizwilili e isihlanu ngopeni ababili na? A ku kohlakele namunye kuyo pambi kuka Tixo.
7Yebo, ku baliwe izinwele zonke zamakanda enu, Ma ni ngesabi; ni ya i dhlula imizwilili eminingi.
8Ngi ti kini, Lowo o ngi vuma pambi kwabantu, iNdodana yomuntu i ya kumvuma pambi kwezingelosi zika Tixo.
9O ngi pika pambi kwabantu, u ya kupikwa pambi kwezingelosi zika Tixo.
10Lowo o kuluma izwi elibi ngeNdodana yomuntu, a nga tetelelwa; kodwa o tuka uMoya o ingcwele a nge tetelelwe.
11Nxa be ni yisa ezindhlini zokusonta, na sezinduneni, na semakosini, ni nga kataleli ukuba ni ya kupendulani na kanjani, nokuba ni ya kukulumani;
12uMoya o ingcwele u ya kunifundisa nga lesosikati okufanele ni ku kulume.
13Omunye kubantu wa ti kuye, Mfundisi, yityo kumfo wetu ukuba ahlulelane ifa nami.
14Wa ti kuye, Wena muntu, ubani o ngi misile, ngi be umahluli namahlukanisi pakati kwenu na?
15Wa ti kubo, Bhekani, ni xwaye ukufisa; ukupila komuntu a ku mi ngemfuyo yake evamileyo.
16Wa shumayela umfanekiso kubo, e ti, Izwe lomuntu efuyileyo la tela kahle.
17Wa zizindhlela wa ti, Ngi ya kwenze njani? loku ngi nge nandawo, engi nga beka kuyo ukudhla kwami.
18Wa ti, Ngi ya kwenza loku; ngi ya kucita izindhlu zami, ngi zake ezinkulu, ngi butele kona konke ukudhla kwami, nempahla yami,
19Ngi ti kumpefumlo wami, Mpefumlo u nemfuyo eningi e bekelelwe iminyaka eminingi; a ku pumule, u dhle, u puze, u jabule.
20uTixo wa ti kuye, Wena siula, nga lobubusuku umpefumlo wako u ya kubizwa kuwe; konake lezizinto o zi bekeleleyo, zi ya kuba ezika bani na?
21U njalo o zibekela imfuyo, e nga bi nangcebo kuTixo.
22Wa ti kubafundi bake, Njalo ngi ti kini, Ni nga kataleli ukupila kwenu, ukuba ni ya ku dhlani, na ngomzimba ukuba ni ya kwambatani.
23Ukupila ku ya dhlula ukudhla, nomzimba u ya dhlula izivato.
24Qondani izingwababana; a zi hlwanyeli, a zi vuni, a zi nazindhlu, a zi nangobo; kepa uTixo u ya zondhla; nina ni zi dhlula izinyoni kakulu.
25U mupi kini o ngeleka ubude bake ingalo inye ngokukatalela na?
26Uma nahluleka ngento encinyane, ni katalela okunye ngani na?
27Qondani iminduze, ukumila kwayo; a i sebenzi, a i poti; kepa ngi ti kini, noSolomona ngokukazimula konke kwake ka hlobisanga okwayo.
28Uma uTixo embesa njalo utyani ba sendhle, obu kona namhla, ngangomso bu ponswe eziko, a ka yi kunembesa kakulu nina ba nokukolwa okuncinyane na?
29A ni nga funi eni ya kukudhla, neni ya kukupuza; ni nga ngabazi.
30Loku konke ku funwa izizwe zomhlaba; kepa uYihlo wenu u yazi ukuba ni swele loku.
31Kodwa funani umbuso ka Tixo, kona konke loku ku ya kunelekelwa nina.
32Ni ngesabi, mhlambi omncinyane, loku u Yihlo e tanda ukuninika umbuso.
33Tengani ngeni nako, nabele; ni zenzele izikwama ezingagugiyo, imfuyo ezulwini enganqamukiyo, lapo ku nga fiki isela, nenundu i nga dhli.
34Lapa i kona imfuyo yenu, i ya kuba kona nenhliziyo yenu.
35A zi me zi botyiwe izinkalo zenu, nezibani zenu zi banekwe;
36Ni be njengabantu aba bheka inkosi yabo, i buye emtimbeni, ukuba nxa i fika i ngqongqota, ba i vulele masiyane.
37Zi busisiwe lezozinceku, inkosi yazo i fika i zi fumane zi linda; ngi qinisile ngi ti kini, i ya kuzibopa yona, i zi hlalise ekudhleni, i suke i zi konze.
38Uma e fika ngomlindo wesibili, noma e tika ngomlindo wesitatu, a zi fumane zi njalo, zi busisiwe lezozinceku.
39A ke nazi loku, ukuti, uma umninindhlu e be sazi isipi isikati, e be li za kufika ngaso isela, nga e lindile, e nga vumi, ku fohlwe indhlu yake.
40A ni be lungile nani, ngokuba iNdodana yomuntu i nga fika ngesikati eni nga si qondiyo.
41uPetro wa ti kuye, Nkosi, u shumayela lomfanekiso kitina, nokuba kubo bonke na?
42iNkosi ya ti, I ipi inceku eqinisileyo neqondileyo, inkosi e ya kuimisela pezu kwendhlu yayo, ukuba i babele ukudhla kwabo ngesikati esifaneleyo.
43I busisiwe leyonceku, inkosi, se i fikile, e ya i fumana yenza njalo.
44Ngi qinisile ngi ti kini, i ya kuimisela pezu kwako konke e nako.
45Kepa uma leyonceku i ti enhliziyweni yayo, Inkosi yami i libele ukuza, i qala ukutyaya izinceku zesilisa nezesifazana, i dhle, i puze, i dakwe;
46Inkosi ya leyonceku i ya kufika ngosuku e nga i bheki ngalo, na ngesikati e nga saziyo, i i nqume kabili, i i nike isabelo ndawonye nabangakolwayo.
47Leyonceku e yazi intando yenkosi yayo, i nga zilungisi, i nga yenzi intando yayo, i ya kutyaywa ngemivimbo eminingi.
48Kodwa ongaziyo, kepa wenze okufanele imivimbo, u ya kutyaywa ngemivimbo e incozana. Lowo o piwa okuningi, ko bizwa okuningi kuye; na lowo oku bekelwa kuye okuningi, ko bizwa kakulu kuye.
49Ngi ze kuponsa umlilo emhlabeni; ngi tandani, uma u su vutile?
50Kodwa ngi nokubapatizwa engi za kubapatizwa ngako, ngi cindezelwa kangaka ku ze ku fezeke!
51Ni ti ngi ze kunika ukutula emhlabeni na? Qa, ngi ti kini, ngi ze kunika ukwahlukana.
52Ba se ya kuba abahlanu endhlini inye bahlukene, abatatu nababili, ababili nabatatu.
53Uyise u ya kwahlukana nendodana, indodana noyise; unina nendodakazi, indodakazi nonina; uninazala nomalukazana, umalukazana noninazala.
54Wa ti kubantu, Uma ni bona ifu li kupuka entyonalanga, ni ti masinyane, Li za kuna; ku njalo.
55Uma ni bona umoya wa seningizimu u pepeta, ni ti, Li za kubalela; ku njalo.
56Nina bazenzisi, ni yazi ukuqikelela ukuma kwezulu nomhlaba, ni nga qikeleli ngani lesisikati na?
57Yebo, a nahluleli ngani ngokwenu okulungileyo na?
58Lapo u ya enkosini nokumangaleleyo, u sendhleleni, linga ukuba u kululwe kuye, funa a ku hudulele kumahluli, umahluli a ku nikele kulo ipolise, ipolise li ku fake etilongweni.
59Ngi ti kuwe, a u yi kupuma kona, u ze u koke imalana yokupela.