1KWA ti, e sa ngena endhlini yomunye kwaba izikulu zabaFarisi ngesabata, ukuba a dhle ukudhla, ba m hlomela.
2Bheka, kwa ku kona umuntu pambi kwake o kwelwa idropsi.
3uJesu wa pendula wa ti kubameli nabaFarisi, Ku fanele ukupilisa ngesabata na?
4Ba tula. Wa m tabata, wa m pilisa, wa m mukisa.
5Wa ba pendula wa ti, U mupi wa kini, uma imbongolo, nokuba inkomo yake i wele emgodini, ka yi kuikipa masinyane ngesabata na?
6Ba be nge nakumpendula ngaloko.
7Wa shumayela umfanekiso kwabamenyiweyo, e ba bona be keta izihlalo ezipambili; wa ti kubo.
8Uma u menyiwe umuntu ukuya emtimbeni, u nga hlali esihlalweni esipambili; ku nga ti, omkulu ku nawe a menywe uye;
9E ze omemileyo nobabili, a ti kuwe, Dedela lomuntu; kona u ya kuqala ukuya endaweni e senzansi, u jabile.
10Kepa uma u menyiwe, hamba u hlale endaweni e senzansi, ukuba o ku memileyo, se e fike, a ti kuwe, Mngane, suka, wenyukele enhla; kona u ya kudunyiswa ebusweni ba labo aba hlezi nawe ekudhleni.
11Lowo o zipakamisayo, u ya kutotyiswa; nozitobisayo, u ya kupakanyiswa.
12Wa ti kommemileyo, Uma wenza idili la semini, nokuba idili la kusihlwa, u nga memi abahlangana nawe, nabafo wenu, nezihlobo zako, nabakelene nawe abacebileyo funa ba buye, ba ku meme, u kokelwe.
13Kodwa uma wenza idili, mema abampofu, nezilima, nezinyonga, nezimpumpute.
14U ya kubusiswa; a ba nakukukokela; u ya kukokelwa ekuvukeni kwabalungileyo.
15Se e zwile loku, omunye kwaba be hlezi naye ekudhleni, wa ti kuye, U busisiwe lowo odhlayo ukudhla embusweni ka Tixo.
16Wa ti kuye, Umuntu otile wenza idili elikulu, wa mema abaningi.
17Wa tuma inceku yake ngesikati sedili, ukuba a ti kwabamenyiweyo, Wozani, se ku lungile konke.
18Kepa bonke ba qala ukuzilandulela kanyekanye. Owokuqala wa ti kuye, Ngi tengile izwe, nga ngi ya kulibona; ngi ya ku ncenga ma ngi landulelwe.
19Omunye wa ti, Ngi tengile izinkabi ezi ishumi, se ngi ya ukuzilinga; ngi ya ku ncenga, ma ngi landulelwe.
20Omunye wa ti, Ngi ganiwe; nga loku ngi ngeze.
21Leyonceku ya buya ya bika loko enkosini yayo. Kona wa tukutela umninindhlu, wa ti encekwini yake, Tyetya u pume, u ye ezindhleleni na semicingweni yomuzi, u lete lapa abampofu, nezilima, nezinyonga, nezimpumpute.
22Ya ti inceku, Nkosi Se kwenziwe njengokutyo kwako, kepa ku se kona indawo.
23Ya ti inkosi encekwini, Puma u ye ezindhleleni na sezintangweni, u ba qube ba ngene, ukuba i gcwale indhlu yami.
24Ngi ti kini a ka yi kuzwa ukudhla kwami namunye ku lababantu abamenyiweyo.
25Kwa hamba naye abantu abaningi; wa penduka wa ti kubo,
26Uma umuntu e za kimi, e nga zondi uyise, nonina, nomkake, nabantwana, nabafo wabo, nodade wabo, yebo, nokupila kwake, a nge be umfundi wami.
27No nga twali isipambano sake, a ngi landele, a nge be umfundi wami.
28U mupi kini, uma e tanda ukwaka inqaba, o nga qali a hlale, a bale imali yokwaka, a bone ukuba u nokwanele ukuiqeda;
29Ku nga ti, se e bekile isisekelo, e nge namandhla okuqeda, bonke abaibonayo ba suke ba m hleke,
30Be ti, Lomuntu wa qala ukwaka, wa e nge namandhla okuqeda.
31I ipi inkosi, i suka i hlasela kwenye inkosi, e nga qali i hlale i qonde, ukuba i namandhla ngezinkulungwane ezi ishumi ukuhlangana nezayo kuyo, i nezinkulungwane ezimashumi amabili?
32Kepa uma i nge nako, i se kude leyo, i ya tuma izigijimi i cele okukubuyisana.
33Kunjalo lowo kini o nga shiyi konke a nako, a nge be umfundi wami.
34Usaoti u lungile, kepa uma usaoti e dumele, ko yoliswa ngani na?
35A u sa fanele umhlabati nomquba, u ya lahlwa ngapandhle. O nezindhlebe zokuzwa a kezwe.