1NGOSUKU lokuqala lwesonto, ekuseni, ba fika etuneni, be pete amaka aba be wa lungisile, beza nabo abanye.
2Ba fumana itye li gingqiwe li susiwe etuneni.
3Ba ngena, a ba fumananga isidumbu seNkosi uJesu.
4Kwa ti, se be katazeke ngaloku, bheka, amadoda amabili e mi nabo, embete izingubo ezikazimulayo.
5Be sesaba ba kotamela pansi, a ti kubo, Ni funelani opilayo kwabafileyo na?
6Amuko lapa, u vukile: kumbulani a ku tyoyo kini, e se eGalile,
7Ukuti, iNdodana yomuntu nga i nikelwa ezandhleni zezoni, i betelwe, i buye i vuke ngosuku lwesitatu.
8Ba kumbula amazwi ake.
9Ba buya etuneni, ba ba tyela aba ishumi nanye, nabo bonke abanye, lezizinto zonke.
10Kwa ku nguMaria Magdalene, noJoana, noMaria unina ka Jakobe, nabanye aba be nabo, aba tyela abapostoli lezizinto.
11Kepa amazwi abo a be njengenganekwane, a ba kolwanga ibo.
12Kwa suka uPetro, wa gijimela etuneni, wa kotama, wa bona izindwangu zi zodwa, wemuka e mangala ngokwenzekileyo.
13Bheka, nga lolosuku ababili kubo bemuka be ya emzini o tiwa iEmau, o kude neJerusalema amastadiu amashumi a isitupa.
14Ba kuluma ngako konke okwenzekileyo.
15Kwa ti be sa kuluma, be buzana, wa sondela uJesu uqobo, wa hamba nabo.
16Kodwa amehlo abo a e bambekile, ba nga m azi.
17Wa ti kubo, Izindaba zini lezi, eni kuluma ngazo, ni hamba, ni nyukumele na?
18Omunye, igama lake li nguKleopasi, wa pendula wa ti kuye, U wena wedwa ini o hlezi eJerusalema, o nga zazi izinto ezenzekileyo kona nga lezizinsuku na?
19Wa ti kubo, Izinto zini na? Ba ti kuye, NgoJesu wa seNazareta, o be umprofeti, e namandhla ngemisebenzi, na ngezwi, pambi kuka Tixo nabantu bonke.
20Nokuti abapristi abakulu, nababusi ba kiti ba m nikela ukuba a lahlwe a fe, ba m betela.
21Kodwa be si temba, si ti, uye o za kuhlenga abaIsraeli: kepa ku na loku konke, namhla se ku usuku lwesitatu lezizinto zenzekile.
22Yebo, abesifazana ba kiti ba si mangalisa, a be be ye etuneni kusasa;
23Be nga si fumani isidumbu sake, beza, ba ti, ba bone izingelosi, ezi ti, u sa pila.
24Njalo abanye kwaba kiti bemuka ba ya etuneni, ba fumana ku njengokutyo kwabesifazana; kodwa yena a ba m bonanga.
25Wa ti kubo, Nina ziula eni libala enhliziyweni ukukolwa konke, aba ku tyiloyo abaprofeti.
26uKristu nga ba e nga hlupeki ilezozinto, a ngene ebukosini na?
27Wa qala kuMosi na kubaprofeti bonke, wa ba casisela okushunyayelwe ngaye emibalweni yonke.
28Ba sondela emzini lapa be ya kona; wa zenzisa ukudhlula.
29Ba m ncenga, be ti, A ku hlale nati; se ku za kuhlwa; ku se ntambama. Wa ngena wa hlala nabo.
30Kwa ti, e hlezi nabo ekudhleni, wa tabata isinkwa, wa bonga, wa si hlepula, wa ba nika.
31Amehlo abo a vuleka, ba m azi; wa nyamalala kubo.
32Ba kuluma; be ti, Izinhliziyo zetu be zi nga vuti pakati kwetu, e sa kuluma nati endhleleni, e si casisela imibalo na?
33Besuka ngalesosikati, ba buyela eJerusalema ba fumana aba ishumi nanye naba be nabo be hlangene ndawonye.
34Be ti, Impela, iNkosi i vukile, i bonakele kuSimone.
35Be landa okwenzekileyo endhleleni, nokuti ba m azi ngokuhlepula isinkwa.
36Be sa kuluma lezizindaba, uJesu wema pakati kwabo, wa ti kubo, Ukutula a ku be kini.
37Kodwa betuka, besaba, be ti ba bona itongo.
38Wa ti kubo, Ni katazekeleni na? ku veleleni izizindhlo ezinhliziyweni zenu na?
39Bhekani izandhla zami nezinyawo zami, imina uqobo; ngi pateni, ni bone; itongo a li nanyama namatambo, njengokuba ni ngi bona ngi nako.
40Se e tyilo loko, wa ba bonisa izandhla nezinyawo.
41Be nga ku kolwa ngokutokoza be sa mangala, wa ti kubo, Ni nokudhla lapa na?
42Ba mu pa ucezu lwenhlanzi eyosiweyo, neqa lezinyosi.
43Wa tabata, wa dhla pambi kwabo.
44Wa ti kubo, Ilawamazwi, enga wa kuluma kini, ngi se nani, okuti, nga ku gcwaliseka konke okulotyiwe ngami emtetweni ka Mosi, na kubaprofeti, na sezihlabelelweni.
45Kona wa vula izinhliziyo zabo, ukuba ba qonde imibalo.
46Wa ti kubo, ku njalo ku lotyiwe, ku njalo nga e hlupeka uKristu, a buye a vuke ngosuku lwesitatu.
47Ku shunyayelwe ngegama lake ukupenduka nokutetelelwa izono ezizweni zonke; ku qalwe eJerusalema.
48Nina ni ngofakazi ba lezizinto.
49Bhekani, ngi ya tumela kini isitembiso sika Baba; hlalani emzini eJerusalema, ni ze nambatiswe amandhla a vela pezulu.
50Wa puma nabo, ba ya eBetani, wa pakamisa izandhla zake, wa ba busisa.
51Kwa ti, e sa ba busisa, wa hlukana nabo, wenyuselwa ezulwini.
52Ba kuleka kuye, ba buyela eJerusalema be nokutokoza okukulu.
53Ba be kona njalo etempelini, be bonga, be dumisa uTixo. Ameni.