1SE e qedile ukushumayela lawamazwi ake onke ezindhlebeni zabantu, wa ngena eKapernaume.
2Inceku yenduna etile yekulu, e tandwa iyo, ya i gula, i si za kufa.
3Se i zwile ngoJesu, ya tuma amalunga abaJuda kuye, i m nxusa, ukuba eze, a i sindise inceku yayo.
4A ya kuJesu, a m ncenga kakulu a ti, U fanele lo, o za ku m enzela loku;
5Ngokuba e tanda isizwe sa kiti, wa sakela indhlu yokusonta.
6uJesu wa hamba nabo, Kepa e nga se kude nendhlu induna ya tuma imihlobo kuye, i ti kuye, Nkosi, u nga zikatazi; a ngi fanele u ngene pansi kopahla lwami.
7Njalo be ngi ti a ngi fanele ukuza kuwe; yityo izwi nje, kona i za kupila inceku yami.
8Nami ngi ngumuntu o pansi kwamakosi, ngi namabuto pansi kwami, ngi ti ku leli, Yiya, li ye; ngi ti kwelinye, Yiza li ze; ngi ti encekwini yami, Yenza loku, i kwenze.
9uJesu e zwa loku wa mangala ngayo, wa penduka wa ti kubantu abamlandelayo Ngi ti kini, a ngi zanga ngi fumane ukukolwa okungaka na kwa Israeli.
10Abatunyiweyo, se be buyele ekaya, ba i fumana inceku eya i gula i si pilile.
11Kwa ti ngangomso wa ya emzini o tiwa iNaine; kwa hamba naye abafundi bake abaningi, nesixuku esikulu.
12Se e sondele nga sesangweni lomuzi, bheka, wa e punyiswa umuntu ofileyo, indodana eyodwa ka nina e umfelokazi; abantu abaningi ba lomuzi ba be naye.
13iNkosi i sa m bona, ya m haukela, ya ti kuye, U nga kali.
14Ya sondela ya pata uhlaka, abatweleyo bema, ya ti, Mfana, ngi ti kuwe, Vuka.
15Ofileyo wa vuka, wa hlala, wa qala ukukuluma; ya m nika unina.
16Ba kwelwa ukwesaba bonke, ba dumisa uTixo, be ti, Se ku vele umprofeti omkulu pakati kwetu, nokuti, uTixo u hambile abantu bake.
17Kwezwakala loludumo lwake kulo lonke iJudia na sezweni lonke la kona.
18Abafundi baka Johane ba shumayela kuye zonke lezizinto.
19uJohane wa biza abafundi bake ababili, wa ba tuma kuJesu, e ti, Wena u nguye o be za kuza, so bheka omunye ini na?
20Lababantu se be fikile kuye ba ti, uJohane umbapatizi u si tumile si ze kuwe, u ti, Wena u nguye o be za kuza, so bheka omunye ini na?
21Nga lesosikati wa pilisa abaningi ezifweni, na sekuguleni, na komoya ababi, nezimpumpute eziningi wa zi pa ukubona.
22uJesu wa pendula wa ti kubo, Hambani ni ye ni m tyele uJohane loku eni ku bonileyo, neni ku zwileyo, ukuti, izimpumpute zi ya bona, izinyonga zi ya hamba, amalepero a ya hlanjululwa, izitulu zi yezwa, abafileyo ba ya vuka, abampofu ba ya shunyayezwa ivangeli.
23U busisiwe o nga kubeki ngami.
24Se zi mukile izitunywa zika Johane, wa qala ukushumayela kubantu ngoJohane, wa ti, Na puma ni ya ehlane ukubonani na? uhlanga lu zanyazanyiswa umoya na?
25Kepa na puma ni ya ukubonani na? umuntu o mbete izingubo ezicolekileyo na? bhekani, aba hlezi bembete izingubo ezikazimulayo, be nokumnandi, ba sezindhlini zamakosi.
26Kepa na puma ni ya ukubonani na? umprofeti na? Yebo, ngi ti kini, omkulu ku nomprofeti.
27Lo u nguye oku lotywe ngaye ukuti, Bheka, ngi ya tuma isitunywa sami pambi kwako, esi ya kulungisa indhlela yako pambi kwako.
28Ngi ti kini, Kwabazelwe abafazi a ku ko umprofeti omkulu ku noJohane umbapatizi; kodwa omcinyane embusweni ka Tixo mkulu ku naye.
29Abantu bonke abezwayo, nabatelisi ba m dumisa uTixo, be bapatizwa ngombapatizo ka Johane.
30Kepa abaFarisi nabameli ba cita icebo lika Tixo, nga kubona be nga bapatizwa.
31Ya ti iNkosi, Abantu ba lesisizukulwane ngi ya kubafanisa nani na? ba njengani na?
32Ba fana nabantwana abahleziyo endaweni yokubutana, be memezana, be ti, Si ni hlabelelele, a ni sinanga; si ni lilele, a ni kalanga.
33uJohane umbapatizi wa fika e nga dhli ukudhla, e nga puzi iwaini, ni ti, U nedemone.
34iNdodana yomuntu ya fika, i dhla, i puza, ni ti, Bheka, umuntu o isiminzi nenseli, umhlobo wabatelisi nezoni.
35Kepa ukuhlakanipa ku tetelelwa abantwana bonke bako.
36Omunye wabaFarisi wa m nxusa ukuba eze, a dhle naye, Wa ngena endhlini yomFarisi, wa cambalala ekudhleni.
37Bheka, kwa ku kona emzini owesifazana, o isoni, se e zwile ku tiwa, u cambalele ekudhleni endhlini yomFarisi, wa pata umfuma wamafuta.
38Weza wema nga sezinyaweni zake ngasemva, e kala, wa qala ukuswakamisa izinyawo zake ngezinyembezi, wa zesula ngezinwele zekanda lake, wa zanga izinyawo zake, wa zi gcoba ngamafuta.
39Umfarisi o m bizileyo, se e bonile, wa zindhla enhliziyweni yake e ti, Lo, uma e ngumprofeti, nga e m azi lomfazi ompatayo ukuba ubani, nokuba u njani, ngokuba u isoni.
40uJesu wa pendula wa ti kuye, Simone, ngi funa ukukuluma kuwe. Wa ti, Kuluma, Mfundisi.
41Kwa ku kona abantu be babili aba namacala kumuntu otile; icala lomunye la li ngodenario aba makulu a isihlanu, elomunye la li ngamashumi a isihlanu.
42Se be nge nanto yokukoka, wa ba tetelela bobabili. Yityo, umupi ku labo o ya kumtanda kakulu na!
43uSimone wa pendula wa ti, Ngi ti, i lowo a be m tetelele okukulu. Wa ti kuye, U qinisile.
44Wa pendukela kumfazi, wa ti kuSimone, U ya bona lomfazi na? Ngi ngenile endhlini yako, a wu ngi nikanga amanzi okugeza izinyawo zami, kepa yena u zi swakamise izinyawo zami ngezinyembezi, wa zesula ngezinwele zekanda lake.
45A wu nganganga, kepa lo, iloku ngi ngenileyo, a ka yekanga ukwanga izinyawo zami.
46Ikanda lami a wu li gcobanga nangamafuta, kepa lo u zi gcobile izinyawo zami ngamafuta amahle.
47Ngaloku ngi ti kuwe, U tetelelwe izono zake eziningi, ngokuba wa tanda kakulu: kodwa o tetelelwa incozana, u tanda incozana.
48Wa ti kuye, U tetelelwe izono zako.
49Kepa aba be cambelele naye ekudhleni ba qala ukukuluma, be ti, Ubani lo o tetelela izono na?
50Wa ti kumfazi, Inkolo yako i ku sindisile; hamba kahle.