1WA ba biza abafundi bake aba ishumi nambili, wa ba pa amandhla okuba ba kipe amademone onke nokupilisa izifo.
2Wa ba tuma ukuba ba shumayele umbuso ka Tixo, ba sindise abagulayo.
3Wa ti kubo, Ni nga pati uto lwendhlela, nanduku, nasikwama, nasinkwa, namali, ni nga bi nezingubo ezimbili.
4Indhlu eni ngena kuyo, hlalani kona ni ze ni muke.
5Abanganamkeliyo, nxa ni puma ku lomuzi, tuntutani utuli lwa sezinyaweni zenu, ku be isiqiniso kubo.
6Be suka ba ya ba dabula imizi ngemizi ba shumayela ivangeli, ba pilisa ezindaweni zonke.
7uHerodi inkosi wezwa konke okwenziwa uye, wa katazeka ngokutyiwo abanye ukuti, uJohane u vukile kwabafileyo.
8Abanye ba ti, u bonakele uElija; abanye ba ti, u vukile omunye kubaprofeti bokuqala.
9uHerodi wa ti, uJohane nga m nquma ikanda, kepa ubani lo engi zwa ngaye loku na? Wa funa ukumbona.
10Se be buyile abapostoli, ba m tyela konke aba be kwenzile. Wa ba tabata wa pambukela nabo bodwa endaweni e ihlane, ya semzini o tiwa iBetsaida.
11Abantu se be kwazi, ba m landela; wa bamkela, wa shumayela kubo ngombuso ka Tixo, wa pilisa aba be dinga ukupiliswa.
12Se ku ntambama aba ishumi nambili beza ba ti kuye, Ba mukise abantu, ba ye emizini na semazweni a ngakona, ba lale ba tole ukudhla, loku si sehlane.
13Wa ti kubo, Ba peni nina, ba dhle. Ba ti, A si nako, kupela izinkwa ezi isihlanu, nezinhlanzi ezimbili, uma si nga yi si ba tengele lababantu bonke ukudhla.
14A be kona amadoda i nga ti izinkulungwane ezi isihlanu. Wa ti kubafundi bake, Ba hlaliseni ngezigaba, ngamashumi amahlanu.
15Benza njalo, ba ba hlalisa bonke.
16Wa tabata izinkwa ezi isihlanu nezinhlanzi ezimbili, e bheka nga sezulwini wa bonga wa zi hlepula, wa ba nika abafundi ukuba ba zi beke pambi kwabantu.
17Ba dhla ba suta bonke; kwa butwa imvutuluka e sele kubo amaqoma a ishumi nambili.
18Kwa ti, e kuleka e yedwa, abafundi ba be naye; wa ba buza wa ti, Abantu ba ti ngi ngubani na?
19Ba pendula ba ti, uJohane umbapatizi; abanye ba ti, uElija; abanye ba ti, u vukile omunye kubaprofeti bokuqala.
20Wa ti kubo, Kepa nina ni ti ngi ngubani na? uPetro wa pendula wa ti, U nguKristu ka Tixo.
21Wa ba yala nokuyala ba nga tyo loku kumuntu;
22E ti, iNdodana yomuntu i ya kuhlupeka kakulu; i delwe amalunga, nabapristi abakulu nababali, i bulawe, i buye i vuke ngosuku lwesitatu.
23Wa ti kubo bonke, Uma umuntu e tanda ukungilandela a ka zidele, a tabate isipambano sake imihla ngemihla, a ngi landele.
24Ngokuba o tanda ukusindisa ukupila kwake, wo ku lahlekelwa; kodwa o lahlekelwa ukupila kwake ngenxa yami, wo ku sindisa.
25Ku ya kumsiza ngani umuntu, e zuza izwe lonke, a lahleke, nokuba onakale
26Lowo o nezinhloni ngami na ngamazwi ami, iNdodana yomuntu i ya kuba nezinhloni ngaye, lapo i zayo ngobukosi bayo, nobuka Yise, nobezingelosi ezingcwele.
27Ngi qinisile ngi ti kini, Ba kona abanye abemiyo lapa, aba nga yi kuzwa ukufa, ba ze ba bone umbuso ka Tixo.
28Kwa ti emva kwa lokukushumayela ku nga ti izinsuku ezishiyagalombili, wa tabata uPetro noJohane noJakobe wa kupuka wa ya entabeni ukukuleka.
29Kwa ti ekukulekeni kwake, isimo sobuso bake sa penduka, ingubo yake ya ba mhlope, ya kazimula.
30Bheka, amadoda amabili a kuluma naye, ku ngoMosi noElija;
31A bonakala ngokukazimula, a kuluma ngokumuka kwake, a be za kufeza eJerusalema.
32Kodwa uPetro naba be naye ba sindwa ubutongo; se be vukile, ba bona ukukazimula kwake, namadoda amabili e mi naye.
33Kwa ti, e mukile kuye, uPetro wa ti kuJesu, Nkosi, kuhle ukuba si lapa; a sake amadokodo amatatu, elinye li be e lako, nelinye li be e lika Mosi, nelinye li be e lika Elija, e nga kwazi a ku tyoyo.
34E sa kuluma okunjalo, kwa fika ifu la ba sitibeza; besaba ekungeneni kwabo efwini.
35Kwezwakala izwi li vela efwini li ti, Lo u iNdodana yami etandiweyo, i zweni.
36Se li dhlulile izwi, uJesu wa funyaniswa e yedwa. Ba tula, a ba tyelanga umuntu nga leyomihla uto, aba be lu bonile.
37Kwa ti ngangomso, se behlile entabeni, abantu abaningi ba m hlangabeza.
38Bheka umuntu esixukwini wa memeza wa ti, Mfundisi, ngi ya kuleka kuwe, bheka indodana yami, loku i yodwa yami.
39Umoya u ya i bamba, i kale masinyane; u ya i hxebula i kihlize amagwebu, u ya i nqoba, a i yeke kalukuni.
40Nga nxusa abafundi bako ukuba ba m kipe; bahluleka.
41uJesu wa pendula wa ti, Au, sizukulwane esingakolwayo nesipambukileyo, ngo ba nani ngi ni bekezelele ku ze ku be nini na? Leta lapa indodana yako.
42I se za, idemone la yapula la i hxebula. uJesu wa kuza umoya omubi, wa pilisa umntwana, wa m buyisela kuyise.
43Ba mangala bonke ngobukulu buka Tixo. Be sa mangele bonke ngako konke a kwenzileyo, wa ti kubafundi bake,
44Bekani lawamazwi ezindhlebeni zenu; iNdodana yomuntu i ya kunikelwa ezandhleni zabantu.
45Kodwa a be zwisisanga lokukutyo, ba ku fihlelwa, ba nga ku qondi; besaba ukumbuza lokukutyo.
46Kwa vela ukupikisana pakati kwabo ukuba umkulu ubani kubona.
47uJesu, se e bonile ukuzindhla kwezinhliziyo zabo, wa tabata umntwana wa m beka nga kuye.
48Wa ti kubo, Owamkela lomutwana ngegama lami u ngamkela mina, o ngamkelayo wamkela o ngi tumileyo omncinyane pakati kwenu nonke lowo u ya kuba mkulu.
49uJohane wa pendula wa ti, Nkosi, Sa bona umuntu e kipa amademone ngegama lako; sa m nqabela, ngokuba e nga landeli nati.
50uJesu wa ti kuye, Ni nga m nqabeli; o ngalani nati u mi nati.
51Kwa ti se zi pelile izinsuku zokuba a kutyulwe, wa bhekisa ubuso bake ukuya eJerusalema.
52Wa tuma izigijimi pambi kwake, za ya za ngena emzini wamaSamaria, ukuba zi m lungisele,
53A ba m amkelanga, ngokuba ubuso bake ba bu qonda eJerusalema.
54Abafundi bake, uJakobe noJohane, se be bonile loku, ba ti, Nkosi, u ya tanda si tyo ukuba umlilo wehle ezulwini, u ba qede njengokwenziwa uElija na?
55Wa guquka, wa ba sola, wa ti, A nazi ini ni ngabomoya muni na?
56iNdodana yomuntu a i zanga ukububisa abantu, yeza ukubasindisa. Ba ya komunye umuzi.
57Kwa ti, be sa hamba endhleleni, umuntu otile wa ti kuye, Nkosi, ngo ku landela lapo u ya kona.
58uJesu wa ti kuye, Izimpungutye zi nemigodi, izinyoni zezulu zi nezindhlu, kodwa iNdodana yomuntu a i nandawo e nga camela kuyo.
59Wa ti komunye, Ngi landele. Wa ti lowo, Nkosi, ngi vumele ngi ye, ngi mbele ubaba kuqala.
60uJesu wa ti kuye, Yeka abafileyo ba mbele abafileyo babo; hamba wena, u shumayele umbuso ka Tixo.
61Omunye wa ti, Nkosi, ngi ya kukulandela, kodwa ngi vumele, ngi qale ngi ye ngi ba valelise aba sekaya.
62uJesu wa ti kuye, A ku ko umuntu, nxa e beka isandhla sake egejeni, a buke ngasemva, o fanele umbuso ka Tixo.