1NGA lolusuku uJesu wa puma endhlini, wa ya wa hlala nga selwandhle.
2Kwa butana kuye abantu abaningi, wesuka wa ngena emkunjini, wa hlala: abantu bonke bema ogwini.
3Wa shumayela kubo okuningi ngemifanekiso, wa ti, Bhekani, kwa puma umhlwanyeli, wa ya kuhlwanyela.
4Ekuhlwanyeleni kwake, enye imbeu ya wa endhleleni, za fika izinyoni za i catya.
5Enye ya wa ogedhleni, i nge namhlabati omningi, ya mila masinyane, ngokuba i nge namhlabati omningi.
6Kepa se li pumile ilanga, ya hamuka, ya buna, i nge nampande.
7Enye ya wa emeveni; ameva a hluma a i minyanisa.
8Kepa enye ya wa emhlabatini olungileyo, ya tela ukudhla, enye ngekulu, enye ngamashumi a isitupa, enye ngamashumi amatatu.
9O nezindhlebe zokuzwa a kezwe.
10Kwa fika abafundi bake, ba ti kuye, U shumayelelani kubo ngemifanekiso na?
11Wa pendula wa ti kubo, Ngokuba ni piwe nina ukwazi imfihlakalo yombuso wezulu, kodwa a ba ku piwanga bona.
12O nako u ya kupiwa, a vame; kodwa o nge nako u ya kwamukwa naloku a nako.
13Ngaloku ngi shumayela kubo ngemifanekiso; ngokuba be bona be nga boni, be zwa be ngezwa, be nga qondi.
14Ku gcwaliseka ngabo isiprofeto sika Isaya sokuti, Ngokuzwa ni ya kuzwa ni nga qondi; na ngokubona ni ya kubona ni ngazi.
15Ngokuba inhliziyo ya lababantu i lukuni, bezwa kabi ngezindhlebe, amehlo abo ba wa cime; funa mhlaumbe ba bone ngamehlo, bezwe ngezindhlebe, ba qonde ngenhliziyo, ba penduke, ngi ba sindise.
16Kodwa a busisiwe amehlo enu, ngokuba e bona nezindhlebe zenu ngokuba zi zwa.
17Ngi qinisile ngi ti kini, Abaprofeti abaningi, nabantu abalungileyo ba be fisa ukubona loku eni ku bonayo, a ba ku bonanga; nokuzwa loku eni ku zwayo, a ba ku zwanga.
18A ke ni zwe umfanekiso womhlwanyeli.
19Nxa umuntu e li zwa izwi lombuso, e nga li qondi, ku fike omubi, a pange oku hlwanyelwe enhliziyweni yake; uyena o hlwanyelwe endhleleni.
20O hlwanyelwe ogedhleni u nguye, o lizwa izwi, a tyetye a lamkele ngokutokoza.
21Kepa ka nampande pakati kwake, u hlala, isikatyana, ku fike ukuhlupeka nokuzingelwa ngenxa yezwi, a kubeke masinyane.
22O hlwanyelwe emeveni u nguye o li zwa izwi, kepa ukunaka lelizwe, nokukohlisa kwemfuyo ku minyanisa izwi, li nga bi nasitelo.
23Kodwa o hlwanyelwe emhlabatini olungileyo u nguye o li zwa izwi, a li qonde, a tele izitelo, omunye ngekulu, omunye ngamashumi a isitupa, omunye ngamashumi amatatu.
24Omunye umfanekiso wa u faka kubo, wa ti, Umbuso wezulu u faniswa nomuntu owa hlwanyela imbeu elungileyo ensimini yake;
25Abantu be sa lele kwa fika isita sake, sa hlwanyela ukula pakati kwamabele, semuka.
26Se zi milile izitombo za tela ukudhla, kwandu kubonakala nokula.
27Kwa fika izinceku zomninindhlu, za ti kuye, Nkosi, a u hlwanyelanga imbeu elungileyo ensimini yako na? Ukula lu velapi na?
28Wa ti kubo, Kwenziwe umuntu o isita, Izinceku za ti kuye, U ya tanda, si ye si lu bute na?
29Wa ti, Qa, funa mhlaumbe, ni sa buta ukula, ni sipule amabele kanye nalo.
30Yekani ku kule ndawonye kokubili ku ze ku vunwe. Ngesikati sokuvuna ngi ya kuti kwabavumayo, Butani kuqala ukula, ni lu bope izinyanda ukuba lu tyiswe; ni wa butele amabele endhlini yami.
31Omunye umfanekiso wa u faka kubo, wa ti Umbuso wezulu u fana nenhlamvu yesinapi, a i tabata umuntu, wa i hlwanyela ensimini yake.
32Le incinyane ku nazo zonke izinhlamvu; kepa uma i si kulile inkulu ku nazo zonke izilimo, i ngumuti, ku fika izinyoni zezulu, zi hlale emagatyeni awo.
33Wa shumayela omunye umfanekiso kubo, wa ti, Umbuso wezulu u fana nemvubelo, a i tabata umfazi, wa i fihla emputyini e izilinganiso ezitatu ya za ya bila yonke.
34Konke loku uJesu wa ku shumayela kubantu ngemifanekiso; ka shumayelanga kubo ku nge ngamfanekiso;
35Ukuba ku gcwaliseke okwa shunyayelwa umprofeti ukuti, Ngi ya kuvula umlomo wami ngemifanekiso; ngi ya kupimisela okufihliweyo iloku kwa dabuka umhlaba.
36Kona uJesu wa mukisa abantu, wa ngena endhlini; abafundi bake beza kuye, ba ti, Si casisele umfanekiso wokula lwensimu.
37Wa pendula wa ti kubo, Owa hlwanyela imbeu elungileyo u iNdodana yomuntu;
38Insimu i izwe; imbeu elungileyo i ngabantwana bombuso; ukula lu ngabantwana bomubi;
39Isita esa lu hlwanyelayo si nguSatani; ukuvuna ku ukupela kwezwe; abavuni ba izingelosi.
40Njengokula lu butwa, lu tyiswe ngomlilo, ko ba njalo ekupeleni kwa lelizwe.
41iNdodana yomuntu i ya kutuma izingelosi zayo zi bute zi ku suse embusweni wayo konke okukubekisayo nabenza ukona;
42Zi ba ponse eziko lomlilo, ko ba kona ukukala nokugedhla amazinyo,
43Kona abalungileyo ba ya kukanya njengelanga embusweni ka Yise wabo. O nezindhlebe zokuzwa a kezwe.
44Futi, umbuso wezulu u fana nomcebo o fihlwe ezweni, a u fumene umuntu, wa u fihla; e tokoza ngawo, u suka a tengise ngako konke a nako, a tenge lelizwe.
45Futi, umbuso wezulu u fana nomtengi o funa amaparele amahle.
46Se e fumene iparele eli nentengo enkulu, wa ya wa tengisa ngako konke a nako, wa li tenga.
47Futi, umbuso wezulu u fana neneta, ela ponswa elwandhle, la buta izinhlobo zonke.
48Se li gcwele, ba li kupulela ogwini, ba hlali pansi, ba butela ezinhle ezityeni, ba lahla ezimbi.
49Ko ba njalo ekupeleni kwezwe; izingelosi zi ya kupuma, zi kipe ababi kwabalungileyo.
50Zi ba ponse eziko lomlilo; ko ba kona ukukala nokugedhla amazinyo.
51uJesu wa ti kubo, Ni ku zwisile loku konke na? Ba ti kuye, Yebo, Nkosi.
52Wa ti kubo, Ngaloko lowo umbali o fundiselwe umbuso wezulu u fana nomninindhlu o veza okutya nokudala emfuyweni yake.
53Kwa ti uJesu se e qedile lemifanekiso, wesuka lapo.
54Wa fika ezweni la kubo, wa ba fundisa endhlini yabo yokusonta, ba mangala ba ti; Ku velapi lokukuhlakanipa, na lemisebenzi emikulu a nayo na?
55Lo a siyo indodana yombazi na? Unina ka bizwa ngokuti uMaria na? Nabafo wabo a sibo oJakobe, noJose, noSimone, noJuda na?
56Nodade wabo a ba ko lapa bonke kitina na? Kuvelapi loku konke a nako na?
57Ba cunuka ngaye. Kepa uJesu wa ti kubo, Umprofeti ka delwa, kupela ezweni la kubo, na sendhlini yake.
58A kenzanga lapo imisebenzi emikulu eminingi, ngokungakolwa kwabo.