1LAPO be sondela eJerusalema, se be fikile eBetfage, entabeni yemihlwati, uJesu wa tuma abafundi ababili,
2Wa ti kubo, Hambani ni ye emzaneni o bhekene nani, ni ya kufumana masinyane imbongolo i botyiwe, netole li nayo: zi tukululeni, ni zi lete kimi.
3Uma umuntu e tyo luto kini, ni ya kuti, Inkosi i ya zi funa; u ya kuzitumela masinyane.
4Loku konke kwenziwa ukuba ku gcwaliseke okwa shunyayelwa umprofeti ukuti,
5Yityoni kuyo indodakazi ka Zioni ukuti, Bheka, inkosi yako i za kuwe, i mnene, i kwele embongolweni, na setoleni lembongolo.
6Abafundi ba hamba, benza njengokubayala kuka Jesu,
7Ba leta imbongolo netole, ba beka izingubo zabo pezu kwazo, ba m hlalisa pezu kwazo.
8Abantu abaningi bendhlala izingubo zabo endhleleni; abanye ba gaula amagatya emiti, ba wendhlala endhleleni.
9Abantu aba be hamba pambili, naba be m landela, ba memeza, be ti, Hosana kuyo iNdodana ka Davida, A ku bongwe ozayo ngegama leNkosi; Hosana kwelipezulu.
10Se e ngene eJerusalema, umuzi wonke wa nyakazela, wa ti, Ubani lo?
11Ba ti abantu, Lo u uJesu umprofeti wa seNazareta la seGalile.
12uJesu wa ngena etempelini, wa kipa abatengi nabatengisayo etempelini, wa gumbuqela amatebula abatengisa ngemali, nezihlalo zabatengisa ngamajuba;
13Wa ti kubo, Ku lotyiwe ukuti, Indhlu yami i ya kutiwa indhlu yokukuleka, kepa nina ni yenze umhume wabapangi.
14Kwa fika kuye izimpumpute nezinyonga etempelini, wa zi pilisa.
15Abapristi abakulu nababali be bona imimangaliso a yenzayo, nabantwana be memeza etempelini, be ti, Hosana kuyo iNdodana ka Davida ba tukutela.
16Ba ti kuye, U yezwa loku aba ku tyoyo na? uJesu wa ti kubo, Yebo; a ni zanga ni funde ini ukuti, ngomlomo wezingane nowabancelayo u vezile udumiso?
17Wa ba shiya, wa puma emzini, wa ya eBetani, wa ngenisa kona.
18Kusasa e se buyela emzini, wa lamba.
19Wa bona umkiwane nga sendhleleni, wa ya kuwo kodwa ka fumananga luto kuwo, amaqabunga kupela; wa ti kuwo, A ku nga bi ku sa vela ukudhla kuwe napakade. Wa buna masinyane umkiwane.
20Abafundi se be bone loko, ba mangala, ba ti, Yeka umkiwane u su bunile!
21uJesu wa pendula wa ti kubo, Ngi qinisile ngi ti kini, Uma ni nenkolo, ni nga ngabazi, a ni yi kwenza loko komkiwane kodwa, kepa uma ni ti ku lentaba, Suka, u ponseke elwandhle, ku za kwenzeka.
22Konke eni ku celayo ngokukuleka, ni kolwa, no kwamkeliswa.
23Se e ngene etempelini, abapristi abakulu namalunga abantu beza kuye, e sa fundisa, ba ti, U zenza lezizinto ngamapi amandhla na? Ubani owa ku nika lamandhla na?
24uJesu wa pendula wa ti kubo nami ngi ya kunibuza into i benye; uma ni ngi tyela yona, ngi ya kunityela amandhla engenza ngawo lezizinto.
25Ukubapatiza kuka Johane, kwa velapi na? Ezulwini, nokuba kubantu na? Ba zindhlisana, be ti, Uma si ti, Ezulwini; u ya kuti kitina, A ni kolwanga uye ngani na?
26Kodwa uma si ti, Kubantu; si yesaba abantu; ngokuba ba ti bonke, uJohane u umprofeti.
27Ba pendula ba ti kuJesu, A sazi. Wa ti kubo, Nami a ngi yi kunityela amandhla engenza ngawo lezizinto,
28Kepa ni tini na? Umuntu wa e namadodana amabili; weza, kweyokuqala, wa ti, Ndodana, hamba u yo sebenza namhla esivinini sami.
29Ya pendula ya ti, A ngi yi kuya, kepa ngasemva ya penduka ya ya.
30Weza kweyesibili, wa tyo ngokunjalo. Yona ya pendula ya ti, Ngi ya ya, Nkosi, kepa a i yanga.
31U mupi ku labobabili owa yenza intando ka yise na? Ba ti kuye, owokuqala. uJesu wa ti kubo, Ngi qinisile ngi ti kini, abatelisi nezifebe ba ya ni pangela ukungena embusweni ka Tixo.
32Ngokuba uJohane weza kini ngendhlela yokulunga, a ni kolwanga uye; abatelisi nezifebe ba kolwa uye; kodwa nina, se ni bonile, a ni pendukanga ngasemva, ukuba ni kolwe uye.
33Yizwani omunye umfanekiso; Kwa ku kona umuntu umninindhlu, owa tyala isivini, wa si biyela utango, wemba isikamo sevini, waka ixiba, wo si tyeleka abalimi, wesuka wa ya kwelinye izwe.
34Isikati sezitelo se si sondele, wa tuma izinceku zake kubalimi ukutabata izitelo zaso.
35Abalimi ba zi bamba izinceku zake, ba i tyaya enye, ba i bulala enye, ba i kanda enye ngamatye.
36Wa buya wa tuma ezinye izinceku eziningi ku nezokuqala; benza njalo na kuzona.
37Ekugcineni wa tuma kubo indodana yake, wa ti, Ba ya kuihlonipa indodana yami.
38Kodwa abalimi be bone indodana, ba kuluma ba ti, Lo u indhlalifa; zanini, si i bulale si bambe ifa lake.
39Ba m bamba, ba m kipela, ngapandhle kwesivini, ba m bulala.
40Nxa i si fikile inkosi yesivini, i ya kwenzani ku labobalimi na?
41Ba ti kuye. I ya kubabulala nokubulala labobalimi ababi; isivini sayo i ya kusityeleka abanye abalimi, aba ya kuinika izitelo ngesikati sazo.
42uJesu wa ti kubo, A ni zanga ni funde ini emibalweni ukuti, Itye elilahliweyo abaki, ilona se li inhloko yegumbi; loku kwenziwe iNkosi; ku isimangaliso emehlweni etu?
43Ngaloku ngi ti kini, Ni ya kuwapucwa umbuso kaTixo, u nikwe isizwe esi veza izitelo zawo.
44Owayo pezu kwa lelitye, wo cotyozwa; kodwa lowo eli wa pezu kwake, lo m colisa.
45Abapristi abakulu nabaFarisi se be zwile imifanekiso yake, bazi ukuba u shumayela ngabo.
46Ba funa ukumbamba, kepa besaba abantu, ngokuba be ti, u umprofeti.