1ESEUKILE entabeni, abantu abaningi ba m landela.
2Kwa fika o ilepero, wa kuleka kuye, e ti, Nkosi, uma u tanda u nga ngi hlambulula.
3uJesu wa selula isandhla sake, wa m pata, e ti, Ngi ya tanda; hlambululeka. Wa hlambululeka masinyane ubulepero bake.
4uJesu wa ti kuye, Bheka, u nga tyeli umuntu; hamba u ye u zibonakalise kumpristi, u yise umnikelo, a u yalelayo uMose, ku be ukuqinisa kubo.
5uJesu e se ngenile eKapernaume, kweza kuye induna yekulu i m ncenga,
6I ti, Nkosi, inceku yami i lele ekaya i nobuparalio, i hlupeka kakulu.
7uJesu wa ti kuyo, Ngi ya kuza, ngi i pilise.
8Induna yekulu ya pendula, ya ti Nkosi a ngi fanele ukuba u ngene endhlini yami; yityo izwi nje, inceku yami i ya kupila.
9Nami ngi umuntu o pansi kwamakosi, ngi namabuto a pansi kwami; ngi ti kulo, Hamba, a hambe; ngi ti na komunye, Woza, eze; ngi ti na sencekwini yami, Yenza loku, i kwenze.
10uJesu e zwa loku, wa mangala, wa ti kwabamlandelayo, Ngi qinisile ngi ti kini, a ngi zanga ngi fumane ukukolwa okungaka na kwa Israeli.
11Ngi ti kini, Abaningi ba ya kuza, be vela empumalanga, na sentyonalanga, ba cambalale noAbrahama noIsaka, noJakobe, embusweni wezulu;
12Kepa abantwana bombuso ba ya kulahlelwa ebumnyameni obungapandhle; ko ba kona ukukala nokugedhla amazinyo.
13uJesu wa ti enduneni yekulu, Hamba, a ku be kuwe njengokukolwa kwako. Inceku yayo ya pila kona ngaleso sikati.
14uJesu wa ngena endhlini ka Petro, wa bona umkwekazi wake e lele, e nomkuhlane.
15Wa pata isandhla sake, umkuhlane wa m yeka; wesuka wa ba konza.
16Kusihlwa ba leta kuye abaningi aba namademone; wa kipa omoya ngezwi, wa ba pilisa bonke abagulayo;
17Ukuze ku gcwaliseke okwa shunyayelwa uIsaya umprofeti ukuti, Wa tabata izifo zetu, wa twala nokugula kwetu.
18uJesu e bona abantu abaningi be m haqa, wa tyo ukuba ku mukelwe ngapesheya.
19Kwa fika umbali, wa ti kuye, Mfundisi, ngo ku landela lapo u ya kona.
20uJesu wa ti kuye, Izimpungutye zi nemigodi, izinyoni zezulu zi nezindhlu, kepa iNdodana yomuntu a i nandawo e nga camela kuyo.
21Omunye kubafundi bake wa ti kuye, Nkosi, ngi vumele ngi ye ngi mbele ubaba kuqala.
22uJesu wa ti kuye, Ngi landele; u yeke abafileyo, ba mbele abafileyo babo.
23E se ngene emkunjini, abafundi bake ba m landela.
24Bheka kwa fika isipepo esikulu elwandhle, umkumbi wa gutyuzelwa amaza; kodwa yena wa e lele.
25Abafundi bake beza kuye, ba m vusa, ba ti, Nkosi, si sindise, sa fa.
26Wa ti kubo, Nesaba ngani, nina ba nokukolwa okuncinyane? Kona wesuka wa kuza umoya nolwandhle, kwa ba kona ukutula okukulu.
27Kepa abantu ba mangala, ba ti, Umuntu onjani lo, loku u lalelwa umoya nolwandhle?
28Se e fikile ngapesheya, ezweni lamaGergesi, wa hlangabezwa abantu ababili aba namademone, be vela ematuneni, be nolaka olukulu, kwa ku nge dhlule muntu nga leyondhlela.
29Ba memeza ba ti, Si nani kuwe, Ndodana ka Tixo? U ze lapa ukusihlupa, si nga ka fiki isikati na?
30Kwa ku kona kude nabo umhlambi wezingulube eziningi, zi dhla.
31Amademone a m ncenga, a ti, Uma u si kipa, si vumele, si sukele emhlambini wezingulube.
32Wa ti kuwo, Yiyani. A puma a sukela emhlambini wezingulube. Umhlambi wonke wezingulube wa gijimela elwandhle ngasesiweni, wa fa emanzini.
33Aba be zalusa ba baleka, ba ya emzini, ba bika konke, na loko okwehlela aba namademone.
34Kona umuzi wonke wa puma ukumhlangabeza uJesu; be sa m bona, ba m ncenga ukuba a muke ezweni la kubo.