1AU ku bona aba cabanga ukonakala, be sebenza okubi ezinkukweni zabo; ekukanyeni kokusa be kwenza, ngokuba ku semandhleni esandhla sabo.
2Ba ti ba fisa imihlabati, ba yi panga; nezindhlu ba zi tabata; njalo ba ya yamuka indoda nendhlu yayo, umuntu nenzuzo yake.
3Ngaloku uJehova, u tyo ukuti bheka mina ngi ya cabanga okubi pezu kwa lomndeni, e ni nga yi ku kipa izintamo zenu kuko; ni nga bi ni hamba ngokuzidhla ngokuba isikati lesi sibi.
4Nga lolosuku umuntu wo pata isikulumo ngakini, a lile ngezwi lokulila, e ti, Si citakele ngokuciteka; u pambanisile inxenye yabantu bami; yeka u yi susile kimi! e zifulatela u yi hlukanisile imihlabati yetu.
5Ngako a ku yi ku ba kuwe o beka intambo ngenkato emhlanganweni ka Jehova.
6Ni ngazisa njengabo abazisayo; a ba yi kwazisa ku laba, a ka zo muka emahlazweni.
7Wena o tiwa indhlu ya kwa Jakobe, uMoya ka Jehova u finyezwe ini? i yimisebenzi yake lena na? amazwi ami a ka m sizi o qonda ekuhambeni na?
8Kepa kade abantu bami ba vuka njengesita: ni hlubula ingubo ekwambateni kubo abadhlulayo ngokwetamba, be yekile ukulwa.
9Abafazi babantu bami ni ba xotyile ezindhlini ezitandiweyo zabo; ni susile ukukazimula kwami kubantwana babo ku ze ku be pakade.
10Vukani ni pume, ngokuba lendawo a siyo ukupumula kwenu: ngenxa yokubi i ngcolile, i ya ku ni cita ngokucita okusabekayo.
11Nxa umuntu e hamba jengomoya na senkohlisweni a qambe amanga e ti ngo azisa kuwe ngewaini na ngokupuza oku namandhla; yena wo ba umazisi kulababantu.
12Ngo ku hlanganisa isibili Jakobe ukupela kwako; ngo buta ngokubuta abensalo ba kwa Israeli; ngo ba beka kanye njengezimvu eBozra, njengomhlambi edhlelweni lawo: ba zo hlokoma ngabantu.
13Odabulayo u kupukile pambi kwabo: ba dabulile, ba dhlulele esangweni, futi ba pumile kulo: yo dhlulela pambi kwabo nenkosi yabo. noJehova ekanda kubo.