1KWA butana kuye abaFarisi nabanye kubabali aba vela eJerusalema.
2Se be bonile abanye kubafundi bake be dhla ukudhla ngezandhla ezibi oku ukuti ezi nga hlanjwanga, ba sola.
3Abafarisi nabaJuda bonke a ba dhli be nga hlambisisile izandhla, ba bambe imvelo yabadala.
4Nxa be vela endaweni yokubutana, a ba dhli, be nga ka hlambi. Ku kona nezinye izinto eziningi aba zi fundileyo, ba zi bamba, ukuhlanza izindebe, nezimbiza, nezitya zetusi, nemibede.
5Kona abaFarisi nababali ba m buza be ti, Abafundi bako a ba hambi ngani ngemvelo yabadala, kepa ba dhla ukudhla ngezandhla ezi nga hlanjwanga?
6Wa pendula wa ti kubo, uIsaya wa profeta kahle ngani, nina bazenzisi, njengokulotyiweyo ukuti Lababantu ba ya ngi dumisa ngezindebe, kepa inhliziyo yabo i kude nami.
7Ba ngi konza ngeze, be fundisa izifundiso ezi imiyalo yabantu.
8Ni yeka umyalo ka Tixo, ni bamba imvelo yabantu, ukuhlanza izimbiza nezindebe, nezinye izinto eziningi ezinjalo ni ya zenza.
9Wa ti kubo, Nembala ni ya cita umteto ka Tixo, ukuba ni bambe imvelo yenu.
10uMosi wa ti, Dumisa uyihlo nonyoko; nokuti, Otuka uyise nonina a ka fe nokufa.
11Kodwa nina ni ti, Uma umuntu e ti kuyise nonina, Ku ikorbana, (oku ukuti, umnikelo,) loku engi ku siza ngako;
12Ni nga be ni sa m vumela ukuba enzele nyise nonina uto,
13Nenzo izwi lika Tixo li be ize ngemvelo yenu, eni i fundisileyo; nezinye izinto eziningi ezinjalo ni ya zenza.
14Wa biza abantu bonke, wa ti kubo, Ngi laleleni nonke ni zwisise:
15A ku ko into e ngapandhle komuntu, e ngena kuye, e nga m ngcolisa; kepa okupuma kuye, ku iloku oku m ngcolisa umuntu.
16Uma e kona o nezindhlebe zokuzwa, ma kezwe.
17Se e ngenile endhlini, e vela kubantu, abafundi bake ba m buza nga lomfanekiso.
18Wa ti kubo, Nani ni se ngabangaqondiyo na? A ni boni ini ukuba konke oku ngapandhle ku ngena kumuntu, ku nge m ngcolise.
19Ngokuba ku nga ngeni enhliziyweni, ku ngena esiswini, ku pumele ngapandhle, ku hlanzwe ukudhla konke.
20Wa ti, Oku puma kumuntu iloku oku m ngcolisa umuntu.
21Ku puma ngapakati enhliziyweni yabantu izizindhlo ezimbi, nokupinga, nokuhlobonga, nokubulala,
22Ukweba, ukufisa, ukona, ukukohlisa, ukukanuka, iso elibi, inhlamba, ukuzidhla, ubuula.
23Lezizinto zonke ezimbi zi vela ngapakati, zi ngcolise umuntu.
24Wesuka lapo, wa ya ezweni la seTire neSidone. Wa ngena endhlini, e nga tandi ukwaziwa umuntu; kodwa wa be e nge fihlakale.
25Umfazi, o ntombazana yake i nomoya omubi, e zwile ngaye, weza wa wa ezinyaweni zake.
26Lomfazi wa e ngumGreki, umSirofenike ngokuzalwa, wa m nxusa ukuba a kipe idemone entombazaneni yake.
27Kepa uJesu wa ti kuye, Ma ke ku sute abantwana kuqala; a ku kuhle ku tatyatwe ukudhla kwabantwana ku ponswe ezinjeni.
28Wa pendula wa ti kuye, Yebo, Nkosi, kepa izinja zi ya dhla imvutuluka yabantwana pansi kwesitebe.
29Wa ti kuye, Nga lokukutyo, hambake; idemone li pumile entombazaneni yako.
30Se e fikile endhlini yake, wa fumana idemone li pumile, intombazana i lele embedeni.
31Wa buya wemuka ezweni la seTire neSidone, weza nga selwandhle lwa seGalile, e dabula ezweni la seDekapoli.
32Ba zisa kuye isitulu esi namalimi; ba m ncenga ukuba a beke isandhla pezu kwaso.
33Wa si tabata wa si sitelisa ebantwini, wa faka iminwe yake ezindhlebeni zaso, wa fela amate wa pata ulimi lwaso:
34Wa bheka ezulwini, wa bubula, wa ti kuso Efata, oku ukuti, Vuleka.
35Za se zi vuleka izindhlebe zaso, umtambo wolimi lwaso wa tukuluka, sa kuluma, si pumesela.
36Wa ba yala ba nga tyeli umuntu; kodwa ba shumayela kakulu ku nako, aba yala ngako.
37Ba mangala nokumangala, be ti, U kwenzile konke kahle; wenze izitulu zi zwe, nezimungulu zi kulume.