1WA ti kubo, Ngi qinisile ngi ti kini, Ba kona abanye abemiyo lapa, aba nga yi kuzwa ukufa, ba ze ba bone umbuso ka Tixo u za ngamandhla.
2Emva kwezinsuku ezi isitupa, uJesu wa tabata uPetro, noJakobe, noJohane, wa ba kupulela entabeni ende be bodwa; wa penduka esinye isimo pambi kwabo.
3Izingubo zake za kazimula, za ba mhlope kakulu njengongqogqwane; ku nge ko emhlabeni umhlanzi o nga zenza zi be mhlope kangaka.
4Kwa bonakala kubo uElija noMosi, be kuluma noJesu.
5uPetro wa pendula wa ti kuJesu, Mfundisi, kuhle ukuba si lapa: a sake amadokodo amatatu; elinye li be elako, nelinye li be elika Mosi, nelinye li be elika Elija.
6Wa e ngazi a nga ku tyoyo; ngokuba besaba kakulu.
7Kwa fika ifu la ba sitibeza; izwi la vela efwini la ti, Lo u iNdodana yami etandiweyo, i zweni?
8Kwa ti masinya be qalaza, a ba be be sa bona muntu, kupela uJesu e nabo.
9Be sehla entabeni, wa ba yala ukuba ba nga tyeli muntu izinto aba zi bonileyo, i ze i vuke kwabafileyo iNdodana yomuntu.
10Ba zigcinela lelizwi ba buzisana ukuba ku tini ukuvuka kwabafileyo.
11Ba m buza ba ti, Ababali ba tyoloni ukuti, Ko za ku fike uElija kuqala na?
12Wa pendula wa ti kubo, uElija u yeza kuqala impela, a hlele konke; ku lotyiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuti, i ya kuhlupeka kakulu, i delwe?
13Kodwa ngi ti kini, uElija se e fikile, benzile kuye aba ku tandayo, njengokulotyiweyo ngaye.
14Wa fika kubafundi, wa bona abantu abaningi be nabo, nababali be buzana nabo.
15Se be m bonile ba mangala kakulu abantu bonke, beza ngokugijima, ba m bingelela.
16Wa ba buza ababali e ti, Ni buzana nabo ngani na?
17Omunye kubantu wa pendula wa ti, Mfundisi, ngi lete indodana yami kuwe, i nomoya o isimungulu;
18Lapa u m bamba kona u m apula, a kihlize amagwebu, a gedhle amazinyo, a zace; ngi tyilo kubafundi bako ukuba ba m kipe; bahluleka.
19Wa ba pendula wa ti Au, sizukulwane esingakolwayo, ngo ba nani ku ze ku be nini na? ko za ku be nini ngi ni bekezelela na? M leteni kimi.
20Ba m zisa kuye; e se m bona umoya wa m hlukumeza, wa puma kuye; wa wa pansi, wa bukuzeka, e kihliza amagwebu.
21Wa buza kuyise wa ti, Isikati se si ngakanani iloku kwa m fikela na? Wa ti, Iloku wa be se umntwana.
22U m ponsile kaningi emlilweni, na semanzini ukuba u m bubise, kodwa uma ku kona o nga kwenzayo, si haukele, a si size.
23uJesu wa ti kuye, Uma u kolwa, konke ku ngenzeka kokolwayo.
24Wa se e kala uyise womntwana ngezinyembezi, wa ti, Nkosi, ngi ya kolwa, siza ukungakolwa kwami.
25uJesu e bona abantu be gijima, be butana, wa kuza umoya omubi, wa ti kuye, Wena moya o isimungulu nesitulu, ngi ya ku yala, puma kuye, u nga be u sa buya u ngene kuye.
26Wa kala wa m hlukumeza kakulu, wa puma kuye, wa ba njengofileyo, ba ti abaningi, Se e file.
27Kodwa uJesu wa m bamba ngesandhla, wa m vusa, wesuka wema.
28Se e fikile endhlini, abafundi bake ba m buza, be bodwa, be ti, Tina be si nge m kipe ngani na?
29Wa ti kubo, Loluhlobo lu nge pume ngaluto, kupela ngokukuleka na ngokuzila ukudhla.
30Bemuka lapo, ba dabula eGalile; wa e nga tandi ukuba kwaziwe umuntu.
31Wa ba fundisa abafundi bake, wa ti kubo iNdodana yomuntu i ya kunikelwa ezandhleni zabantu, ba ya kuibulala; se i bulewe, i ya kubuya i vuke ngosuku lwesitatu.
32Kodwa a bezwisanga lokukutyo, besaba ukumbuza.
33Weza eKapernaume. E sendhlini wa ba buza wa ti, Be ni pikisana ngantoni endhleleni na?
34Kodwa ba tula; ba be pikisene endhleleni ukuba ubani omkulu.
35Wa hlala pansi, wa ba biza aba ishumi nambili, wa ti kubo, Uma umuntu e tanda ukuba owokuqala, a be owokupela kubo bonke, nenceku yabo bonke.
36Wa tabata umntwana, wa m misa pakati kwabo wa m gona, wa ti kubo,
37Owamkela a be munye kubantwana abanje ngegama lami, wamkela mina; naye o wamkela mina, a kamkeli mina, wamkela o ngi tumileyo.
38uJohane wa m pendula wa ti, Mfundisi, Sa bona umuntu e kipa amademone ngegama lako, e nga si landeli; sa m nqabela ngokuba e nga si landeli.
39Kodwa uJesu wa ti, Ni nga m ngabeli; a ku ko umuntu owenza umsebenzi omkulu ngegama lami, o nga suka masinya, a kulume kabi ngami.
40Lowo o ngalani nati, u mi nati.
41O ni puzisa isitya samanzi ngegama lami, ngokuba ni ngabaka Kristu, ngi qinisile ngi ti kini, a ka yi kulahlekelwa umvuzo wake.
42Kodwa o kubekisa omunye ku laba abancinyane aba kolwa imi, ku m lungele yena ukuba itye lokusila li botyelwe entanyeni yake, a ponswe elwandhle.
43Uma isandhla sako si ku kubekisa, si nqume; kuhle kuwe ukungena ekupileni, u limele, ku nokuba u nezandhla ezimbili, u ye egehena; emlilweni ongacimekiyo:
44[Lapo impetu yabo si nga fi, nomlilo u nga cimi.]
45Noma unyawo lwako lu ku kubekisa, lu nqume; kuhle kuwe ukungena ekupileni, u isilima, ku nokuba u nezinyawo ezimbili, u ponswe egehena, emlilweni ongacimekiyo;
46[Lapo impetu yabo si nga fi, nomlilo u nga cimi.]
47Noma iso lako li ku kubekisa, li kipe; kuhle kuwe ukungena embusweni ka Tixo, u neso li linye, ku nokuba u namehlo amabili, u ponswe egehena lomlilo;
48Lapo impetu yabo si nga fi, nomlilo u nga cimi.
49Bonke ba ya kuzwakaliswa ngomlilo, neminikelo yonke i ya kuzwakaliswa ngosaoti.
50Usaoti u lungile, kepa uma usaoti e dumele, ni ya kumyolisa ngani na? Ma ni be nosaoti pakati kwenu, ni hlalisane kahle.