1INKULUMO ngoNineva. Incwadi yesibonakalo sika Nahume umElkoshi.
2uTixo u nomona; uJehova u ya pindisela; uJehova u pindisela, e vuta ngolaka; uJehova u pindisela kuzo izita zake, futi wo gcinela abazondi bake impindiselo.
3uJehova u libala ukutukutela, u namandhla amakulu, a ka yi ku yekela ngokuyekela: uJehova u nendhlela yake esivunguvungwini, na sesipepweni; amafu a ngutuli lwezinyawo zake.
4U ya kuza ulwandhle e lomisa, u yomisa nemifula yonke: uBashane u ya buna, noKarmeli, nembali ya seLebanoni i ya buna.
5Izintaba zi ya zamazama ngaye, nemimango i ya ncibilika, ku ti umhlaba u ya pakanyiswa ebusweni bake, yebo, izwe nabo bonke abahlezi kulo.
6Ubani o ngema pambi kwentukutelo yake, ubani o nga vuka ekuvuteni kolaka lwake na? intukutelo yake i ya telwa njengomlilo, amatye a ya wiswa pansi nguye.
7uJehova u lungile, u inqaba ngosuku lwenhlupeko; futi u ya bazi ababalekayo be ya kuye.
8Kepa ngomsinga odhlulayo u ya kwenza ukuqeda kwendawo yayo intukutelo, futi ubumnyama bo landela abazondi bake.
9Ni cebani nga kuye uJehova na? Yena u ya kwenza ukuqeda: uhlupo a lu yi ku vuka kabili.
10Ngokuba lapo ba ya kwalukana njengameva, na lapo be dakiwe njengesidakwa, ba ya dhliwa njengezibi ezomileyo impela.
11U pumile kuwe o ceba okubi ngakuye uJehova, umyali ka Beliali.
12Njalo u tyo uJehova ukuti, Ngokuba ba pelele, na ngako ba ngabaningi, ba ya kusikwa pansi noko, ba fe. Ngokuba ngi ku hlupile, a ngi sa yi ku ku hlupa.
13Kaloku pela ngo yapula intonga yake i nga bi pezu kwako, ngi dabule izibopo zako.
14Futi uJehova u yalezile ngawe, ukuba, a ku yi ku hlwanyelwa futi kulo igama lako; ngo nquma endhlini yezitixo zako isitombe esibaziweyo, nesitombe esincibilikisiweyo: ngo beka ituna lako ngokuba u delekile.
15Bheka pezu kwezintaba izinyawo zojabulisayo ngezindaba, zoshumayela ukutula! Juda gcina amadili ako, pelelisa izifungo zako: ngokuba uBeliali a ka sa yi ku pinda ukudabula pezu kwako; u nqunyiwe impela yena.