1KWA ti lapo uSanbalati e zwa ukuba sa be saka udonga wa tukutela wa vuka ngolaka wa ba hleka usulu abaJuda.
2Wa kuluma pambi kwabakubo na sempini ya seSamaria, wa ti, Laba baJuda ababutakataka benzani na? Ba ya kuyekwa na? Ba ya kunikela na? Ba ya kuqeda emini na? Ba ya kuvusa yini amatye a sezingqwabeni noma a tyiswa na?
3Kwa ti uTobia umAmoni wa e naye, wa ti, Loku abakwakayo, nokuba impungutye nje enyukela kona, i ya ku lu bidhliza udonga lwalo lwamatye.
4Yizwa Tixo wetu ngokuba tina si ya delelwa; u buyisele ukutuka kwabo pezu kwekanda labo u ba nikele ba pangwe ezweni lezitunjwa.
5U nga sibekeli ukona kwabo, isono sabo ma si nga hlangulwa ebusweni bako; ngokuba ba ku cunulile ukuba u tukutele pambi kwabakayo.
6Saka njalo udonga; udonga lonke lwa hlanganiswa kwa za kwa pela inxenye yalo; ngokuba abantu ba be nenhliziyo yokusebenza.
7Kwa ti ukuba oSanbalati noTobia, naba seArabia, namaAmoni namaAshdodi, bezwe ukuti izindonga za seJerusalema se zakiwe, nokuti izikala zi qaliwe ukuvinjwa, kona ba tukutela ngamandhla.
8Ba hlangana bonke kanye ukuba beze ba zo kulwa eJerusalema, ukulona.
9Kepa senza ukukuleka kuTixo wetu, sa ba bekela abalindi imini nobusuku, ngenxa yabo.
10AbaJuda ba ti Amandhla abetwalayo a se pelile ku sele izibi eziningi; ngako a si nako ukwaka udonga.
11Izita zetu za ti, Ka ba so ze bazi, ka ba so ze ba bona, si ze si fike pakati kwabo, si ba bulale, si nqamule umsebenzi.
12Kwa ti lapo bezayo abaJuda a ba be hlezi eduze nabo, ba ti kitina kashumi, Ezindaweni zonke lapo ni buyela kitina, bo ni vukela.
13Ngako nga beka ezindaweni ezi senzansi odongeni, nasezindaweni ezi pezulu, nga beka kwa i lowo muntu kanye nabakubo, be nezinkemba zabo, nemikonto yabo, nemicibityelo yabo.
14Nga ze nga cinga, nga suka nga ti kuzo izikulu nakubabusi, nakubo abanye abantu, ni nga be sabi; kumbulani inkosi enkulu e sabekayo, ni lwele abafo wenu amadodana enu, amadodakazi enu, omkenu nezindhlu zenu.
15Kwa ti lapo izita zetu se zi zwile ukuba se si ya yazi lendaba, noTixo u citile icebo labo sa pindela sonke odongeni, kwa ilowo emsebenzini wake.
16Kwa ti kwa suka kuleso isikati inxenye yezinceku zami ya sebenza, inxenye ya pata imikonto, namahau, imicibityelo, namabantyi ensimbi, ababusi ba bemi ngasemva kwabo bonke abendhlu yakwa Juda.
17Bona abalwakayo udonga, naba be twala imitwalo, kanye nabetwesayo, bonke kwa ilowo wa sebenza ngesandhla sinye, ngesinye wa pata izikali.
18Abakayo bonke ba bopa kwa ilowo inkemba yake okalweni lwake, baka kanjalo. O wa e tyaya itilingo wema nga kimi.
19Mina nga ti kuzo izikulu, nakubabusi na kubo abanye babantu, Umsebenzi mkulu, u namandhla; tina sahlukene odongeni, omunye u kude nomunye.
20Ngako kona ku lendawo lapo ni zwayo ukukala kwetilongo, butanani kona ni ze kimi; uTixo wetu u ya kusilwela.
21Njalo sa quba umsebenzi; inxenye yabo ya pata imikonto ekupumeni kwelanga ku ze ku pume izinkanyezi.
22Futi ngalesosikati nga ti kubantu, ma ba hlale bonke pakati kweJerusalema, ku be ilowo nenceku yake ukuze zi si linde ebusuku ku ti emini zi sebenze.
23Ngako mina, naba kiti, nezinceku zami, nabalindi aba ngi landelayo, amuko kiti o wa kumula izingubo zake, kupela kwa ilowo wa zi kumulela ukuhlanzwa.