1UJEHOVA wa kuluma kuMosi, e ti,
2Zenzele amatilongo amabili esiliva ngomsebenzi o kandiweyo u wenze: ukuba abe awokubiza inhlangano nokususa amakamu.
3Lapo be ya kuwatyaya inhlangano yonke i ya kubutanela kuwe emnyango wetabanekele lenhlangano.
4Uma be tyaya itilongo li be linye ku ya kubutanela kuwe izinduna ezi izinhloko zezinkulungwane zakwa Israeli.
5Lapo ni hlaba umkosi amakamu e mi ngasempumalanga a ya kusuka.
6Lapo ni hlaba umkosi wesibili amakamu e mi ngaseningizimu a ya kusuka: ba ya kuhlaba umkosi ngokusuka kwabo.
7Kodwa lapo ku butwa inhlangano ni ya kuwatyaya ni nga hlabi umkosi.
8Amadodana ka Aroni abapristi a ya kutyaya amatilongo: ku ya kuba isimiso kini, ku ze ku be pakade, ezizukulwaneni zenu.
9Noma ni puma impi ezweni lakini ukuya kulwa nezita ezi ni katazayo ni ya kuhlaba umkosi ngamatilongo: ni ya kukunjulwa pambi kuka Jehova uTixo wenu; ni sindiswe eziteni zenu.
10Osukwini lokwenama kwenu, na ngezinsuku zenu ezimisiweyo, na sekutwaseni kwezinyanga zenu ni ya kutyaya amatilongo enu eminikelweni yenu yokutya na seminikelweni yokuhlatywa yokutula, ukuba i be isikumbuzelo senu pambi kuka Tixo wenu, ngi nguJehova uTixo wenu.
11Kwa ti ngosuku lwamashumi amabili lwenyanga yesibili emnyakeni wesibili ifu la kutyulwa etabanekeleni lemiteto.
12Aba kwa Israeli ba suka ehlane la seSinai ifu lema ehlane la seParani.
13Ba qala ukuhamba njengokutyo kuka Jehova ngesandhla sika Mosi.
14Ku qala kwesuka isibonakaliso sekamu laba kwa Juda ngezimpi zabo, uNashoni indodana ka Aminadabi wa ye pezu kwebandhla la kubo.
15Pezu kwesizwe sa kwa Isakari kwa ku uNetaneli indodana ka Zuari.
16Napezu kwesizwe sa kwa Zebuloni kwa ku uEliabi indodana ka Heloni.
17Itabanekele la suswa, amadodana ka Gershoni namadodana ka Merari e suka e twala itabanekele.
18Nesibonakaliso sekamu la kwa Rubeni se suka njengezimpi zabo, uElizuri indodana ka Shaduri wa ye pezu kwebandhla la kubo.
19Pezu kwesizwe sa kwa Simeoni kwa ku uShalumieli indodana ka Zurishadi.
20Pezu kwesizwe sa kwa Gadi kwa ku uEliasafu indodana ka Deueli.
21Aba kwa Kohati besuka be twele indawo e yingcwele na labo ba bemisa itabanekele be nga ka fiki.
22Isibonakaliso sekamu la kwa Efraimi se suka njengezimpi zabo, uElishama indodana ka Amahudi wa ye pezu kwebandhla la kubo.
23Pezu kwesizwe sa kwa Manasa kwa ku Gamalieli indodana ka Pedazuri.
24Pezu kwesizwe sa kwa Benjamini kwa ku Abidani indodana ka Gideoni.
25Isibonakaliso sekamu la kwa Dani se suka, eli nga semva kwawo onke amakamu emabandhleni abo; uAhieza indodana ka Amishadai wa ye pezu kwebandhla la kubo.
26Pezu kwesizwe sa kwa Asheri kwa ku Pagieli indodana ka Okrani.
27Pezu kwesizwe sa kwa Naftali kwa ku uAhira indodana ka Enani.
28Kwa ku nje ukuhamba kwa ba kwa Israeli njengezimpi zabo ekusukeni kwabo.
29uMosi wa ti kuHobabi indodana ka Regueli umMidiani umkwe kaMosi si ya endaweni uJehova a ti ngi ya kuninika yona: Hamba nati si ya kukupata kahle; Ngokuba uJehova u kulumile okuhle ngabaIsraeli.
30Wa ti kuye, A ngi nakuhamba, kodwa ngi za kuya kwaba kiti.
31Wa ti, U nga si shiyi ngi ya kuncenga: loku u yazi ukuba si ya kumisa ehlane, u nga ba amehlo kitina.
32Ku ya kuti uma u hamba nati kuti impela, ukulunga uJehova a kwenzayo kiti si ya kukwenza na kuwe okunjalo.
33Ba suka entabeni ka Jehova ibanga lezinsuku ezintatu, umpongolo wesivumelwano ka Jehova wa hamba pambi kwabo ibanga lezinsuku ezintatu ukufuna indawo yokumisa kwabo.
34Ifu lika Jehova la li pezu kwabo emini ekupumeni kwabo ekamu.
35Kwa ti ekusukeni kompongolo uMosi wa ti, vuka Jehova, zi ti izita zako zi hlakazeke nabakuzondayo, ba ku balekele.
36Na sekumeni kwawo, wa ti, Buyela Jehova, ezinkulungwaneni eziningi za ba kwa Israeli.