1NALO lonke ibandhla la pakamisa izwi la memeza; abantu ba kala nga lobo busuku.
2Bonke abantwana ba kwa Israeli ba sola uMosi noAroni, lonke ibandhla la ti kubo, sengati Tixo a sa fela ezweni lasEgipite, ku nokuba si fele ku lelihlane.
3uJehova u si leteleni ku lelizwe u ku wiswa ngenkemba, nabafazi betu nabantwana betu ba be impango na? A ku lungile ini ukuba si buyele Egipite na?
4Ba ti omunye komunye, Ma si mise induna si buyele Egipite.
5Lapo uMosi noAroni ba wa ngobuso pambi kwenhlangano yonke yebandhla labantwana ba kwa Israeli.
6uJoshua indodana ka Nuni, noKalebi indodana ka Jefuna, a ba labo abahloli izwi ba hxebula izingubo zabo;
7Ba kuluma kulo lonke ibandhla labantwana ba kwa Israeli, be ti, Izwe e sa dhlula kulo ukulihlola li izwe elihle kakulu impela.
8Uma uJehova e si tanda, u ya kusileta kulelizwe, a si nike lona; izwe eli veza ubisi nezinyosi.
9Kodwa ma ni nga hlubuki kuJehova, ni nga besabi abantu bezwe; ngokuba ba isinkwa kitina, umtunzi wabo u mukile kubo, uJehova u nati ni nga besabi.
10La tyo lonke ibandhla ukuti ba kandeni ngamatye. Kona inkazimulo ka Jehova ya bonakala etabanekeleni lenhlangano, kubo bonke abantwana ba kwa Israeli.
11Wa ti uJehova kuMosi, Ko ze ku be nini laba bantu be ngi dela na? Ko ze ku be nini be ngetembi kimi na? ngenxa yezibonakaliso zonke e ngi zenzile pakati kwabo na?
12Ngi za kubatyaya ngesifo ngi ba xotye, ngi ya kukwenza abako ba be isizwe esikulu e si namandhla ku nabo.
13Wa ti uMosi kuJehova, Ba ya kuzwa aba sEgipite, ngokuba wa ba kupula laba bantu ngamandhla ako pakati kwabo.
14Ba ya kutyela abahleziyo kulelizwe: se be zwile ukuba wena Jehova u pakati kwa laba bantu, aba ku bonayo ubuso ngobuso, wena Jehova, nefu lako li mi pezu kwabo, ngensika yefu u ya hamba pambi kwabo emini, na ngensika yomlilo ebusuku.
15Manje uma u ba bulala laba bantu njengomuntu munye, zi ya kukuluma izizwe ezi zwile udumo lwako, zi ti,
16Ngokuba uJehova u be nge namandhla ukuyisa laba bantu ezweni o wa li fungela kubo, ngakoke u se ba bulele ehlane.
17Kaloku, ngi ya kuncenga, sengati amandhla enkosi yami a nga kula njengokuba u tyilo, ukuti,
18uJehova o puza ukutukutela, o nomusa omkulu, o tetelela ukona nokupambuka, o nga m yekiyo o necala, o pindisayo isono sa oyise pezu kwabantwana ku ze ku be isizukulwana sesitatu nesesine.
19Tetelela, ngi ya kuncenga, isono sa laba bantu, njengobukulu bomusa wako, na njengaloku u ba tetelele laba bantu Egipite ku ze ku be manje,
20Wa ti uJehova, se ngi ba tetelele njengezwi lako;
21Kodwa, ngokupila kwami impela ubukosi buka Jehova bu ya kugcwalisa umhlaba wonke.
22Ngokuba onke amadoda a bonileyo inkazimulo yami, nezimangaliso zami e ngi zenzileyo Egipite, na sehlane, kepa se be ngi lingile kaloku kashumi, a bezwa izwi lami;
23Impela a ba yi kulibona izwe e nga li fungela koyise, bonke aba ngi delayo, a ba yi kulibona.
24Kodwa inceku yami uKalebi, ngokuba u nomunye umoya, wa ngi landela ngokwempela, ngi ya kumyisa yena ezweni a ya kulo; inzalo yake i ya kulifuya.
25(AmaAmaleki namaKenani akile emfundeni,) ngomso guqukani ni ye ehlane ngendhlela yolwandhle olubomvu.
26uJehova wa kuluma kuMosi noAroni, e ti,
27Ko ze ku be nini ngi bekezele leli bandhla elibi, eli ngi solayo na? Ngi zwile insolo yabantwana ba kwa Israeli aba ngi sola ngayo.
28Yityo kubo, Ngokupila kwami impela, u ti uJehova ngi zo kwenza kini njengokukuluma kwenu ezindhlebeni zami.
29Zi za kuwa izidumbu zenu ku lelihlane, nabo bonke ababalwayo kini, njengomumo wonke wenu u qale ko neminyaka e amashumi amabili na ngapezulu kwa ba ngi solayo.
30A ni so ze na fika ezweni e ngi pakamisile isandhla sami uku ni beka kulo, kupela uKalebi umfo ka Jafuna noJoshua umfo ka Nuni.
31Izingane zenu, e ni ti, zi ya kuba impango, ngi ya kuzingenisa, zi ya kulazi izwe e na li delayo.
32Kepa nina, izidumbu zenu zi ya kuwa ku lelihlane.
33Nabantwana benu ba ya kuzula ehlane iminyaka emashumi mane, betwala ukupinga kwenu, zi ze zi pele izidumbu zenu ehlane.
34Njengobuningi bezinsuku e na hlola ngazo izwe, izinsuku ezi amashumi amane, usuku umnyaka, no twala izono zenu iminyaka e mashumi mane, nazi ukufulatela kwami.
35Mina, Jehova, ngi tyilo, uma ngi nga kwenzi loku kulo lonke leli bandhla elibi aba ngi hlanganyeleyo; ku lelihlane ba ya kupela, ba fele lapo.
36Lawa amadoda a wa tuma uMosi ukuhlola izwe, a buya a solisa lonke ibandhla ngokuveza ukuhleba izwe;
37Lawa amadoda a veza ukuhleba izwe, a fa ngesifo pambi kuka Jehova.
38Kodwa uJoshua umfo ka Nuni noKalebi umfo ka Jefuna aba be nalawa madoda ukuhlola izwe, ba pila.
39uMosi wa ba tyela lawa mazwi bonke a ba kwa Israeli; abantu ba lila kakulu.
40Ba vuka ekuseni ba kupukela esiqongweni sentaba, be ti, Bheka, si lapa si zo kupukela ku leyo ndawo, e ya tyiwo uJehova ngokuba sonile.
41Wa ti uMosi, ni leqeleni izwi lika Jehova na? Loku a ku yi kuba nenhlanhla.
42Ni nga kupuki ngokuba uJehova amuko pakati kwenu, ukuba ni nga tyaywa pambi kwezita zenu.
43Ngokuba amaAmaleki namaKenani a kona pambi kwenu, ni ya kuwa ngenkemba, ngokuba ni buyile emva kuJehova, ngako a ka yi kuba nani uJehova.
44Kodwa ba pikelela ukukupuka, ba ya esiqongweni sentaba; kepa umpongolo wesivumelwano sika Jehova, noMosi a wu puma ekamwini.
45Ehla amaAmaleki namaKenani a e hlezi kuleyontaba, aba tyaya, aba xotya ba ze ba fika eHorma.