1LAPO uBalami e bona ukuba uJehova u funa ukubusisa abaIsraeli, a ka yanga, njengasezikatini, ukufuna izanusi, kodwa wa bhekisa ubuso ngasehlane.
2uBalami wa vula amehlo ake, wa bona abaIsraeli be hlezi kotente babo njengezizwe zabo; umoya ka Jehova wa m fikela.
3Wa kuluma umfanekiso wake, wa ti, uBalami indodana ka Beori, u te, nomuntu amehlo ake e vuliwe, u te:
4U te, ozwileyo amazwi ka Tixo, no si bonile isiboniso sika Mninimandhla, kungati u file, kodwa amehlo ake e vulekile.
5Ku kulu ukulunga kotente bako O Jakobe, namaTabanekele ako, O Israeli.
6Njengezigodi zandile, njengamasimu ngasemfuleni, njengemiti yemiyahali e ya tyalwa uJehova, na njengemiti yesedare eduze namanzi.
7U ya kuwatulula amanzi ezityeni zake, nembeu yake i ya kuba semanzini amaningi, nenkosi yake i yakuba ngapezu kuka Agage, nobukosi bake bu ya kupakama.
8uTixo wa m kipa Egipite, u nawo amandhla kungati a wendhluzele, u ya kuzidhla izita zake ezizweni, a pule amatambo azo, a zi gwaze ngemicibityolo yake,
9Wa nyonyoba, wa lala njengengonyama, na njengengonyama enkulu ubani o ngamvusayo na? u busisiwe o ku busisayo, u qalekisiwe oku qalekisayo.
10Ulaka luka Balaki lwa vuta kuBalami, wa tyaya izandhla zake wa ti kuBalami, Ngi ku bizele ukuba u qalekise izita zami kepa bheka, u su zi busisile katatu.
11Manjeke baleka u ye endaweni yako; be ngi cabanga ukukunika udumo olukulu; kodwa, uJehova u ku vimbele kulolo dumo.
12uBalami wa ti kuBalaki, A ngi tyongo kuzo izigijimi o bu zi tumile kimina, nga ti.
13Uma uBalaki e ngi nika indhlu yake i gcwele nesiliva negolide, a ngi nakusidhlula isiyalezo sika Jehova, ukwenza okuhle nokubi ngeyami inhliziyo; kodwa oku tyiwo uJehova, i loko e ngi ya kukuluma na?
14Manjeke, bheka, ngi buyela kubantu bami; woza, ngo ku tyela oku ya kwenziwa i laba bantu, kwabako ezinsukwini ezizayo.
15Wa kuluma umfanekiso wake wa ti, uBalami indodana ka Peori u te, nomuntu amehlo ake e vulekile u te;
16U tyilo, o wa zwileyo amazwi ka Tixo, no ku qondileyo ukwazi kopakemeyo, o si bonileyo isiboniso sika Mninimandhla, kungati u file, kodwa amehlo ake e vuliwe:
17Ngi ya kumbona, kodwa qa manje: ngi ya kumbheka, kodwa qa eduze: ku ya kuvela inkanyezi kuJakobe, intonga i ya kuvuka kubaIsraeli, i tyaye amacala akwa Moabi i bulale bonke abantwana baka Seti.
18iEdomi li ya kuba ifa, neSira li ya kudhliwa izita zalo, nabo abakwa Israeli benze o kobuqawe.
19Kwa Jakobe ko puma o ya kubusa, a bulale o ya kusala wa semzini.
20Lapo e buka uAmaleki, wa kuluma umfanekiso wake, wa ti, uAmaleki wa e ngowokuqala, wezizwe; kodwa ukugcina kwake ko ba ukuba a fe ku ze ku be pakade.
21Wa bheka amaKeni, wa kuluma umfanekiso wake, wa ti, Ukuhlala kwako ku namandhla, nesidhleke sako u si faka etyeni.
22Noko o wa seKeni u ya kucitwa, a ze a ku tumbe uAsheri.
23Wa kuluma umfanekiso wake, wa ti, Imbala, ubani o nga pilayo lapo uTixo e kwenza loku na?
24Imikumbi i ya kuvela osebeni lwa se Kittime, i hlupe uAsheri, noEbere, naye futi a fe ku ze ku be pakade.
25uBalami wa vuka, wa hamba, wa buyela endaweni yake; noBalaki wa ya ngeyake indhlela.