1UJEHOVA wa kuluma kuMosi nakuAroni, e ti,
2Bala umumo wa ba kwa Kohati kwa ba kwa Levi ngemindeni yabo, ngendhlu ya oyise.
3Ku qale kwa ba neminyaka e amashumi amatatu naba nga pezulu ku ze ku fike kwa ba neminyaka e amashumi a isihlanu bonke aba ngenayo ebandhleni ukwenza umsebenzi wetabanekele lenhlangano.
4Loku ku ya kuba umsebenzi waba kwa Kohati etabanekeleni lenhlangano ezintweni ezi ingcwele kakulu.
5Ekusukeni kwekamu, ku ya kuza uAroni namadodana ake; behlise indwangu yokumboza, ba mboze umpongolo wemiteto ngayo.
6Ba wembese na ngezikumba zamatahashi be ndhlale pezu kwawo indwangu e luhlaza cwe, ba fake izinti zawo.
7Na pezu kwetebula lezinkwa zoku bhekelwa bendhlale indwangu e luhlaza, ba beke pezu kwayo izitya, nezinkezo namaboli nezindebe, nesinkwa semihla si bekwe pezu kwayo.
8Bendhlale pezu kwalo indwangu e bomvu, ba yimboze yona ngezikumba zamatahashi, ba fake izinti zalo.
9Ba ya kutata indwangu eluhlaza ba mboze uti lwesibani lokukanyisa, namakandelo alo, nezindhlawu zalo, nezitya zamalahle zalo, nezitya zonke zamafuta zalo, aba sebenza ngazo kulo.
10Ba ya kulubeka nezitya zonke zalo, nga pansi kwezikumba zamatahashi, ba ku fake otini lokutwala,
11Nga pezu kwelati legolide bendhlale indwangu eluhlaza ba yimboze ngezikumba zamatahashi ba fake izinti zalo.
12Ba tabate yonke impahla yokukonza aba konza ngayo etabanekeleni; ba yi fake endwangwini eluhlaza ba yimboze ngezikumba zamatahashi ba yi fake otini lokutwala.
13Ba kipe umlota elatini, ba mboze indwangu pezu kwalo.
14Ba beke pezu kwayo zonke izitya zalo aba konza ngazo kulo, nezitya zokutyisela impepo, namabaxa enyama, namaboli, nezitya zelati zonke; ba yimboze ngezikumba zamatahashi, ba fake izinti zalo.
15Lapo uAroni namadodana ake se be qedile ukumboza itabanekele nempahla yonke yalo ekusukeni kwekamu emva kwa loku aba kwa Kohati ba ya kuza ukulitwala; kodwa a ba yi kupata luto oluingcwele funa ba fe. Loku ku umsebenzi waba kwa Kohati etabanekeleni lenhlangano.
16Umsebenzi ka Eleazari indodana ka Aroni umpristi u ya kuba amafuta okukanyisa, nempepo emnandi, nomnikelo wemihla, namafuta okugcoba, nokubheka lonke itabanekele nako konke oku pakati kwalo na sezityeni zalo.
17uJehova wa kuluma kuMosi nakuAroni e ti,
18Ni nga si nqumi isizwe somndeni waba kwa Kohati pakati kwaba Levi.
19Kodwa enzani nje kubo ukuba ba pile ba nga fi impela lapo be sondela ezintweni ezingcwele kakulu: uAroni namadodana ake ba ya kungena, ba be mise, ku be ilowo emsebenzini wake, na semtwalweni wake.
20A ba yi kungena ukubona lapo izinto eziyingcwele zi mbozwa funa ba fe.
21uJehova wa kuluma ku Mosi, e ti,
22Bala umumo waba kwa Gershoni ngezindhlu za oyise ngemindeni yabo.
23U ya kubabala u qale kwa ba neminyaka e amashumi amatatu naba nga pezulu ku ze ku be kwa ba neminyaka e amashumi a isihlanu bonke ku be abangenayo enkonzweni, ukwenza umsebenzi etabanekeleni lenhlangano.
24Lo umsebenzi wemindeni waba kwa Gershoni, ukukonza, nokutwala.
25Ba ya kwetwala izipanyiso zetabanekele, netabanekele lenhlangano, isimbozo salo, nesezikumba zamatahashi ezi nga pezu kwaso, nesipanyiso somnyango wetabanekele, lenhlangano.
26Nezipanyiso zebala nesipanyiso somnyango wesango lebala eli nga setabanekeleni na selatini inxa zonke nezintambo zazo nempahla yonke yokusebenza kuzo nako konke okwenzelwa zona: Ba ya kusebenza konke.
27Njengokutyo ku ka Aroni namadodana ake, ku ya kuba umsebenzi waba kwa Gershoni emitwalweni yonke yabo na semisebenzini yonke yabo, ni ya kubamisa ba gcine imitwalo yonke yabo.
28Lo umsebenzi wemindeni ya kwa Gershoni etabanekeleni lenhlangano: Aba ku gcinayo ku ya kuba pansi kwesandhla sika Itamari indodana ka Aroni umpristi.
29Ku ti amadodana ka Merari u wa bale ngemindeni yawo, ngendhlu ya oyise.
30U ya kuwabala ku qale kwa ba neminyaka e amashumi amatatu naba nga pezulu ku ze ku be kwa ba neminyaka e amashumi a ishlanu, bonke ku be abangenayo enkonzweni ukwenza umsebenzi wetabanekele lenhlangano.
31Iloku aba ya ku kugcina komtwalo wabo, njengomsebenzi wabo wonke etabanekeleni lenhlangano, amaplankwe etabanekele, nezinto zalo, nezinsika zalo, nezisekelo zazo.
32Nezinsika ezi zungeze ibala, nezisekelo zazo, nezikonkwane zazo, nezintambo zazo, kanye nempahla yonke yazo, nomsebenzi wonke wazo: ni bale impahla ngamagama aba yi gcinayo emtwalweni wabo.
33Lo umsebenzi wemindeni yaba kwa Merari, njengomsebenzi wabo bonke etabanekeleni lenhlangano, opansi kwesandhla sika Itamari indodana ka Aroni umpristi.
34uMosi no Aroni nabakulu benhlangano ba bala aba kwa Kohati ngemindeni yabo nangendhlu ya oyise.
35Kwa qala kwa ba neminyaka e amashumi amatatu naba nga pezulu ku ze ku be kwa ba neminyaka e amashumi a isihlanu bonke aba ngenayo enkonzweni yomsebenzi etabanekeleni lenhlangano.
36Bona ababalwayo kubo ngemindeni yabo ba be izinkulungwane ezimbili namakulu a isikombisa, namashumi a isihlanu.
37Laba ibo ababalwayo kubo ngemindeni ya kwa Kohati, bonke aba nga sebenzayo etabanekeleni lenhlangano, ababalwa uMosi noAroni njengokuyala ku ka Jehova ngesandhla sika Mosi.
38Bona ababalwayo ba kwa Gershoni ngemindeni yabo na ngendhlu ya oyise.
39Kwa qala kwa ba neminyaka e amashumi amatatu naba nga pezulu ku ze ku be aba neminyaka e amashumi a isihlanu, bonke abangenayo enkonzweni yomsebenzi etabanekeleni lenhlangano.
40Bona ababalwayo kubo ngemindeni yabo, ngendhlu ya oyise ba be izinkulungwane ezimbili namakulu a isitupa namashumi amatatu.
41Laba ibo ababalwayo bemindeni ya kwa Gershoni kubo bonke aba nga sebenzayo etabanekeleni lenhlangano, aba balwa uMosi noAroni njengokuyala ku ka Jehova.
42Bona ababalwayo bemindeni ya kwa Merari, ngemindeni yabo, ngendhlu ya oyise,
43Kwa qala, kwa ba neminyaka e amashumi amatatu naba nga pezulu ku ze ku be kwa ba neminyaka e amashumi a isihlanu, bonke abangenayo enkonzweni yomsebenzi etabanekeleni lenhlangano.
44Bona ababalwayo kubo ngemindeni yabo, ba be izinkulungwane ezintatu namakulu amabili.
45Labo ababalwayo bemindeni ya kwa Merari, aba balwa uMosi noAroni njengalo izwi lika Jehova ngesandhla sika Mosi.
46Bonke ababalwayo ku ba Levi aba balwa uMosi noAroni nabakulu ba kwa Israeli ngemindeni yabo, ngendhlu ya oyise.
47Kwa qala kwa ba neminyaka e amashumi amatatu naba ne nga pezulu ku ze ku be kwa ba neminyaka e amashumi a isihlanu, bonke abezayo ukwenza umsebenzi wenkonzo no wokutwala etabanekeleni lenhlangano.
48Bona ababalwayo kubo ba be izinkulungwane ezishiyagalombili namakulu amahlanu namashumi a shiyagalombili.
49Njengokuyala ku ka Jehova ba balwa ngesandhla sika Mosi, bonke njengomsebenzi wabo, na njengomtwalo wabo ba balwa njengokutyo kuka Jehova ku Mosi.