1NDODANA yami, uma wamukela amazwi ami, u yi londisise imiyalo yami.
2Ukuze u beke indhlebe yako ekuhlakanipeni, u pendule inhliziyo yako ekuqondeni.
3Yeboke nxa u kalela ingqondo, u pakamisele izwi lako ukwazisisa.
4Uma u ku funa njengesiliva, u ku funisise njengengcebo efihliweyo.
5Kona wo ku bambisisa ukumesaba uJehova, wo ku tola uku m azi uTixo.
6Ngokuba uJehova wo nika ukuhlakanipa, ku puma emlonyeni wake ukwazi nengqondo.
7U ya ba bekela abalungileyo ukusiza, u isihlangu kubo aba hamba ngokulunga.
8A gcine izindhlela zokwahlula, wo yi linda indhlela yabangcwele bake.
9Kona u ya kubambisisa ukulunga nokwahlula nobuqoto, imikondo yonke elungileyo.
10Ngokuba ukuhlakanipa ku za ku ngena enhliziyweni yako, nokwazi ku za kuba mnandi empefumlweni wako;
11Ingqondo i za kukugcina; ukwazisa ko ku londa:
12Ukuze u sindiswe endhleleni yababi, kumuntu o kuluma okupambeneyo;
13Bona aba shiya indhlela yobuqoto, ukuze ba hambe ezindhleleni zobumnyama,
14Aba jabulela ukwenza okubi, betabe ekupambukeni okubi
15Abandhlela zabo zi pambene, na sekuhambeni be dukaduka.
16Ukuze u sindiswe kumfazi o isipingi kuso isifebe esi namazwi epehlwa.
17O shiya indoda yobutya bake, e kohlwa isivumelwano sika Tixo wake.
18Ngokuba indhlu yake i tyonela ekufeni, imikondo yake kwabafileyo.
19Bonke aba ngena kuye, a ba yi ku buya, aba yi ku finyelela kuzo izindhlela zokupila.
20Ukuze u hambe wena endhleleni yabalungileyo, nezindhlela zabalungisayo u zi gcine.
21Ngokuba abaqoto bo hlala ezweni, nabangenacala bo sala kulo.
22Kanti ababi bo nqunywa ezweni, nabonakalayo bo sityulwa kulo.