1UMUNTU o lulekwa kaningi e yenzintamo yake i be lukuni; wo fohlozwa masinyane, ku nga biko ukusinda.
2Ekwandeni kwabalungileyo abantu ba ya jabula; kodwa ku busa ababi, abantu ba ya kala.
3Umuntu o tanda ukuhlakanipa wo jabulisa uyise; kepa o kolana nezifebe wo cita ingcebo.
4Inkosi ngokwahlula i ya qinisa izwe; kepa o yamukela iminikelo u ya li cita.
5O teleza amazwi ngakuye o wakelene naye, u yenekela isihibe ngasezinyaweni zake.
6Ekupambekeni komuntu omubi, si kona isihibe; kepa olungileyo wo hlabelela etabe.
7Olungileyo u yazi indaba yezimpofana; kodwa omubi a ka yi ku qonda ukwazi.
8Abantu bokuhlekisa ba ya vutela ulaka emuzini; kodwa abahlakanipileyo ba ya buyisa ulaka.
9Umuntu ohlakanipileyo e ya ecaleni kanye nomuntu o isiula; wo tukutela a hleke, kodwa akuko ukupeza.
10Abantu begazi ba ya kuzonda olungileyo; kepa abaqoto bo wu funisisa umpefumlo wake.
11Isiula si ya kupumisa lonke ulaka lwaso; kodwa emuva oqondileyo wo linga uku lu tambisa.
12Umbusi u ya yi lalela indaba yamanga na? Zonke izinceku zake zimbi.
13Ompofu nomuntu wempango ba ya hlangana; uJehova u ya kanyisa amehlo abo bobabili.
14Inkosi e bahlula abampofu ngokulungisa, isihlalo sobukosi bayo, so qiniswa ku ze ku be pakade.
15Uswazi nokululeka ko nika ingqondo; kanti umntwana e yekwa nje wo tela unina ihlazo.
16Nxa banda ababi, ukona ku yanda; kodwa abalungileyo bo bona ekuweni kwabo.
17Luleka indodana yako, yo ku pumuza, yebo yo tokozisa umpefumlo wako.
18Nxa si ngeko isibonakaliso, abantu ba yonakala; kepa yena o londa umteto, u busisiwe.
19Inceku a i yi ku lulekwa ngamazwi; noko e zwa, a ka yi ku pendula.
20U ya bona umuntu o tyetya ekukulumeni kwake, ku kona itemba esiuleni, ku naye.
21O yondhla kahle inceku yake, kwa sebuntwaneni, yo ba indodana yake ekupeleni.
22Umuntu o nolaka wo vusa inkani, no vuta ngentukutelo wo vama ukupambeka.
23Ukuzidhla komuntu ko m ehlisela pansi; kodwa umoya otobekileyo wo zuza udumo.
24O hlanganyela isela u ya wu zonda umpefumlo wake; u yezwa isituko kepa a ka si naki.
25Ukwesaba abantu ko beka isihibe; kodwa o temba kuJehova wo gcinwa.
26Baningi aba funa ubuso bombusi; kepa ukulunga komuntu ku vela kuJehova;
27Umuntu onakalayo u isinengiso kwabalungileyo; kanti o qonda ngendhlela u isinengiso kwababi.