1NDODANA yami, u nga kohlwa isifundiso sami, inhliziyo yako ma i londe imiyalo yami.
2Ngokuba ku za kwenezelwa kuwe ubude bezinsuku, neminyaka yokupila, nenhlalo enhle.
3Ububele neqiniso ma ku nga hlukani nawe, ku bope etanyeni yako, ku lobe enhliziyweni yako.
4U ya kufumana umusa nenhlanhla emehlweni ka Tixo nabantu.
5Temba kuJehova ngenhliziyo yako yonke, u ngencike kokwako ukuqonda.
6Ekuhambeni konke kwako u m vume, u ya kuzilungisa izindhlela zako.
7U nga bi ohlakanipileyo emehlweni ako; m sabe uJehova, u dede kokubi.
8Ko ba impiliso emisipeni yako, nokupumula ematanjeni ako.
9M dumise uJehova ngemfuyo yako, na ngolibo lwenzuzo yako yonke.
10Ko ti izinyango zako zi gcwale ubuningi, nezicindezelo zako zi pupume iwaini elitya.
11Ndodana yami u nga ku deli ukutyaya kuka Jehova, u nga nengwa ukukuza kwake.
12Ngokuba uJehova u ya m tyaya yena a m tandayo, njengaloku uyise indodana a yi tandayo.
13U busisiwe umuntu o tolile ukuhlakanipa, umuntu o zuzayo ingqondo.
14Ngokuba itengo yako i lungile ku nentengo yesiliva, nenzuzo yako ku negolide elihle.
15Ku fanelekile ku namaparele, nezinto zonke zako ezi igugu a zi nge lingane nako.
16Ubude bezinsuku, bu sesandhleni sako esokunene kwesokohlo ku kona ingcebo nodumo.
17Izindhlela zako zi izindhlela zobumnandi, nemikondo yonke yako i yinhlalo enhle.
18Ku ngumuti wokupila, kwababambela kuko, wo busiswa o ku bambayo.
19uJehova wa sekela umhlaba ngokuhlakanipa, wa misa izulu ngokuqonda.
20Ngokwazi kwake, amanzi amakulu a ya datyulwa, namafu a consela amazolo.
21Ndodana yami, ma ku nga muki loko emehlweni ako, bambelela ekululekeni na sekuqondeni.
22Ko ba ukupila empefumlweni wako, nobuhle entanyeni yako.
23Wo hamba ngetemba endhleleni yako, nonyawo lwako a lu yi ku kubeka,
24Nxa u lala pansi, a u yi kwesaba; yebo, nxa u lalayo, ubutongo bako bo ba mnandi.
25U nge sabi ivuso eli fika masinya, nokuciteka kwababi lapo ku zayo.
26Ngokuba uJehova u ya kuba itemba lako, wo lu gcina unyawo lwako, lu nga badjwa.
27U nga ba godhli abaniniko okuhle, nxa ku semandhleni esandhla sako ukukwenza.
28U nga tyo kumgane wako ukuti, Hamba u buye, ngi ya kukunika ngomuso; nxa ku kona kuwe.
29U nga m cabangeli okubi o wakelene naye, nxa e hlezi kahle nawe.
30U nga pambani namuntu, kungeko sici, e ngoni nganto kuwe.
31U nga bi namona ngakumuntu o nonya, u nga yi keti nanye yezindhlela zake.
32O pambukileyo u ngonengekayo kuJehova, kodwa imfihlakalo yake i nabalungileyo.
33Isituko sika Jehova si sendhlini yomubi, kanti wo li busisa ikaya labalungileyo.
34Impela abahleki u ya ba hleka, kepa abatobekileyo u ya ba pa umusa.
35Abahlakanipileyo bo li dhla ifa lobukosi, kanti iziula zo tweswa ihlazo.