1NDODANA yami, nxa u mele isihlobo sako, u m tyayelele umfo isandhla sako.
2Nxa u tiywe ngamazwi omlomo wako, u badjwe ngokukuluma komlomo wako.
3Yenza loku pela ndodana yami, u zisindise, ngokuba u zile esandhleni sesihlobo sako; hamba u zikotamise, u si ncenge isihlobo sako.
4U nga niki ubutongo amehlo ako, nokozela izinkope zako.
5Zi sindise njengendhluzele esandhleni, na njengenyoni esandhleni somtiyi.
6Yiya entutaneni wena ovilapayo, u yi bonisise imihambo yayo, u qonde.
7I nge namholeli, nambonisi, nankosi,
8Ehlobo i ya zilungisela isinkwa sayo, ekwindhla i bute ukudhla kwayo.
9We! vila, wo lala ku ze ku be nini? wo vuka nini ebutongweni bako na?
10Ubutongo obuncane ukozela okuncane, ukuhlanganisa izandhla okuncane, ku ze ku lalwe.
11Ko ti ubumpofu bako bu ze njengohambayo, nokudinga kwako njengomuntu o pete isihlangu.
12Umuntu o nga lungele luto u umuntu omubi, o hamba ngokupambuka komlomo.
13E qweba ngamehlo ake, e kuluma ngezinyawo zake, e komba ngeminwe yake.
14Izipambuko zi senhliziyweni yake, o qambokubi, o vusinkani zonke izikati.
15Ngako ukuciteka kwake ko fika masinya; ngokupazima wo pohlozwa, ku nga biko ukusinda.
16Lezi zinto ezi yisitupa uJehova u ya zi zonda, yeboke ezi yisikombisa zi yisinengiso sompefumlo wake.
17Amehlo a zidhlayo, nolimi lwamanga, nezandhla ezi palaza igazi eli nge nacala.
18Inhliziyo e qamba amacebo amabi, izinyawo ezi gijimela ebubini.
19No futa amanga e ngufakazi o qambayo, no qubela inkani pakati kwabazalwane.
20Ndodana yami, gcina umyalo ka yihlo, u nga si deli isifundiso sika nyoko.
21Ku bope enhliziyweni yako njalo, ku tekeleze entanyeni yako.
22Nxa u hambayo ko ku hola, nxa u lalayo, ko ku gcina, nxa u kulumayo ko kuluma nawe,
23Ngokuba umyalo u isibani, nomteto u inkanyiso, neziyalo zokululeka zi yindhlela yokupila.
24Ukuze u gcinywe kumfazi omubi, kubutelezi bolimi lwesifebe.
25U nga kanuki ubuhle baso enhliziyweni yako, ma si nga ku babisi ngezinkope zaso.
26Ngokuba ngenxa yomfazi o isipingi, ku ya sweleka nomtamo wesinkwa, nomkandoda wo tiya umpefumlo o yigugu.
27Umuntu a nga tabata umlilo esifubeni sake, izingubo zake zi nga tyi na?
28Umuntu a nga hamba pezu kwamalahle atyisayo, izinyawo zake zi ngatyi na?
29U njalo yena o ngena kumkamhlobo wake; yena o m namatayo, a ka yi kuba o nge nacala.
30Abantu a ba deli isela nxa leba ukusutisa umpefumlo walo li lambile.
31Kodwa uma li banjwe, lo buyisela ngokwesikombisa, yonke imfuyo yendhlu yalo lo yi nika.
32O pinga nomfazi, u swela ukuqonda; o kwenza loku, u ya cita umpefumlo wake.
33Wo funyana ukutyaywa nokudelwa, nehlazo lake a li yi kuhlangulwa.
34Ngokuba umona u ukutukutelisa kwendoda, a i yi kuyeka ngosuku lokupindisela.
35A i yi ku naka nakunye ukuhlaula, a i yi ku vuma nokuba wandisa iminikelo.