IZIHLABELELO 108
Igama, Isihlabelelo sika Davida.
1TIXO inhliziyo yami i qinisekile; ngo hlabelela ngi tyaye ugubu ngodumo lwami.
2Vuka lugubu, nemvunge; ngo vuka ngovivi lokusa.
3Ngo ku bonga pakati kwabantu, Jehova; ngi hlabelele ngawe ezizweni.
4Ngokuba umusa wako mkulu kwa nga pezu kwezulu; neqiniso lako li semafwini.
5Ma u pakame pezu kwezulu, Tixo; nodumo lwako pezu komhlaba wonke.
6Ukuze otandiweyo wako a sindiswe; sindisa ngesandhla sako sokunene, u ngi lalele.
7uTixo u kulumile ngobungcwele bake; ngi ya kwetaba; ngahlukanise iShekemu, ngi linganise itafa la seSukote.
8E lami iGiladi; e lami iManasa; iEfraimi li ngamandhla ekanda lami; iJuda li ngumyalezi wami.
9iMoabi li imbiza yami yokugeza; ngo tumela pezu kweEdomi isicatulo sami; ngi hube ngenjabulo pezu kweFilisti.
10Ubani o wo ngi holela emzini obiyiweyo? ubani o wo ngi kapela eEdomi?
11A ngi ti uwe, Tixo, o si lahlileyo? a u yi kupumela emabandhleni etu, Tixo, na?
12Ma u si nike ukusiza encingweni; ngokuba ku ize ukusindisa komuntu.
13Ngaye uTixo si ya kwenza ngamandhla; ngokuba u yena o ya ku nyatela pansi izita zetu.
Bible Society of South Africa 1893