IZIHLABELELO 111
1DUMISANI uJehova. Ngi ya kubonga uJehova ngenhliziyo yonke yami ekuhlanganeni kwabangcwele, na semhlanganweni.
2Imisebenzi ka Jehova mikulu, i funwa ibo bonke aba tokoza ngayo.
3Ukwenza kwake ku nodumo nobukosi; ukulunga kwake ku mi pakade.
4U kwenzile ukukunjulwa kwemimangaliso yake; uJehova u nomusa u ya haukela.
5U ba nika ukudhla aba m esabayo; wo kumbula uvumelwano lwake ku ze ku be pakade.
6U ba bonisile abantu bake amandhla emisebenzi yake, uku ba nika ifa lezizwe.
7Imisebenzi yezandhla zake i yiqiniso nokwahlulela; zonke iziyalezelo zake zi qinisile.
8Zi qinile njalo ku ze ku be pakade, zona zenziwe ngeqiniso na ngokufaneleyo.
9Wa tumela abantu bake inkululo, wa yaleza uvumelwano lwake ku ze ku be pakade; li ingcwele li yesabeka igama lake.
10Uku m esaba uJehova ku ngukuqala kokuhlakanipa; ukuqonda okuhle ku kubo bonke a ba zenzayo iziyalezelo zake; ukubongwa kwake ku mi pakade.
Bible Society of South Africa 1893