1BONGANI uJehova ngokuba u lungile; ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
2Bongani uTixo wotixo; ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
3Bongani iNkosi yamakosi; ngokuba umusa wayo u hlezi pakade.
4O wenza imimangaliso emikulu yedwa; ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
5O wenza izulu ngokuqonda; ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
6O wendhlala umhlabati pezu kwamanzi ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
7O wenza izinkanyiso ezinkulu; ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
8Ilanga ukubusa imini; ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
9Inyanga nezinkanyezi ukubusa ubusuku, ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
10O wa tyaya abasEgipite ngamazibulo abo; ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
11Kepa wa kipa uIsraeli pakati kwabo; ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
12Ngesandhla esi namandhla nengalo eyoluliweyo; ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
13O wa hlukanisa ulwandhle olubomvu lu be izinqamu; ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
14Wa welisa uIsraeli pakati kwalo; ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
15Kepa wa m tuntutela elwandhle olubomvu uFaro nempi yake; ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
16O wa e hola abantu bake ehlane; ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
17O wa tyaya amakosi amakulu; ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
18Wa bulala amakosi a namandhla; ngokuba umusa wake u hlezi pakade;
19uSihoni inkosi yamaAmori; ngokuba umusa wake u hlezi pakade;
20NoHogi inkosi ya seBashane; ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
21Wenza izwe labo li be ifa; ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
22Ifa kuIsraeli inceku yake; ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
23O wa si kumbula ekutobekeni kwetu; ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
24O wa si kulula eziteni zetu; ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
25O nika inyama yonke ukudhla; ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
26Bongani uTixo wezulu; ngokuba umusa wake u hlezi pakade.