NgoDavida.
1MA ka bongwe uJehova idwala lami, o ya fundisa izandhla zami ukusondela, neminwe yami ukulwa.
2Umusa wami, nenqaba yami, idwala lami, nomkululi wami; isihlangu sami, yena e ngi tembile kuye; o tobisa abantu bami pansi kwami.
3Jehova, umuntu u yintoni na? ukuba u mazi wena? nendodana yomuntu ukuba u yi kumbule na?
4Umuntu u fana neze; izinsuku zake zi njengetunzi elidhlulayo.
5Tobisa izulu lako, Jehova, wehle; namata izintaba zi tunqe.
6Ponsa izinyazi u ba hlakaze; pumisa imisebe yako, u ba sabalalise.
7Pumisa isandhla sako, u ngi kulule; u ngi sindise emanzini amaningi, esandhleni sabantwana babafo.
8Abamlomo wabo u shumayela ize, nesandhla sokunene sabo si isandhla sokunene senkohliso.
9Tixo, ngo hlabelela kuwe igama elitya; ngi ku gwabele ogubwini olu nezintambo ezi ishumi.
10U ye o nika amakosi ukusindiswa; o kulula uDavida inceku yake enkembeni embi.
11Ngi kulule u ngi sindise esandhleni sabantwana babafo, abamlomo wabo u shumayela ize, nesandhla sokunene sabo si isandhla sokunene senkohliso.
12Ukuze amadodana etu a be njengezilimo ezikulayo ebutyeni bazo; namadodakazi etu a be njengamatye amagumbi a baziweyo ngokomkuba wesigodhlo.
13Ukuze izingobo zetu zi gcwale, zi nikele izinhlobo zonke; ukuze izimvu zetu zande ngezinkulungwane nezinkulungwane ezi yishumi ezindhleleni zetu.
14Ukuze izinkabi zetu zetweswe; ukuze ku nga biko ukuhlakazeka nokupuma; i nga biko insolo ezindhleleni zetu.
15Ba ya busiswa abantu aba nje, ba ya busiswa abantu uJehova o nguTixo wabo.