IZIHLABELELO 15
Isihlabelelo sika Davida.
1JEHOVA, ubani o ya ku hlala etenteni lako na? ubani o ya kwaka entabeni yako e ingcwele na?
2Yena o hamba ngokuqina, enze ukulunga, e kuluma iqiniso enhliziyweni yake.
3A ka hlebi ngolimi, a koni umgane wake, a ka pakamisi ihlazo pezu kwesihlobo sake.
4U delekile emehlweni ake onengekayo; kanti u ya ba dumisa aba m esabayo uJehova. Nxa e fungile ngoku za ku limaza, a ka ku penduli noko.
5A ka niki imali yake ngenzuzo, a kamukeli isipo ngaye onge nacala. Yena o kwenza loku a so ze a zanyazanyiswa napakade.
Bible Society of South Africa 1893