IZIHLABELELO 16
Igama lika Davida.
1NGI londoloze Tixo ngokuba ngi yetemba kuwe.
2Mpefumlo wami, wena u tyilo kuJehova, uku ti, U yiNkosi yami; ukutokoza kwami akuko ngapandhle kwako.
3Kubo abangcwele a ba semhlabeni, nabaqoto, ukutanda kwami konke ku kubona.
4Ziningi izinkatazo zabo aba tyetyela omunye utixo; a ngi yi ku tulula iminikelo yabo yegazi; a ngi yi ku pata amabizo abo ngezindebe zami.
5Jehova, wena u inxenye yesahlulelo sami ne yomkele wami; u qinisa ifa lami.
6Izabelo zami zi ngehlela ezindaweni ezinhle, yebo ngi nalo ifa elitandekayo.
7Ngo bonga uJehova o ngi qondisayo, na sebusuku izinso zami zi ya ngi yala.
8Ngi beke uJehova ngapambi kwami njalo, ngokuba u sesandhleni sami sokunene a ngi yi ku zanyazanyiswa.
9Ngako inhliziyo yami i ya jabula, i yetaba nenkazimulo yami; nenyama yami yo pumula ngokwetemba.
10Ngokuba a u yi ku shiya umpefumlo wami eSheoli; u nga nikeli o ingcwele wako a bone ukubola.
11Wo ngi bonisa indhlela yobomi; ubuningi benjabulo bu sebusweni bako; izintokoziso zi sesandhleni sokunene sako ku be ngunapakade.
Bible Society of South Africa 1893