IZIHLABELELO 20
Kumholi wokuhlabelela. Isihlabelelo sika Davida.
1UJEHOVA ma ka ku lalele ngosuku lwenhlupeko; igama lika Tixo ka Jakobe ma li ku pakamise;
2Ma ka tume kuwe ukusiza ku vele endaweni e ingcwele, a ku pase eZioni;
3A kumbule iminikelo yako yokudhla yonke, a ti i nonile iminikelo yako yokutyiswa; Sela.
4Ma ka ku nike njengenhliziyo yako; a pelelise amacebo ako onke.
5Si ya kwetaba ekusindiseni kwako, si pakamise izibonakaliso egameni lika Tixo wetu; uJehova ma ka gcwalise izicelelo zako zonke.
6Kaloku ngi yazi ukuba uJehova u ya sindisa ogcotyiweyo wake; u ya ku m lalela e sezulwini lake eli yingcwele, ngezenzo ezinamandhla zokululo lwesandhla sake sokunene.
7Abanye, izincwele, nabanye amahashi; kodwa tina so bonga igama lika Jehova uTixo wetu.
8Bona ba ya toba ba we pansi; kepa tina si vukile si mi kahle.
9Jehova, siza, iNkosi ma i lalele ngosuku lokubiza kwetu.
Bible Society of South Africa 1893