Kumholi wokuhlabelela, pezu kwenhlangu yokusa. Isihlabelelo sika Davida.
1TIXO wami. Tixo wami, u ngi shiyelani na? ini ukuba u be kude nokusindiswa kwami, namazwi okububula kwami na?
2Tixo wami, ngi ya kala ngemini, kepa a u penduli; na ngobusuku, a ngi nakutula.
3Kepa wena u yingcwele, o hlezi ezibongweni zabaIsraeli.
4Obaba betu ba be b'etemba kuwe; b'etemba wena, wa ba sindisa.
5Ba kala kuwe, ba sindiswa; ba temba kuwe belu a ka jabanga.
6Kepa mina ngi yimpetu, a ngi siye umuntu; ngi ngukujabisa kwabantu, ngi odeliweyo wabantu.
7Bonke a ba ngi bonayo ba ya ngi hleka; ba ya kamisa izindebe ba nyikinye ikanda.
8Ba ti, wetemba kuJehova, ma ka m sindise; ma ka m kulule, ngokuba wa e m tanda.
9Kepa uwena o ngi pumisile esiswini wa ngetembisa ngi semabeleni aka mame.
10Nga lahlelwa pezu kwako kwa sesiswini; u nguTixo wami wena kwa sesiswini sika mame.
11U nga bi kude nami; ngokuba inkatazo i seduze; ngokuba amuko osizayo.
12Izinkunzi eziningi zi ya ngi zungeza; ezi namandhla za seBashani zi ya ngi haqa.
13Zi ya ngi kamisela umlomo wazo, ibubesi eli dwebayo eli gwavumayo.
14Ngi teliwe njengamanzi, amatambo ami onke a hlukene; inhliziyo yami i njengesikupa, i ncibilikile pakati kwami.
15Amandhla ami omile njengodengezi; nolimi lwami lu namatele emihlatini yami; wena u ya ngi beka otulini lokufa.
16Ngokuba izinja zi ya ngi zungeza; umbonda wababi u ya ngi haqa; njengengonyama ezandhleni zami nasezinyaweni zami.
17Ngi ya bala onke amatambo ami; ba ya buka ba qolozela kimi.
18Ba hlukanisa izingubo zami pakati kwabo; nasezambatweni zami ba ponsela inkato.
19Kepa wena, Jehova, u nga bi kude; Mandhla ami tyetya uku ngi siza.
20Sindisa umpefumlo wami enkembeni; ukupila kwami oku kodwa esandhleni senja.
21Ngi sindise emlonyeni wengonyama; u ngi zwile wena ezimpondweni zezinyati.
22Ngo shumayela igama lako kubafo wetu; ngi bonge wena pakati kwebandhla.
23Nina e nesaba uJehova, mu bongeni; nina nonke nzalo ka Jakobe mu dumiseni; nesabe pambi kwake nonke nina nzalo ka Israeli.
24Ngokuba wa e nga deli, wa e nga nengwa inhlupeko yohlupekayo; a ka sibekelanga ubuso bake kuye; nasekuncengeni kwake kuye, wezwa.
25Ukubonga kwami ko ba ngawe emhlanganweni omkulu; izifungo zami ngo zi koka pambi kwa ba m esabayo.
26Abatambileyo ba ya kudhla, besute; ba ya kumbonga uJehova bona aba m funayo; izinhliziyo zenu ma zi pile ku ze ku be pakade.
27Imikaulo yonke yomhlaba yo kumbula i buyele kuJehova imindeni yonke yezizwe yo kotama pambi kwako.
28Ngokuba umbuso u ngowake uJehova; yena u ya busa ezizweni.
29Ba ya kudhla ba kotame bonke abanotileyo bezwe; bonke a b'eukela otulini ba ya kuguqa pambi kwako; a kako o nga pilisa umpefumlo wake.
30Inzalo i ya kumkonza, ku ya kushunyayelwa ngayo iNkosi kuzo izizukulwane.
31Ba ya kuza ba tyele ukulunga kwayo kubantu, a ba za ku zalwa, ukuba y'enza loku.