IZIHLABELELO 3
Isihlabelelo sika Davida ekubalekeni kwake ebusweni buka Absalomu indodana yake.
1JEHOVA, izita zami z'andile kangaka! baningi aba ngi vukeleyo.
2Baningi a ba tyo kuwo umpefumlo wami, ukuti, Akuko kuye ukusinda kuTixo. Sela.
3Kepa wena Jehova u isihlangu esi ngi pahlayo; u ngukukazimula kwami, nopakamisa ikanda lami.
4Ngezwi lami ngi ya kala kuJehova, yena u ya ngi zwa e sentabeni yake e yingcwele. Sela.
5Nga lala pansi nga ba nobutongo nga vuka; ngokuba uJehova wa e ngi pete.
6A ngi yi kwesaba ngabantu aba izinkulungwane ezi ishumi aba ngi vimbezelayo.
7Vuka Jehova, u ngi sindise Tixo wami; ngokuba u tyaye zonke izita zami emhlatini; u wa pulile amazinyo ababi.
8Ukusindiswa ku kuye uJehova; ubusiso lwako lu pezu kwabantu bako. Sela.
Bible Society of South Africa 1893