NguDavida.
1U NGA zikatazi ngabo abonakalisayo; u nga bi namona ngabo a benza okubi.
2Ngokuba ba ya kusikwa masinyane njengotyani, ba bune njengedhlelo eliluhlaza.
3Temba kuJehova wenza okulungileyo, hlala ezweni, u dhle ukukoleka.
4Zitokozisa ngaye uJehova, ku ya kuti a ku nike izicelelo zenhliziyo yako.
5Ginqa indhlela yako pezu kuka Jehova, u m etembe, yena wo kwenza.
6U ya kuti a veze ukulunga kwako njengokukanya, nokwahlulelwa kwako njengemini.
7Tula pambi kuka Jehova, u hlalele yena; u nga zikatazi ngaye o cumileyo endhleleni yake, ngaye umuntu o wenza amacebo.
8Yeka intukutelo u peze ulaka, u nga zikatazi nakanye ngokwenza okubi.
9Ngokuba abenza okubi ba ya kunqunywa; kepa bona a ba m etemba uJehova ba ya kudhla izwe.
10Se ku umzuzwana omubi a nga be e sa bako; wena wo hlola indawo yake i nga bi i sa ba ko yona.
11Kepa abatobekileyo ba ya kudhia izwe, ba zitokozise ngokutula okukulu.
12Omubi u ya ceba ngaye olungileyo, a gedhle amazinyo ake pezu kwake.
13iNkosi i ya m hleka, ngokuba i ya bona ukuba usuku lwake lu yeza.
14Ababi ba ya koka inkemba, ba ya gobisa umcibityelo wabo ukuwisa pansi ompofu nodingayo; nokubulala abaqondileyo endhleleni.
15Inkemba yabo yo ngena enhliziyweni yabo, yo ti yapuke imicibityelo yabo.
16Okuyincozana kolungileyo kuhle ku nengcebo yababi abaningi.
17Ngokuba izingalo zababi zi ya kwapulwa; kanti uJehova u ya pasa abalungileyo.
18uJehova u ya zazi izinsuku zabaqoto; ko ti ifa labo li hlale ku ze ku be pakade.
19A ba yi ku jaba ngesikati esibi, na ngezinsuku zendhlala bo suta.
20Ngokuba ababi ba ya kububa, nabazondi baka Jehova bo ba njengobuhle bamadhlelo, ba ya kunyamalala, ba nyamalale njengomusi.
21Omubi u ya tyeleka e nga buyiseli, kanti olungileyo u ya haukela a pe.
22Ngokuba ababusisiweyo bake ba ya kuba nezwe, kanti abatukiweyo bake bo nqunywa.
23Izinyatelo zomuntu olungileyo zi ya qiniswa nguJehova; yena u ya tanda indhlela yake.
24Uma e wa, a ka ya ku wa pansi impela; ngokuba uJehova u ya m pasa ngesandhla sake.
25Nga be ngi mutya, kaloku ngi mdala; kepa a ngi za nga ngi bona olungileyo e shiyiwe, nenzalo yake i panzela ukudhla.
26Imihla yonke u ya haukela a tyeleke; inzalo yake i nokubusiswa.
27Deda kuko okubi, wenze okulungileyo; u hlale njalo.
28Ngokuba uJehova u ya tanda ukwahlula, yena a ka shiyi abangcwele bake; ba ya londolozwa njalo; kanti inzalo yababi i ya nqunywa.
29Abalungileyo ba ya kudhla izwe, ba hlale kulo ku ze ku be pakade.
30Umlomo wolungileyo u ya kuluma ukuhlakanipa, nolimi lwake lu ya shumayela ukwahlula.
31Umteto ka Tixo wake u senhliziyweni yake; izinyatelo zake a zi yi ku nyakaza.
32Omubi u ya camela olungileyo, a fune uku m bulala.
33uJehova a ka yi ku m shiya esandhleni sake, futi a ka yi ku m lahla ekwahlulweni kwake.
34Temba kuJehova, u londe indhlela yake, yena wo ku pakamisa ukudhla izwe; ekunqunyweni kwababi u ya kubona wena.
35Ngi bone omubi e umhlupi, wenaba njengomuti wezwe oluhlaza;
36Wa dhlula noko, bhekake! akako; nga ti nga m funa, kepa wa be e nga sa funyanwa.
37Qonda o peleleyo, u bone oqoto; ngokuba ukupela kwa lomuntu ku ukutula.
38Kanti abapambekayo ba ya kubujiswa kanye; ukupela kwababi ku ya nqunywa.
39Kepa ukusindiswa kwabalungileyo ku vele kuJehova; u yinqaba yabo nge sikati sokuhlupeka.
40Yena uJehova u ya ba siza a ba kulule; u ya ba kulula kubo ababi, a ba sindise, ngokuba ba yetemba yena.