Kumholi wokuhlabelela, kuwo amadodana aka Kora, Igama lokuqondisa.
1TIXO si zwile ngezindhlebe zetu, obaba ba si tyelile ngokwenza o wa kwenza emihleni yabo, emihleni ya sendulo.
2Wena wa xotya izizwe ngesandhla sako, wa tyala bona; wa cita abantu bazo, wa ba kipa.
3Ngokuba a ba zuzanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo a i ba sindisanga; kanti isandhla sokunene sako, nengalo yako, nokukanya kobuso bako, ngokuba wa u nobunene kubo.
4Wena u iyo iNkosi yami, Tixo; yaleza ukukululwa kuka Jakobe.
5Ngawe so kapeza izita zetu; ngegama lako so nyatela pansi bona abasivukelayo.
6Kepa a ngi yi kwetemba kuwo umcibityelo wami; nenkemba yami a i yi ku ngi sindisa,
7Loku wena u si sindisile eziteni zetu; wa jabisa bona abasizondayo.
8So hubela uTixo imihla yonke, si bonge igama lako ku ze ku be pakade. Sela.
9Loku u si lahlile, u si jabisile, futi u nga hambi namabandhla etu;
10U si nqandile eziteni zetu; kwa ti abasizondayo ba panga ngokwabo;
11U si nikile njengezimvu zokuhlatywa, u si hlakazile ezizweni.
12U tenga abantu bako ngokungacebisiyo, u nga zuzanga ngentengo yabo;
13U si bekile si be ukuhlakazeka kubo e sakelene nabo; isihlekiso, nesidelelo kubo a ba si zungezayo;
14U si bekile si be isiqango ezizweni, ukuqekuza kwekanda pakati kwabantu;
15Ukujaba kwami ku pambi kwami, nezinhloni zobuso bami zi ngi sibekele,
16Ngezwi lojezisayo nofenyisayo, ebusweni bozondayo nopindiselayo;
17Loku konke ku fikile pezu kwetu; kepa a si ku kolwanga, a si kohlisanga ngesivumelano sako.
18Inhliziyo yetu a i buyelanga emuva, ukupambukisa izinyatelo zetu endhleleni yako;
19Loku u si cobozile endaweni yamakanka, u si sibekele ngetunzi lokufa.
20Uma si kohlwe igama lika Tixo wetu, noma si zelule izandhla zetu kutixo wezizwe;
21uTixo a ka yi ku hlola loku na? ngokuba yena u ya zazi izimfihlakalo zenhliziyo.
22Ngokuba ngenxa yako si ya bulawa imihla yonke; ku tiwa si yizimvu zokuhlatywa.
23Vuka, Nkosi, u laleleni na? papama, u nga si lahli ku be ngunapakade.
24U ya fihla ubuso bako, u kohlwe inhlupeko yetu nokukatazeka kwetu ngani na?
25Ngokuba umpefumlo wetu u koteme otulini; isisu setu si namatele emhlabatini.
26Vuka ngokusisiza, u si kulule ngenxa yomusa wako.