IZIHLABELELO 60
Kumholi wokuhlabelela ngetilongo lokuhlabelela. Igama nguDavida lokufundisa; ekulweni kwake eMesopotamia neAram-zoba lapo uJoabi wa buya wa tyaya eEdomi etafeni lika sawote aba izinkulungwane ezi ishumi neshiyagalombili.
1TIXO u si lahlile, u si hlakazile, u bu tukutele; ma u buyele kiti.
2U zamazisile izwe, u li dabulile; lungisa izimfa zalo; ngokuba li ya zamazama.
3U bonisile abantu bako okulukuni; u si puzisile iwaini lokudengezela.
4U nikile bona aba kwesabayo isiboniso, si pakanyiswe pambi kweqiniso. Sela.
5Ukuze abatandiweyo bako ba kululwe; sindisa ngesandhla sokunene sako, u ngi zwe.
6uTixo u kulumile ebungcweleni bake; Ngi ya kwetaba, ngahlule iShekemi, ngi linganise itafa la seSukoti.
7E lami iGiladi, e lami iManasa nalo; futi iEfraimi li amandhla ekanda lami; iJuda li umsila wokubusa kwami.
8iMoabi li ukamba lwami lokugeza; pezu kwEdomi ngo ponsa isicatulo sami; Filistia yetaba pezu kwami.
9Ubani wo ngi holela emzini o yinqaba na? ubani wo ngi kapela eEdomi na?
10A si uwe, Tixo, o be e si lahlile na? a si uwe Tixo o wa e nga hambi empini yetu na?
11Ma u senzele ukusiza ekuhlupekeni; ngokuba ku ize ukusindisa komuntu.
12NgoTixo, si ya kwenza ngamandhla, ngokuba yena wo nyatela pansi izita zetu.
Bible Society of South Africa 1893